Kufanele siqhubeke nokulungisa izinto ezikhinyabeza ukusimama komnotho, kuloba uBusi Mavuso
IZINTO ezinhle eziqhamuka noHulumeni woBumbano ziyaqhubeka. Ngesonto elidlule kushicilelwe imithetho emisha osekuzosetshenzelwa phezu kwayo ukukhipha ama-visa abasebenzi abanamakhono adingekayo nokulungisa enye yezinto ebeziyingqinamba enkulu emabhizinisini.
Le ndlela entsha yokuhlinzeka ama-visa esebenza ngamaphuzu yiyona efanele futhi engacwasi yokuhlola ukuthi ufanele yini umuntu ukunikwa imvume yokuzosebenza lapha ezweni, nokwenza kubelula ezinkampanini ukuthola amakhono eziwadingayo ukukhulisa umsebenzi.
Uma kuhlanganiswa umsebenzi oncomekayo owenziwe wumNyango wezaseKhaya, kuthenjwa ukuthi le mithetho emisha izokwenza kubelula ukuthola amakhono. Iyamangalisa indlela osekuxazululwe ngayo izingqinamba zama-visa.
IHhovisi likaMengameli lihlawumbisela ukuthi kubakhona cishe umsebenzi owodwa owakhekayo njalo uma kugcwaliswa isikhala somuntu onekhono elinqabile. Ucwaningo elalwenza ngonyaka odlule lwalinganisa ukuthi izingqinamba zama-visa kwakuyisona sizathu sesibili esinqinda umnotho kulandela ukucinywa kukagesi, okwakuhamba phambili.
Uma sibheka ukuthi ngesonto elidlule kuhlangane izinsuku eziwu-200 ugesi ungacinywa, izinto ezimbili ebezihamba phambili ekunqindeni umnotho ziyalunga.
Lezi zinguquko aziyona imigomo emisha, ukukhipha ama-visa ngokusebenzisa amaphuzu nama-visa okuthi abantu abasebenzela emakhaya bakwazi ukuza ethulwe ngesonto elidlule iyingxenye yezinguquko ezinqala ezenziwe wuhulumeni ophumile ngaphansi kohlelo i-Operation Vulindlela.
Le migomo yamenyezelwa ngoMeyi ngonyaka odlule ihambisana nesikhathi esabekelwa umNyango wezaseKhaya ukuthi uzethule.
Ukukhipha ama-visa kusetshenziswa amaphuzu kwabekelwa iminyaka emibili ukuthi kuqale ukusebenza, ngakho isimemezelo sangesonto elidlule siyahambisana naloku. Unjena-ke uhulumeni osebenza kahle.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/08/04/luyancomeka-usizo-oluqhamuke-nomboweni-nethimba-lakhe-kuloba-ubusi-mavuso/
Kubekuhle ukubona kuboshwa abanye abantu ngesonto elidlule mayelana nenkohlakalo yethenda e-Eskom, okungenye yezinto eziphazamisa ukusebenza kwale nkampani. Amaphoyisa abophe abantu abayisithupha abayingxenye yezinkampani ezathola amathenda e-Eskom ngokuthumela imininingwane engelona iqiniso ngamabhuku azo nangobunikazi bazo.
Lena ngeminye yemizamo eyenziwa yi-Eskom nezinhlangano zamabhizinisi esiyenze ukuthi kubanjwe inkohlakalo ehlasele kule nkampani. I-Business Leadership South Africa (i-BLSA) iyayeseka kakhulu le mizamo. Nokho-ke yize siphumelela kodwa kufanele singakhohlwa yizinselelo ezisasihlalele. Amabhizinisi akhathazekile ngenkinga yamanzi ezizindeni zomnotho. Sekukaningi amanzi eshoda eGoli futhi sekubenezikhawu ezimbalwa lapho izinto zicishe zibhede unomphelo.
Kuthiwa kungenzeka amanzi aphele nya kungekudala ngaphandle uma kuwukuthi umasipala uzokwazi ukwenza okufanele mayelana nokunakekela ingqalasizinda.
Kuyoba kubi loku uma ucabanga ukuthi iJohannesburg Water ilinganisa ukuthi idinga u-R24 billion ukulungisa zonke izinkinga ezikhona ngengqalasizinda kodwa isabelomali sayo wu-R1.2bn. Imali efisa ukuyisebenzisa ukuvuselela ingqalasizinda iwu-2% wenani lezimpahla zayo eziyingenisela imali kodwa sekunesikhathi isebenzisa u-0.5%.
Isimo sibhebhezelwa wukwanda kwesibalo sabantu nokunganakwa kwengqalasizinda.
Uhulumeni usuzamile ukubhekana nengqalasizinda yamanzi. Ekuqaleni kwalo nyaka kusungulwe iNational Water Resources Infrastructure Agency ukuqinisekisa ukuthi amadamu afanele nengqalasizinda edingekayo kuyakhiwa. Nokho kubhimba uhlelo komasipala, nokuyinto embi kosomabhizinisi.
Osomnotho balinganisa ukuthi uma kunganenkinga enkulu yamanzi eGauteng, umnotho uyolahlekelwa wu-R3bn ngosuku.
Ukuvama ukuthi amanzi angabibikho, kuvele kudala izinkinga ezinkulu. Amanzi ayinkiyankiya kunogesi ngoba kunezikhungo eziningi ezithintekayo kwingqalasizinda yawo kusukela ekumumatheni awemvula kuye kwaphuma kompompi emakhaya nasezinkampanini. Ama-water board nengqalasizinda yamadolobha kuneqhaza elikhulu futhi kunzima ukuthi uhulumeni ezweni lonke ungene ngqo.
Zonke izinhlaka zikahulumeni nezinkampani zawo kufanele zisebenze kahle ukuze amanzi afinyelele kubathengi. Kodwa kufanele sithole indlela yokwenza izinto zenzeke kuso lesi siphithiphithi. Kumqoka ukuthi sithole izixazululo ezifinyelela komasipala.
I-Operation Vulindlela ibambe iqhaza elikhulu ekutheni kusungulwe le nkampani entsha ezobheka ingqalasizinda yamanzi futhi icacisile ukuthi izogxila ezinkingeni ezikomasipala. Amanzi yinto okufanele ibeseqhulwini kanjalo nezinkinga ezikhona ngokusebenza kwamachweba nezitimela, ngicabanga ukuthi sesingasho manje ukuthi amanzi ngenye yezinkinga ezinkulu esinazo ezinqinda umnotho.
Into enhle wukuthi njalo uma sinqoba inselelo njengoba kwenzekile ngokucinywa kukagesi nangezinguquko zama-visa, amabhizinisi nezwe lonke babanethemba lokuthi uhulumeni uyakwazi ukubhekana nezinselelo. Sizimisele ukusiza kodwa okumqoka wukuthi kubenabantu abanele kuhulumeni ukuze kuzophela ukuthi kuhlale kudingwa usizo oluphuthumayo ngokubambisana phakathi kwamabhizinisi nohulumeni.
Ngiwushayela ihlombe umsebenzi osuwenziwe nonomphumela omuhle endaweni amabhizinisi asebenzela kuyo nasemizamweni yokukhulisa umnotho nokwakha imisibenzi. Nokho usemkhulu umsebenzi. Kufanele siqhubeke sisebenze ukulungisa izingqinamba, ezintsha nezindala, ezisibambezelayo.
Ngiphatheke kabi ngempelasonto ngizwa izindaba zokudlula emhlabeni kowake wawungungqongqoshe weziMali nomphathi weBhange loMbuso uMnu uTito Mboweni.
Ubengenye yezingqalabutho zikahulumeni wentando yabantu. Kusukela engungqongqoshwe woMnyango wemiSebenzi kuya koweziMali, uMboweni ubenesandla esikhulu ekuthuthukiseni izinhlaka ezimqoka zikahulumeni futhi waqinisekisa ukuthi umnotho uyakhula kanti izinhlaka zawo ziyaqhubeka nokuzimela.
Ubaziwa ukuthi uyazikhulumela futhi efuna izinto ezizosebenza. Ubevame ukubangesinye sezikhulumi emicimbini yeBusiness Leadership South Africa futhi enganqeni ukubeka umbono wakhe. Besingahlale sivumelana kodwa ubenezinhloso ezinhle.
Uke wabawumqondisi kumabhodi ambalwa ezinkampani futhi wenze umsebenzi omuhle. Umndeni nabangani bakhe baduduzeke.
