I-B20 yithuba lokuqhakambisa izinto ezibalulekile kwiNingizimu Afrika emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso
NGOMSOMBULUKO iqale ngokusemthethweni iB20 eCape Town, eNtshonalanga Kapa, nokusho ukuqala konyaka lapho osomabhizinisi emhlabeni bebeka khona izinto eziseqhulwini ngokubambisana neG20.
Kuzosetshenzwa ngamakomiti ayisishiyagalombili ahlukene ukusungula imigomo ezophakanyiswa ukukhuthaza ukukhulisa umnotho ngendlela efaka wonke umuntu nezothulwa kwiG20 ngokuqhubeka kwesikhathi. INingizimu Afrika ithathe izintambo kwiBrazil, ebiwusihlalo weG20 ngonyaka odlule.
I-Business Leadership South Africa (iBLSA) neBusiness Unity South Africa (iBusa) yibona abazokwengamela uhlelo lweB20 futhi ngizosebenzisana nesikhulu esiphezulu seBusa (uMnu) uKhulekani Mathe ukuhola umkhandlu wasezweni ukulekelela iB20.
Abaholi abahlukene bamabhizinisi yibona abahola la makomiti ahlukene kusukela kwelezohwebo nokutshala imali, elibheka izindlela zokukhiqiza ukudla kuye kwelingamele ukushintsha izinto ngobuchwepheshe.
Silindele abaholi bamabhizinisi emhlabeni wonke abacela kwabawu-3 000 ukuthi babeyingxenye yeB20 kulo nyaka. Emva kokuthula iB20 kuleli sonto, la makomiti azoqala ahlanganise ucwaningo oluzosetshenziswa ezinhlelweni zeG20 ngokuqhubeka kwesikhathi.
I-B20 yithuba elingajwayelekile lokuxoxisana nomhlaba futhi nokwakha ubudlelwano bethu ngesikhathi siqhubeka nokuqhakambisa okufunwa yiNingizimu Afrika emehlweni omhlaba. Kufakazela ukuthi iNingizimu Afrika iyaqhubeka nokubayingxenye yezingxoxo futhi lingakhohakali neqhaza lethu.
Ngakolunye uhlangothi uhulumeni uhola uhlelo lweG20 oluqale ngesonto elidlule ngomhlangano wongqongqoshe bezindaba zangaphandle bamazwe ayingxenye yeG20 eGoli, eGauteng.
Loku kusilethela amathuba njengezwe. Uma sibheka umsindo ohambisana nepolitiki ethinta amazwe omhlaba kulo nyaka, ukwenza kwethu iG20 kusinika ithuba lokwakha ubudlelwano nabanye abantu emhlabeni. Lobo budlelwano buzoba yisisekelo sokuhweba nokutshala imali okuzosiza iminotho yethu sonke futhi kukhulise umnotho.
Ukukhulisa umnotho ngenye yezinto eziseqhulwini kithina sonke ezweni. Siphokophele ukuthi kuphele unyaka umnotho usukhule ngo-3%. Akukona kodwa lokho esikudingayo ukusungula imisebenzi nokungenisa imali esiyidingayo ukufeza amaphupho awo wonke umuntu eNingizimu Afrika.
Ukubambezeleka ukuthula iSabelomali ngesonto elidlule kuyinkomba yengcindezi uhulumeni obhekana nayo uma umnotho ukhula kancane. Ngaphandle kokukhula komnotho, izinqumo zinzima futhi kusuke kudingeka wonke umuntu kubekhona azozincisha khona ukuqinisekisa ukuthi izincwadi ziyabhalansa.
Njengoba sishilo esitatimendeni ebesiphawula kusona ngokuhlehla ukuthula iSabelomali ukuthi yinto engakaze yenzeke kodwa esithemba ukuthi izokwenza uhulumeni wobumbano uvumelane ngezinto ozozenza ezizocabangela izwe futhi zeseke ukukhula komnotho.
Kunzima ukuthola imali ethe xaxa emnothweni lapho amabhizinisi engakwazi khona ukukhula futhi angenise inzuzo okungabanjwa intela kuyo. Akukho okutheni ikhabhinethi ezokwazi ukukwenza kusukela ngesonto elidlule kuze kubewumhlaka-12 wangoMashi, usuku okufanele kuthulwe iSabelomali ngalo.
Indlela imali ezosetshenziswa ngayo isiyaziwa. Indlela okungaxazululwa ngayo wumbango okhona ngokunyusa intela ebanjwa ezimpahleni, phecelezi i-value-added tax (i-VAT), wukuthi kuncishiswe ezinye izinto imali ebizosetshenziselwa zona noma kutholakale enye indlela yokungenisa intela.
Nokho njengoba sesazi, ezinye izintela aziyingenisi imali esuke ilindelekile ngoba intela yethu ingaphezu kwentela ekhokhwa emazweni amaningi emhlabeni, ngakho abantu bavele bathuthele imisebenzi yabo kwamamye amazwe.
Kuzobakhona ukucabanga ukuthi kufanele kuyobolekwa, kubukeka kuyisinqumo esilula lesi, ukuqhubeka nokwenza izinto esezihleliwe ngaphandle kokungenisa enye imali. Nokho ukuboleka yinto engalungile nhlobo. Iminyaka embalwa yokuqala emva kokuphela kombuso kaMnu uJacob Zuma, sasibishile ezikweletini, umnotho ungakhuli futhi izinto zaziba zimbi kakhulu ngemali kahulumeni.
Abatshalimali bayibona ingozi futhi bathatha imali yabo bayiyisa kwenye indawo. Osomnotho balinganisa ukuthi irandi elalisetshenziswa wuhulumeni lalingenisa imali engaphansi kwerandi emnothweni ngoba abatshalimali babebaleka kakhulu kunendlela uhulumeni wayesebenzisa ngayo imali. Sasibhekene nesibhicongo.
Eminyakeni emine edlule livuselelekile ithemba kubatshalimali. Loko kuwubufakazi bokuzibophezela nokucophelela komNyango weziMali. Sikubonile loku kuholela ekutheni ibuyekezwe indlela izwe elikleliswe ngayo yizinhlangano ezibheka ukuthi lizokwazi kangakanani ukukhokha izikweletu zalo.
Sekubiza kangcono uma uhulumeni uboleka imali, nokwandisa imali esetshenziselwa izindleko ezikhona.
Kusele kancane ukuthi siwubone umphumela wokuphucula izinto nokuzosisondeza ekutheni sikleliswe kangcono kakhulu kunokuyikona manje. Ekugcineni loko kuzosiyisa lapho sifisa khona, okuwukuthi uhulumeni uzogcina ukwazi ukunyusa imali yezibonelelo ngaphandle kwenkinga ube futhi uphucula isimo sezimali, izinto ezingenzeka uma umnotho ukhula.
Ziningi izinto ezisihlalele okufanele zenzeke ukuqinisekisa ukuthi umnotho ukhula ngendlela esidinga ngayo, kusukela ekuqedeleni izinguquko zethu kuye ekwakheni ubudlelwano bethu nabantu bakwamanye amazwe.
Leli sonto libalulekile kokuqondene nokwakha ubudlelwano namanye amazwe kodwa umsebenzi omqoka wokuqhubeka nokuthula izinguquko ezinqala uyaqhubeka.
Kufanele ucace umyalezo wethu emhlabeni wokuthi siyakulungisa okungasebenzi, siyasiphucula isimo sezimali sikahulumeni futhi siqinisekise ukuthi sikhulisa umnotho.
