INingizimu Afrika isebenzisa imali eningi ukunakekela izingane ezihluphekayo kodwa akubonakali, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Mkhulu umonakalo owenzeka ezinganeni ezikhula zihlupheka, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMBIKO weNelson Mandela Children’s Fund ngesimo sokuhlupheka kwezingane zaseNingizimu Afrika uyisikhumbuzo sokuthi leli zwe linemali yokumelana nezidingo nezinkinga zalo. Ingqinamba wukuthi imali ekhona ayisetshenziswa ngendlela. Ngamanye amazwi, indlela esetshenziswa ngayo ayinamphumela omuhle nobonakalayo.

Yilesi sizathu esenza ohulumeni bakwamanye amazwe babemanqika ukusiza iNingizimu Afrika. Loku kwagqama kakhulu ngesikhathi kusaphethe uMnu uJacob Zuma, lapho izikhulu zombuso wamazwe embumba exube iNgilandi, phecelezi i-United Kingdom, zakhomba ukuthi imali uhulumeni wazo ayeyinika iNingizimu Afrika yayilingana nesamba esasetshenziswa ngokungekho emthethweni ukuthuthukisa umuzi kaZuma eNkandla.

Ohulumeni bakwamanye amazwe bathi leli zwe linayo imali. Uhulumeni waseNingizimu Afrika uhamba phambili e-Afrika ngokuqoqa imali yentela. Loku kukalwa ngokusebenzisa ingxenye yomkhiqizo womnotho wezwe, phecelezi i-GDP.

INingizimu Afrika iqoqa isamba sentela esilinganiselwa ku-25% we-GDP ngonyaka, liphinde liboleke ezimakethe zezimali esinye esilinganiselwa ku-3% we-GDP. Loku kusho ukuthi unyaka nonyaka lisebenzisa isamba esicishe sifinyelele ku-30% wengxenye yomkhiqizo womnotho wezwe.

Noma kuyiqiniso ukuthi iNingizimu Afrika ibhekene nezinkinga ezinkulu, umsuka wazo owadalwa ukubandlululwa kwabantu abamnyama ezweni, nokho yisamba esikhulu kakhulu lesi uhulumeni uhulumeni anaso, ikakhulukazi uma siqhathaniswa namanye amazwe ase-Afrika.

Okunye wukuthi ukuba le mali ibisetshenziswa ngendlela nangokucophelela ngabe mkhulu umehluko obonakalayo ngokuthuthukiswa kwaleli zwe, ikakhulukazi ukunciphisa isibalo sabantu abahluphekayo. 

Umbiko weNelson Mandela Children’s Fund uthi uhulumeni usebenzisa u-R656 billion ngonyaka ukubhekana nenhlupheko yezingane. Lesi samba silinganiswa nengxenye engu-9.8% we-GDP, okuyinani elicishe liphindwe kabili kunelamazwe asethuthukile angamalungu enhlangano ebizwa nge-Organisation for Economic Co-operation and Development.

Phezu kwalesi samba esisetshenziswa wuhulumeni abantu bamabhizinisi baphinde bafake u-R831 million emkhankasweni wokulwa nokuhlupheka kwezingane. Izinhlangano ezingenzi nzuzo zona zisebenzisa phakathi kukaR2bn noR21bn ngonyaka.

Kepha inani lezingane ezihluphekayo kuleli lilinganiselwa ku-13 million, okwu-20% wabobonke abantu bezwe (abawu-63m).

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/10/ziyasiza-izigidi-eziphakela-izingane-ezikoleni-kodwa-izinkomba/

Lo mbiko ukhishwa nje izinhlangano ezilwela amalungelo abantu nezinye ziphezu komkhankaso wokuphoqa uhulumeni ukuthi unyuse imali yokuxhasa izingane futhi usungule olunye uhlelo lomxhaso ozonikwa bonke abantu abangaphezu kweminyaka ewu-18 kodwa abangakafiki eminyakeni yempesheni.

Lezi zinhlangano zithi ziyadingeka lezi zinyathelo njengoba izwe libhekene nokushoda kwamathuba emisebenzi. Isibalo sabantu abantula umsebenzi kuleli zwe sibalelwa phakathi kuka-33.5% no-42.6% wabantu abathathwa ngokuthi kufanele ngabe bayasebenza, kuye ngokuthi nhloboni yesikali esisetshenziswayo. 

Lesi sikali sibeka iNingizimu Afrika phezulu ohlwini lwamazwe anenani elikhulu labantu abantula imisebenzi. 

Abantu abathathwa njengezisebenzi balinganiselwa ku-25m, okuyisibalo esishiya ngaphandle abantu abangaphansi kweminyaka engu-15, nabangaphezu kuka-64 weminyaka. Siphinde sishiye ngaphandle abasesikoleni nasezikhungwin zokuqeqesha nemfundo ephakeme, njengamanyuvesi.

Ukuntuleka kwemisebenzi ngesinye sezizathu zesibalo esiphezulu sezingane ezihluphekayo. I-Children’s Fund ithi mkhulu umonakalo odalwa wukukhula uhlupheka. Ingxenye enkulu yalo monakalo ithinta namathuba ezomnotho, ikakhulukazi lawo abhekene nokukwazi ukungenisa imali yokuziphilisa.

Bukhulu ubufakazi obuveza ukuthi iningi labantu abantula umsebenzi yilabo abakhula behlupheka. Izingane ezikhula zihlupheka zivame ukungaphothuli isikole, kuthi noma zaphothula uMatikuletsheni kodwa zingedluleli ezikhungweni zemfundo ephakeme. Ingxenye yeziqhubekayo, igcina ishiye phakathi.

Imininingwane yeStatistics South Africa (iStats SA) ngesimo semisebenzi ikhomba ukuthi abantu abangaphothulanga isikole bayingxenye enkulu yabantula imisebenzi, kulandele abanoMatikuletsheni kodwa abangaqhubekelanga ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Imininingwane emisha nje ngesimo semisebenzi ekhishwe yiStats SA iveza ukuthi siwu-35.8% isibalo sabantu abanoMatikuletsheni abantula umsebenzi ekupheleni kwangoJuni wango-2024. Abangaphothulanga uMatikuletsheni nabaphuma emabangeni aphansi bebelinganiselwa ku-39,3%.

Umbiko weChildren’s Fund uveza nokuthi abantu abakhule behlupheka bavame ukuhola kancane kunabasemakhaya afudumele. Ulinganisa ukuthi bahola imali engaphansi ngesibalo esilinganiselwa ku-27% kunabasemakhaya adla kahle. Leli gebe liphinde landiswe wumehluko ngamazinga emfundo.

Abantu abakhula behlupheka, kodwa baya ezikhungweni zemfundo ephakeme, bahola kangcono kunabangazange balunguze kulezi zikhungo.

Lo mbiko uthi esinye sezizathu zaleli gebe wukusondela komuntu emathubeni omsebenzi. Umuntu ophuma ekhaya elifudumele uvame ukubanoxhaxha lwabantu abangamvulela, noma bamkhombe, emathubeni omsebenzi. Okunye wukuthi abavela emakhaya adla kahle bavame ukuthola amathuba okucijisa nezinye izingxenye zabo ezingafundiswa ezikhungweni zemfundo.

Nokho zibalulekile lezi zingxenye ngoba zibawusizo olukhulu kumuntu osemusha oqala ukusebenza futhi zivame ukuqashelwa kakhulu ngabaqashi. Lapha singabalula indlela yokuziphatha emsebenzini, ikakhulukazi phambi kwabaphathi nabalingani, nendlela umuntu akhuluma ngayo emihlanganweni nabalingani.

Ngamanye amazwi, ukukhula ekhaya elihluphekayo akugcini nje ngokunciphisa amathuba omsebenzi kepha futhi kunganciphisa nawenqubekelaphambili nakumuntu osewutholile umsebenzi. 

Loku kukhomba umonakalo emathubeni esizwe sabantu abamnyama odalwa wukungaphathwa ngendlela kwezimali zikahulumeni yizikhulu nosopolitiki.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page