UNgqongqoshe wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau, phakathi nendawo, uyakuqonda ukubaluleka komnyango wakhe emabhizinisini, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kuningi amabhizinisi angakwenza nomNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana ukuphucula izinto, kuloba uBusi Mavuso

UMNYANGO wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana unganomphumela omkhulu  endaweni abamabhizinisi abasebenza kuyo. Njengoba iKomiti lokuThuthukisa uMnotho nokuHweba ePhalamende lasho ngoJulayi lathi: “Uhulumeni kufanele wenze kubenendawo efanele yokusebenza kwamabhizinisi kodwa futhi kubenemithetho efanele yokuhola indlela okutshalwa ngayo imali emnothweni.” 

Lo mnyango yiwona okufanele uhole leyo mizamo kodwa sekuphele iminyaka uhlupha abamabhizinisi kunokuweseka.  

Nokho-ke kumele ngisheshe ngisho ukuthi iyangigqugquzela indlela ungqongqoshe omusha uMnu uParks Tau asheshe ngayo ukuxoxisana namabhizinisi ukuqinisekisa ukuthi uvula amaxhama okuxhumana. 

Sesixoxe kaningana naye kanti okokugcina kube ngoLwesihlanu ngesikhathi sihlangene naye singabaholi beBusiness Unity South Africa (iBUSA). Ungqongqoshe uyakuqonda ngempela okudingekayo. 

Ugcizelele ukubaluleka komgomo wezimboni oweseka ukukhulisa izimpahla ezidayiselwa amanye amazwe nokubuyekeza umqulu owahlanganiswa yiB4SA ngesikhathi se-COVID-19, i-Economic Recovery and Reconstruction Plan ohlose ukuqhamuka namaqhinga okungasetshenzelwa phezu kwawo.

Akafuniseli ngokubaluleka kokubambisana njengoba egcizelele ukuthi kuyadingeka ukuze kuqhanyukwe nezisombululo. Zonke lezi zinto zinhle. Kodwa izikhungo eziningi nemigomo okwenganyelwe yilo mnyango kudinga ukuguquka ukuze kuphucule indawo amabhizinisi asebenza kuyona, into sonke esiyifisayo. 

Ngakho kungithokozisile ukufunda ngezinhlelo zikangqongqoshe zokulungisa ubuholi emnyangweni nasezikhungweni ezingaphansi kwalo mnyango. Ubuholi balo mnyango sebubenabantu osekuphele iminyaka bebambile ezikhundleni zabo futhi kunezikhala eziningi ezikhungweni ezingaphansi kwawo. 

Ukushintsha izinto kungazisiza izikhungo zenze okuhle endaweni amabhizinisi asebenza kuyo uma ziphethwe kahle. Izikhungo ezifana neSA Bureau of Standards zeseka ukuthi izimboni zaseNingizimu Afrika zikhiqize izimpahla ezinohlonze bese kuthi ama-special economic zone eseka izimboni ezinkulu.  Iphephandaba i-Business Day libike ukuthi ungqongqoshe uthe uzoshintsha amabhodi awu-11 kwawu-18 ezikhungo ezingaphansi kwalo mnyango. 

Ezinye zalezo zikhungo uTau azibalile ngezabashaya imithetho ezibalulekile njengeKhomishini yokuNcintisana neTakeover Regulation Panel nezixhasa ngemali njenge-Industrial Development Corporation, iNational Empowerment Fund ne-Export Credit Insurance Corporation, zonke ezibalulekile ekusebenzeni komnotho. 

Lezi zikhungo ezibolekisa ngemali kufanele ziphokophele ukusebenzisana nemboni ezimele. Kunethuba elihle lokugquguzela ukutshala imali ezweni lonke okungenziwa yimboni ezimele.

Uma esewenza umsebenzi wakhe wokubuyekeza, kungakuhle ungqongqoshe akhuthaze futhi eseke abantu abahola lezi zikhungo abenza umsebenzi omuhle. 

Yize kungenzeka ukuthi indawo ayisebenzi kahle kodwa ukushintsha wonke umuntu kwibhodi kudala ingozi ngoba kusho ukuhamba kwabantu abanamava nabanolwazi olujulile ngayo. 

Amabhodi amaningi anabo abaholi abasebenza kahle kodwa okungenzeka ukuthi bahlushwa abathile. Ekubuyekezeni umsebenzi, kufanele aqikelele ukuthi abantu abafanele bayaqhubeka emisebenzini yabo. Umsebenzi wamabhodi kufanele ucaciswe kahle futhi kufanele basekwe ukuze bawenze.

Abaholi kufanele besekwe ngosopolitiki ukuze bagxile emsebenzini wabo. Akufanele osopolitiki bagugushele futhi bagxambukele, yize kufanele baqikelele ukuthi abaphethe bayaphendula ngabakwenzayo. 

Kunobufakazi obuqanda ikhanda ngendlela amabhodi amabhizinisi kahulumeni agcina esefana nezichuse ngayo ngenxa yokugxambukela kosopolitiki. 

Umlando wobudlewano bomNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana nezinhlangano zamabhizinisi awumuhle kodwa kuyangijabulisa ukubona izinto zishintsha njengoba sekuxoxiswana kangcono. Ngokubambisana, singenza okuningi ukuphucula indawo okusebenzela amabhizinisi kuyo. Ngikubheke ngabomvu ukusebenzisana nabaholi abasha uma sebeqokiwe.

Kunzima ukucabanga ngezombusazwe zethu ngaphandle kukaMnu uPravin Gordhan. Njengoba ishilo iBusiness Leadership South Africa ngesonto elidlule, ubewumuntu waseNingizimu Afrika ovelele futhi obehlale ecabangela izwe. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/13/i-blsa-iyalila-ngokudlula-kukagordhan-emhlabeni/

Asikho isikhungo sikahulumeni esiyisibonelo esihle sokusebenza kahle esidlula iSouth African Revenue Service ngesikhathi iholwa nguye. Ngixoxisane kaningi naye ngesikhathi ewungqongqoshe womNyango weziMali nangesikhathi esewungqongqoshe womNyango wamaBhizinisi kaHulumeni kanti ubudlelwano bethu bebungelula. 

Nokho, ubehlale enesikhathi sokuxoxisana nathi futhi ubungeke uzenzela umathanda kuye. 

Ngisho siphikisana, bengingakungabazi ukuthi izinhloso zakhe zinhle. Wayeyilwela into akholelwa kuyo. Ubefuna wonke umuntu avelele. 

Ngithi umkakhe, amadodakazi, umndeni, abangani namaqabane akhe abaduduzeke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page