URamaphosa noKhongolose babhekene nenkanankana yobambiswano ngokusimama komnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane
LIKHULU ithemba ngekusasa lomnotho weNingizimu Afrika uhulumeni, oholwa wuMengameli uMnu Cyril Ramaphosa, olibeka empumelelweni yokuphatha izintambo zombuso ngokubambisana kwamaqembu epolitiki.
Ethula inkulumo yakhe ye-Medium Term Budget Policy Statement (iMTBPS) izolo uNgqongqoshe weziMali uMnu Enoch Godongwana ukhombe ukubunjwa kombuso wobambiswano njengesinye sezizathu zokunyuka kwethemba ngekusasa lomnotho wezwe.
Inkulumo kaGodongwana ilandela imibiko yokuthi abezomnotho, ikakhulukazi osomabhizinisi, bakujabulela ukubunjwa kombuso wobambiswano.
Okunye wukuthi kunemibiko ethi ucwaningo lwabavoti lwathola ukuthi bakujabulela nabo loku, kangangokuthi enyuka amaphesenti abavoti abathi bangavotela amaqembu angamalungu alo mbuso, ikakhulukazi i-ANC neDA.
Kuyinkinga nokho ukubeka amathemba ngekusasa lomnotho embusweni wobambiswano. Zimbili izizathu zaloku. Esokuqala wukuthi usemusha lo mbuso. Loku kusho ukuthi kusazothatha isikhathi ukuthi amaqembu awubumbile azwane amandla aze afinyelele esigabeni lapho esekwazi ukubambisana noma engaboni ngaso linye ngeminye imigomo.
Esesibili, impumelelo yombuso wobambiswano incike kakhulu kuRamaphosa. Okokuqala, uRamaphosa kufanele akwazi ukwenza i-ANC ihlale ibumbene, iseka umbuso wobambiswano, okungelula.
Okwesibili, kufanele ikwazi ukuphatha umbuso wobambiswano ngesandla esiqotho. Loku kuchaza ukuthi kufanele abewumholi ophatha ngendlela engakhombisi ukuchema neqembu lakhe. Kufanele akhombise ukulalela imibono yamaqembu abumbe umbuso wobambiswano, ikakhulukazi uma kuyimibono ehlukayo kweyeqembu lakhe.
Ngenxa yokuthi umbuso wobambiswano usenezinyanga ezimbalwa wasungulwa, konke loku akukenzeki. Isibonelo sakwamanye amazwe ngemibuso yobambiswano sikhomba ukuthi zonke lezi zinto zithatha isikhathi ukufezeka.
Ezinsukwini ezidlule sekubenezinkomba zokuthi alukaqini ukhakhayi embusweni wobambiswano wakuleli zwe. Kuvela ukuthi amalungu awumgogodla wombuso wobambiswano, i-DA ne-ANC, awaboni ngaso linye ngeminye imigomo.
Ngesonto elidlule la maqembu ajikijelene ngamagama ayiziswana emva kokuthi umholi weDA uMnu uJohn Steenhuisen egxeke inkulumo kaRamaphosa eRussia, emva kokuthi encome uMengameli waseRussia uMnu uVladimir Putin, wambiza ngomngani weNingizimu Afrika.
IHhovisi likaMengameli liphoqeka ukucacisa ukuthi ubeqondeni. Lithi ubesho ukuthi njengoba iNingizimu Afrika ingenawo amazwe ewathatha njengezitha futhi umgomo wayo kwezobudlelwano namanye amazwe oncike ekungachemini, ithatha amazwe angamalunga eBrics njengabangani.
Emva kwalesi sigameko iDA iphinde yatholana phezulu noRamaphosa. Loku kudalwe yisimemezelo sikaNgqongqoshe weziNdaba zaseKhaya uMnu uLeon Schreiber ethi usesayine isivumelwano sama-visa nozakwabo wase-Ukraine, izwe alichaze ngokuthi liwumhlobo weNingizimu Afrika. I-Ukraine ibambene ngezihluthu neRussia.
Okhulumela uRamaphosa uMnu uVincent Magwenya uphendule wathi akucaci ukuthi uSchreiber angamemezela kanjani lesi sivumelwano engakayitholi imvume kamengameli. Umgomo owengamela lolu hlobo lwezivumelwano uthi ongqongqoshe kufanele bazethule kumengameli kuqala bese zimenyezelwa emva kokuthi esesayinile ukuthi uyaziphasisa.
Loku kuhilizisana kukhomba ubunzima obubhekene nombuso wobambiswano, ikakhulukazi phakathi kwe-ANC neDA, okuyiwo awumgogodla walo mbuso. I-ANC yathola amavoti awu-40%, kwathi iDA yalala isibili ngo-21.8%.
Yingakho-ke kuyinkinga ukubeka ithemba ngekusasa lomnotho wezwe empumelelweni yombuso wobambiswano, ikakhulukazi ekuseni kangaka emlandweni wawo.
Umqulu weMTBP okhishwe wumnyango weziMali izolo uthe ukubumba umbuso wobambiswano kwabayinkomba yokuthi uMthethosisekelo wezwe usebenza ngendlela.
Ubeke nokuthi ukubumba lombuso kwaqinisa idolo osomabhizinisi ngekusasa lomnotho, okuyinto othe ilindeleke ukuthi iseke umnotho wezwe eminyakeni ezayo.
Kuyinkinga loku uma kubhekwa ngeso eliphinde libuke izingqinamba ezibhekene nezwe, ikakhulukazi ezidinga isandla sikahulumeni. Umqulu othulwe wumNyango weziMali uzibeke obala lezi zinkinga. Ukusombulula kwazo kungandisa amathuba okungqubuzana kwamalungu ombuso wobambiswano.
Inkinga ehamba phambili yizinga elincane lokukhula komnotho. Isibikezelo salo mnyango sithi umnotho wezwe uzokhula ngo-1.8% eminyakeni emithathu ezayo. Noma linyukile leli zinga uma liqhathaniswa neleminyaka emithathu edlule (elaliwu-1.2%), alenele izidingo zezwe.
Lo mnyango ukhombe isibalo sabantu abantula umsebenzi, othe sesifinyelele ku-33.2%. Ukwehlisa lesi sibalo kufanele umnotho wezwe unyuse izinga lawo lokudala amathuba emisebenzi futhi kufanele kubhekwe nokunyuswa inani labantu abasungula amabhizinisi amancane nokwandisa izisebenzi eziqashwe ngamabhizinisi angabhalisiwe ayizinkampani, phecelezi i-informal sector.
Konke loku kudinga ukuthi kwenziwe izinguquko ekusebenzeni komnotho wezwe nokulawulwa kwawo. Noma sezenziwe lezi zinguquko akunasiqiniseko nokho sokuthi izinga lokukhula komnotho wezwe liyofezeka.
Owayewusopolitiki nosomabhizinisi eNgilandi uMnu Edmund Dell wayichaza le nkinga encwadini yakhe ngomlando wongqongqoshe beziMali baseNgilandi ethi The Chancellors.
Wathi umnotho wezwe uzithathela isikhathi sawo, kuye ngesimo sonyaka nonyaka. Nalesi simo akuyona into engaziwa ngaphambi kwesikhathi. Wathi akumukeleki loku kosopolitiki ngoba bafuna ukuthi umnotho “uphendule” ngesikhathi esihambisana nezidingo zabo.
Wayechaza ukuthi usopolitiki ophethe ufuna umnotho wezwe ukhule ngamandla ngesikhathi kusaphethe yena ukuze kube wuye onconywa ngokunyusa izinga lokukhula komnotho wezwe.
Yileyo nkinga-ke ebhekene noRamaphosa neqembu lakhe. Lesi siwombe sombuso ngesokugcina kuyena. Noma engeke asho esidlangalaleni kodwa unesifiso sokwaziwa njengomengameli owaguqula isimo somnotho weNingizimu Afrika, wanyusa izinga lokukhula kwawo emva kweminyaka engaphezu kwewu-13 ushaya ngonyawo lonwabu.
Ngokunjalo nekusasa leDA lizoncika empumelelo yokuguqula isimo somnotho wezwe, okuyinto engandisa ukuhilizisana ne-ANC uma ingenzeki, ikakhulukazi kuseneminyakana ngaphambi kokhetho lezwe lonke ngo-2029.
