Akuguqulwe iTransnet ukuphucula umnotho wezwe, kuloba uBusi Mavuso
IZIBALO ezishicilelwe ngesonto elidlule ngokwenzeke emnothweni ngekota yesibili zitshengisa ukuthi mkhulu umsebenzi okusafanele wenziwe ukuze umnotho unyakaze.
Yize kuhambisana nokulindelekile kodwa ukukhula komnotho ngo-0.4% akwenele uma sizoyeka ukubhajwa ekungakhulini komnotho futhi siqale siphucule impilo yabantu baseNingizimu Afrika ngendlela ebonakalayo. Kungcono kona nokwakwenzeke ngekota yokuqala, lapho umnotho ungakhulanga nhlobo khona.
Lezi zibalo ezishicilelwe zinobufakazi bezinto ezinhle ezenzekayo. Ukukhiqiza ugesi kukhule ngaphezu kuka-3.1% kanti nezokukhiqiza zinyuke ngo-1.1%, uma kuqhathaniswa nekota edlule, okutshengisa ukusimama kokuhlinzekwa kukagesi.
Nokho, buvelile nobufakazi bomonakalo odalwa yinkinga yezokuthutha kanti izimboni eziwumgogodla womnotho, okukhona kuzo izimayini nezolimo, zehle ngo-1.3% uma kuqhathaniswa nekota edlule. Loku kudalwa wubunzima abakhiqizi ababhekene nakho ekuthutheni umkhiqizo besebenzisa amachweba ukuwuthuthela kwamanye amazwe. Umnotho oncike kwezokuthutha wehle ngo-2.2%.
Okunye okwenzeke ngesonto elidlule wukuthi i-International Monetary Fund (i-IMF) ishicilele umbiko esanda kuwenza lapho ibuyekeza khona indlela umnotho weNingizimu Afrika oqhuba ngayo, yanxusa uhulumeni ukuthi wenze izinguquko ezinqala ezizoshintsha indlela okwenzeka ngayo emnothweni. Inxuse uhulumeni ukuthi usebenzele phezu kwezinhlelo ezikhona zokushintsha izinto.
“Ukwandisa nokuphuthumisa ukwenza okuzokwenza umnotho uhlale ukhula.” Lezo zinguquko zigxile ekushintsheni imboni kagesi nokulungisa inkinga yezokuthutha ngokuqinisekisa ukuthi imboni ezimele ibamba iqhaza elikhulu.
Uma sizophucula impilo yabantu baseNingizimu Afrika kufanele umnotho ukhule okungenani ngokungaphezu kuka-2% futhi uphindele kokungaphezu kuka-5%, okwakwenzeka eminyakeni ewu-15 edlule.
Loku okwenzekile kutshengisa ukuthi kubaluleke kangakanani ukulungisa iTransnet kodwa ngesonto elidlule le nkampani kahulumeni iphinde yaveza ukuthi ilahlekelwe yimali engakanani. Ilahlekelwe wuR7.3 billion ngonyaka wezimali ophele ngoMashi, kusuka kuR5.1bn ngonyaka owandulela lowo, yize imali enkulu idalwe yimali obekufanele iyihlinzekele izindleko zecala okungenzeka ziphoqe ukuthi ibuyisele amakhasimende ayo uR9.1bn ngenxa yokuwakhokhisa mawala.
Ikwazile le nkampani ukunyusa umthamo wezimpahla ezithuthwe yizitimela zayo wafinyelela kumathani awu-15.7 million. Nokho, iseyinde indlela okusafanele iyihambe ngaphambi kokufinyelela kumathani awu-170m ezibekele wona njengeqhinga layo lokuzivuselela, ingasaphathwa eyerekhodi lawu-228m eyaliqopha ngo-2018.
Ukufinyelela kulezo zibalo yiyonanto okufanele ibeseqhulwini kwiTransnet nokuvumela imboni ezimele ukuthi ibambe iqhaza ekulawuleni ingqalasizinda yayo kuzoyisiza ifinyelele lapho ngokushesha.
I-Transnet ithi yonke into ihamba ngononina ukuthi yenze inzuzo ngonyaka ozayo futhi iyazidayisa izinto ezingewona umongo webhizinisi layo ukunciphisa inkinga enayo yemali kodwa ukuphucula umthamo wezimpahla ozithuthayo kubhekwe ngamehlo abomvu.
Ukuqhubeka nokushintsha kwendlela izinto ezenzeka ngayo eTransnet kumqoka ukuphucula okulindelekile emnothweni. Kubalulekile nasekunyuseni ithemba lamabhizinisi.
Nakuba ukusimama kukagesi kusiza, abatshalimali abazimisele ukuzibophezela emisebenzini emisha emikhulu. Izibalo zomnotho zitshengise ukuthi imali etshalwayo yehle ngo-1.3% uma kuqhathaniswa nekota edlule obekuvele kungahambanga kahle kuyona, okutshengisa ukuthi amabhizinisi awakazimiseli ukubheja ngemali yabo.
Enye into eqaphelekile ngesonto elidlule wuhambo lukaMengameli uCyril Ramaphosa lwaseChina, olubonakale lusisiza, kwazise yimakethe enkulu futhi kukhulu esihwebelana ngakho nayo.
Inselelo esibhekene nayo eyokuphucula imigomo yokuhwebelana kwethu njengoba eminingi ivuna iChina edayisela iNingizimu Afrika izimpahla esezenziwe bese yona ithenga okumbiwa phansi.
Loku kubalulekile kodwa umphumela waloku kuhwebelana awusho lutho olutheni uma kuqhathaniswa nendlela esihwebelana ngayo namazwe aseNtshonalanga, okukhona kuwo izimoto nezinye izimpahla ezisuke sezenziwe.
Yize iChina iyizwe elidlondlobalayo, ukusebenzisana kwayo neNingizimu Afrika kufanele kusisebenzele futhi kufanele kubekhona amakhasimende azothenga izimpahla zethu esezenziwe.
Indlela esihwebelana ngayo namanye amazwe ingabangcono kakhulu uma singalungisa inkinga yezokuthutha namanani akhona anesandla ekutheni sithuthe izimpahla zifinyelele kwamanye amazwe.
Izinguquko ezinqala yizona ezizophucula indlela esincintisana ngayo, okuzokhulisa umkhiqizo esiwudayisela amanye amazwe. Kuyafinyeleleka kuwo wonke amazwe, okubalwa neChina imbala.
I-IMF ilindele ukuthi umnotho waseNingizimu Afrika ukhule ngo-1% kulo nyaka no-1.3% ngonyaka ozayo. Ngikholwa wukuthi singenza kangcono uma singabambelela emgqigqweni wepolitiki oqale emva kokhetho lezwe lonke bese siwusebenzisela ukwethula izinguquko, kuvunyelwe imboni ezimele ukuthi ikhulise umsebenzi wayo, yazi ukuthi ingawunyusa umthamo ewuthumela kwamanye amazwe.
Yiloko okuzoheha abatshalimali, kwakhe imisebenzi futhi kukhulise umnotho. Izinhlangano zamabhizinisi zizimisele ukubambisana nohulumeni ukufeza lowo mbono.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/28/iyakhathaza-imigomo-ebonakala-izonquma-ikusasa-lezokuthutha-kuloba-ubusi-mavuso/