Imithetho emisha ngobuchwepheshe iqhakambisa izidingo zabantu kunepolitiki, kuloba uBusi Mavuso
KUNGIJABULISILE ngesonto elidlule ukubona kushaywa imithetho echaza ukuthi iminyango kahulumeni isivumelekile ukuziqokela abantu ezobasebenzisa uma idinga abantu abazoyihlinzeka ngobuchwepheshe.
Ngike ngabhala ngokubaluleka kobuchwepheshe ekusebenzeni kahle kukahulumeni. Ngaxwayisa ngokuthi ubuchwepheshe bubaluleke kakhulu ukuthi bungaba yibhola lomnqakiswano wepolitiki.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/16/ubuchwepheshe-bumqoka-ukwenza-umsebenzi-kahulumeni-ngendlela-kuloba-ubusi-mavuso/
Le mithetho emisha ifanele futhi ibalulekile ukuze izinto zihambe kahle. Ukuthi lezi zinguquko zenzekile yize bekukhona amalungu ePhalamende abephikisana nazo kutshengisa ukuthi uma uveza ubufakazi obucacile futhi ugxile kokulungele izakhamuzi, ukumpongoloza nje kwamaqembu epolitiki akuthi shu.
Kusukela manje, iminyango efana nowazaseKhaya neminye emqoka njengowamaPhoyisa isizokwazi ukubheka kahle abantu okufanele ibakhethe abangenza umsebenzi oseqophelweni eliphezulu, esikhundleni sokuphoqwa ukuthi isebenzise uphiko lukahulumeni olwenza lomsebenzi iState Information Technology Agency (iSita).
Le mithetho emisha ihlanganiswe kahle. Ayisho ukuthi sekuphelile ngeSita kodwa yenza ukuthi iminyango ikwazi ukubheka kwenye indawo uma kubonakala ukuthi iSita ngeke ikwazi ukuyisiza noma uma kubonakala ukuthi bangathola usizo ngokushesha futhi ngemali engaphansi kwabangayikhokhiswa yilesi sikhungo futhi ilandela yonke imigudu kahulumeni yokuthenga izimpahla. Okunye okubalulekile wukuthi iSita izoba nezinsuku eziyishumi ukuphendula noma ngabe yimuphi umnyango ozoyazisa ukuthi ubheka nakwenye indawo, okuzoyinika ithuba elanele lokuncintisana.
Le ndlela yokwenza izinto ilungisa izinselelo iminyango ebhekana nazo ngaphandle kokuyiyekelela yenze noma yikanjani. Kuphela uma iSita ihluleka wukuphendula futhi ingenako konke okudingekayo noma ingakwazi ukushesha ngendlela okudingeka ngayo noma ibiza, iminyango ingakwazi ukuqhubeka nokubheka abanye abantu.
Okungijabulisayo ngaloku wukuthi kuzokwenza ukuthi abantu bancintisane. I-Sita isizobangisana nabanye abantu ukuthola umsebenzi kahulumeni, kunokuthembela ekutheni ayibangi namuntu. Loku kufanele kuyigqugquzele ukulwa nenkohlakalo, ukungaphathwa kahle komsebenzi nokungahlinzeki umsebenzi ngendlela, osekuyiminyaka kuqhubeka.
Uma iSita ingakwazi ukushintsha izinto isebenze kahle futhi incintisane kahle, uhulumeni uzohlomula ngokuba nabantu abaningi abaseqophelweni eliphezulu ongakhetha kubona.
Uma ingakwazi, iminyango ngeke ibanjwe yiloko. Lukhulu olungahle lushintshe. Siyazi ukuthi yini engenzeka ngoba sinesibonelo esihle khona lapha ekhaya. Uphiko oluqoqa intela, iSouth African Revenue Service(iSars) iwubufakazi bokuthi uma izikhungo zikahulumeni zidedelwa ukusebenzisa ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu, ziyakwazi ukuvelela.
Abakhokhintela sebeyakwazi ukuphothula abasuke bekwenza ezikweni lobuchwepheshe leSars ngemizuzwana nje kanti ngisho bedinga ukukhokha, kwenzeka kalula nje.
Ngisho abantu bakwamanye amazwe bayicwaninga indlela iSars eyenza ngayo izinto ukuthekela ulwazi ngeziko likahulumeni lobuchwepheshe elisebenza kahle. Loku kwenzeke ngoba iSars yadedelwa ukuthi izitholele abazoyihlinzeka ngobuchwepheshe futhi ikwengamele yona.
Awucabange-ke uma kungathiwa umNyango wezaseKhaya usebenza ngendlela efanayo? Sekuyiminyaka izakhamuzi zihlupheka ngenxa yobuchwepheshe obungasebenzi ngendlela, obenza ngisho into elula njengofaka isicelo sepasi noma ukuvuselela i-passport ibewumdanti.
Uma ukwazi ukuzikhethela ubuchwepheshe, umNyango wezaseKhaya ungashintsha indlela izinto ezenzeka ngayo. Kunganjalo kuhulumeni wonke kusukela emaphoyiseni ethola ulwazi ngokushesha ngobugebengu kuya ekuhlinzekeni izidingo ngokushesha.
Iminyango kufanele ikusebenzise kahle lokhu iqinisekise ukuthi izinqumo ezenzayo ngendlela ethenga izimpahla ngayo izenza ngoba kufanele futhi kuzophucula indlela umsebenzi owenziwayo ngayo. Leli thuba alikwazi ukusetshenziswa noma yikanjani kuze kugcine kungafezekanga okuhlosiwe ngalo.
Lezi zinguquko azizukulungisa konke, zivula ithuba lokuthi iminyango ithole ezobuchwepheshe ezisezingeni elifanele. Ukwenza loko kuzodinga ubuholi nombono ocacile ngeqhaza lobuchwepheshe endleleni umnyango owenza izinto ngayo. Indlela okuzobonakala ngayo lokhu wukuthi ngabe abantu baseNingizimu Afrika bathola usizo lukahulumeni ngokushesha, ngendlela ehlelekile futhi ethembekile yini?
Uma lolu guquko lwenza iminyango yamukele ishintshe indlela ehlinzeka izidingo ngayo, luzobe luyifezile injongo yalo. Uma lingakwenzanga luyoba ngomunye nje umgomo oshintshile kodwa ongazishintshanga ngalutho izimpilo zabantu.
Imizamo yokuvuselela uhulumeni ukuze usebenze kahle izophumelela uma kukhona izindlela zokukuseka loku. Ngalolu shintsho, sesisuse ingqinamba enkulu ekuletheni uguquko lobuchwepheshe. Osekudingeka wukuqinisekisa ukuthi iminyango isebenzisa leli thuba ukwakha izindlela zokusebenza ezizokwenza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bahlinzekwe ngemisebenzi ngendlela efanele.
Kunjena-ke ukwenza izinqumo zokuphatha ezisuselwa ebufakazini, ubona izinkinga, uqhamuke nezixazululo futhi wenze izinguquko ezibeka eqhulwini izidingo zabantu. Yiyona nto edingekayo leyo.
