Ngonyaka ozayo iNingizimu Afrika izoba wusihlalo weG20, inhlangano yeminotho emikhulu emhlabeni. Izoya kule ngqungquthela izethemba ngenxa yokusimama komnotho wayo, kusho umbhali wengosi. Isithombe: yiFreepix

I-G20 yithuba elihle lokuqhuba umgqigqo wesasasa abatshalimali abanalo ngeNingizimu Afrika, kuloba uNksz uBusi Mavuso 

ISINQUMO seBhange loMbuso sokwehlisa imalimboleko ngo-25 basis points ngesonto elidlule sisho ukushintsha kwezinto endleleni izinto ebezenzeka ngayo ngaloku. 

Kuzoba wuphawu oluhle kwabamabhizinisi nabathengi ukuthi isikhathi sokuqinisa isandla esisibone ezinyangeni eziwu-15 ezidlule sesizothi ukuxega, okuthenjwa ukuthi kuzokweseka wukutshala imali. 

Nokho akuwona umnyakazo otheni uma kuqhathaniswa nokwenziwe yiBhange loMbuso laseMelika i-US Federal Reserve ngesonto elidlule, enciphise imalimboleko ngo-50 basis points.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/19/bazophefumula-abathengi-baseningizimu-afrika/

Ayingozi amanani ezimpahla kanti iBhange loMbuso liphinde latshengisa ukuthi alixhamazeli. Ukukhuphuka kwamanani ezimpahla yinto embi kwabamabhizinisi nabathengi nokwenza kube nzima ukuhlelela ikusasa futhi kwehlisa amandla emali. 

Amanani ezimpahla anqunywa ngokuthi zingakanani izimpahla abantu abafuna ukuzithenga nokulindeleke ngomuso. 

IBhange loMbuso elihlonishwayo ngoba liqinisa isandla uma kuziwa ekulawuleni amanani ezimpahla lisethubeni elingcono lokwenza abantu behlise amaphaphu kunelisheshayo ukwehlisa imalimboleko. Uma amaphaphu ephansi, kungenzeka sibone kushesha ukwehlisa imalimboleko. 

Yiloko okufanele sikufise, yize ukuzibophezela kweBhange loMbuso ekutheni amanani ezimpahla abephansi, kuyinto enhle emabhizinisini, abantu abonga imali nabaholayo, ngoba kufanele bathembe ukuthi imali yabo inamandla.

Nokho-ke ukushintsha kwezinto kwimalimboleko kwamanye amazwe amqoka kuhlanganiswe nomoya omuhle ovunguzayo kwipolitiki ohambisana noHulumeni woBumbano unomphumela omuhle kokucatshangwa ngabatshalimali bakwamanye amazwe.

Ngesonto elidlule irandi beliqine kakhulu uma liqhathaniswa nedola kunokuke kwenzeka ezinyangeni eziwu-18 kanti nenzalo yama-bond iyaqhubeka nokwehla, okwenza izinto zishibhe uma uhulumeni uboleka imali.  

Loko kutshengisa ukuthi abatshalimali sebehehwa wukubaphezulu kwemalimboleko yethu nokuthi sezingcono izinto ebeziyingozi. Kuhle loko nasendaweni amabhizinisi asebenzela kuyo. 

Sinelinye ithuba elikhulu lokuseka indlela amazwe omhlaba abuka ngayo iNingizimu Afrika uma sekunemihlangano yeG20 ngonyaka ozayo ezweni lethu. 

INingizimu Afrika yiyona ezobe iwusihlalo weG20, inhlangano yeminotho emikhulu emhlabeni (amazwe awu-19, i-European Union ne-African Union) esebenzisanayo ukuseka ukukhula komnotho nokuhlela imigomo.

INingizimu Afrika yake yawusihlalo weG20 phambilini, ngo-2007, iholwa wuMnu uTrevor Manuel kodwa ngaleso sikhathi yayingabi nezingqungquthela zaminyaka yonke. Nokho-ke leso sikhathi, izinto zazihamba kahle ngomnotho waseNingizimu Afrika njengoba wawukhula ngaphezu kuka-5% futhi izindleko zazingaphansi kwemali esiyingenisayo. 

Indlela umnotho okulindeleke ukhule ngayo ngonyaka ozayo ayisondeli kwakusondela kuloko kodwa yithuba lokutshengisa umhlaba ukuthi sisendleleni ebheke lapho.

I-Brazil yiyona ezobanengqungquthela yalo nyaka ngoNovemba okuzophothula umsebenzi wamaqoqo ehlukene kusukela kwawokuthuthukisa abantu abesifazane kuya kwawokuguqula ugesi. 

Kunenqwaba yezivumelwano eziningi zokusebenzisana kwamazwe omhlaba okungenzeka zisayiniwe nezizotshengisa umsebenzi osuwenziwe. 

Ngesikhathi kuneG20, izinhlangano zosomabhizinisi zizobanomhlangano wazo eceleni obizwa ngeB20. Ngesonto elidlule abaholi bamabhizinisi eNingizimu Afrika babenomhlangano nabeB20 yaseBrazil ukuqinisekisa ukuthi singaqhubeka lapho begcine khona uma sebephothule ingqungquthela yabo. Baxoxe ngababhekane nakho nakho konke asebekwenzile. I-B20 ibakhona kusasele inyanga ngaphambi komhlangano weG20 kanti ihlanganisa abamabhizinisi nohulumeni.  

Kade ibhunga ngezinto eziphuthumayo nezibalulekile kusukela ekuqaleni konyaka ezithinta ukuhweba, ukutshala imali kuya kwezemisebenzi nezemfundo. Ngibheke ukuthi ukwenza kwethu iB20 kubeyithuba lokutshengisa ukuthi amabhizinisi akulungele ukukhulisa umsebenzi nokubonisa ukuthi ukusebenzisana kwabamabhizinisi nohulumeni kuyazixazulula izinselelo futhi kukhulise umnotho. 

I-Business Leadership South Africa ne-Business Unity South Africa yibona abazohola umkhankaso wokuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle uma sekuyithuba leNingizimu Afrika lokubawusihlalo weG20. 

Yithuba lokugcizelela ukuthi iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe athuthukayo aphumelelayo futhi siyakwazi ukuxazulula izinselelo zethu nokukhulisa umnotho. 

Okokugcina, ngifisa ukubonga kuNks uNomvuyo Guma, obewumqondisi omkhulu we-microeconomic policy emNyangweni wezeziMali futhi obengenye yezinhloko ze-Operation Vulindlela osethi khumu, ngomsebenzi omuhle awenzile wokusungula lolu phiko obeluxhumanisa lo mnyango neHhovisi likaMengameli ukuphuthumisa ukuthula izinguquko emgomweni.

Impumelelo yalo ekuphuculeni indlela okuhlinzekwa ngayo ama-visa kuya ekushintsheni indlela imboni kagesi esebenza ngayo kwenze umehluko omkhulu ezintweni ezenzekayo ezweni lethu.

UNks uGuma ushiya umlando omuhle futhi ngimfisela okuhle kodwa lapho eya khona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page