Izingxoxo ezihlongozwa wuRamaphosa yiculo elidala, kuloba uJabulani Sikhakhane
ASIKHO isidingo sezingxoxo ezithulwe wumengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa kuleli sonto, athi kumele zenziwe ukuthola izisombululo zezinkinga zezwe.
Zizodla imali nje kuphela, kungabi noshintsho empilweni yezakhamuzi, ikakhulu ezihola kancane nezintula amathuba omsebenzi.
Okudingekayo wukuthi uhulumeni wenze umsebenzi wawo ngendlela, ikakhulu obhekene ngqo nezinkinga ezibalwa wumengameli.
Izinkinga ezikhungethe izwe ziyaziwa. Sezineminyaka engaphezu kwewu-30 zidingidwa. Kweziqavile singabala isimo semfundo nezempilo ezingekho ezingeni elifanele nelingamelana nezidingo zokuthuthukisa izwe nezinga eliphansi lokukhula komnotho, osekuyisimo seminyaka engaphezu kwewu-15.
Ukwanda kwabantu abaswele umsebenzi, isibalo sabo esesingaphezu kuka-8 million, noma ngaphezu kuka-32% wengxenye yezakhamuzi ezithathwa njengabantu abalungele ukusebenza (abaneminyaka ewu-15 kuya kwewu-64), osekudale ukwanda kwesibalo sabantu abancike kuhulumeni – ikakhulu abathola izibonelelo, ukungatholakali kukagesi namanzi ahlanzekile ngaso sonke nesimo semigwaqo esingekho ezingeni elifanele.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/04/kusho-ukuthini-ukwehlisa-izinga-lokwehla-kwamandla-emali-kuloba-ujabulani-sikhakhane/
Miningi imiqulu ibhalwa ngalezi zinkinga ngokunjalo neziphakamiso zokusonjululwa kwazo. Inkinga enkulu ukuhluleka kukahulumeni ukubhekana nazo, ikakhulu ukwenza okusuke kuphakanyiswa njengezisombululo.
URamaphosa umemezele ngoLwesibili ebusuku ukuthi lezi zingxoxo zakhe zizobheka inqubekela phambili ezinhlosweni zikahulumeni, phecelezi i-Vision 2030, ezathulwa kwi-National Development Plan.
Leli cebo lokuthuthukisa izwe laphakanyiswa ngo-2012 yikhomishana eyayiholwa wuMnu uTrevor Manuel, esekelwa wuye uRamaphosa. Le khomishana yaqokwa wuMnu uJacob Zuma owayengumengameli ngaleso sikhathi.
URamaphosa uthi ukusekwa kwalezi zingxoxo sekwande kakhulu kusukela zahlongozwa ngo-2024 ukuze kuboniswane ngezinkinga zezwe. Phakathi kwezinkinga ubale ubuphofu, ukusweleka komsebenzi, ubugebengu nenkohlakalo.
Uthi uzobiza i-National Convention ngomhlaka-15 wango-Agasti, ezolandelwa yimihlangano yemiphakathi nezinye izinhlangano ezimele imikhakha ethile, njengamabhizinisi. Umemezele namalungu esigungu athe sizobambisana nohulumeni kulo msebenzi.
Njengoba naye evuma, wumgudu osuke wahanjwa ngaphambili lo. Waba nemiphumela ebonakalo. Inkinga kwaba wuhulumeni owahluleka ukwenza okwahlongozwayo.
Zonke lezi zinkinga uRamaphosa azibalayo nezinye zacutshungulwa kabanzi yikhomishini, eyahlongoza nezisombululo.
Ikhomishini yabika ngo-2012 ukuthi liselikhulu igebe phakathi kwabantu abahluphekayo nabadla kahle. Leli gebe lisanqunywe kakhulu ngokwebala – abamhlophe baphezulu, kuthi ingxenye enkulu yabamnyama ibephansi enhluphekweni, okungumlayezo wale khomishini nasembikweni wayo wango-2024.
Yaphinde yaphawula ukuthi ingxenye enkulu yabafundi abamnyama ayiyitholi imfundo esezingeni eliphezulu, okuwumlayezo ewuphindile.
Ithole nokuthi asenciphile namathuba okuthola umsebenzi eminyakeni ewu-12 kubantu abaphothula umatikuletsheni nabaphuma esikoleni bengaphothulile, okuyinkomba yokwanda kwesibalo sabantu abakulo mkhakha abafuna umsebenzi.
Kusukela ngo-2012, uhulumeni awuzange uzisukumele lezi zisombululo. Kunalokho uZuma wabika ukuthi usuvele uyakwenza okuhlongozwa yikhomishini. Ukungabikho kwenqubekelaphambili yentuthuko yezwe kwaba yinkomba yokuthi akunjalo.
Noma uRamaphosa esethathe izintambo kusukela ngo-2018, uhulumeni wakhe ubulokhu uthi uhamba emigudwini yeziphakamiso zekhomishinini zokubekwa kwezwe ezingeni eliphakeme lentuthuko ngo-2030.
Nakhona lapha, bekuyihlaya nje ngoba zonke izinkomba beziveza ukuthi ayikho inqubekelaphambili, okuyinto evunywa wuye uRamaphosa.
Ohulumeni – okaZuma nokaRamaphosa – abalilandelanga leli su ngokugcwele. Kunaloko, sekuphele iminyaka engaphezu kwewu-12 uhulumeni unciphisa inani lezabelomali zezemfundo nezempilo nezinye izinsiza zomphakathi.
Sikhuluma nje iNational Planning Commission isanda kubika ukuthi intengo kagesi yenyuka ngo-230% phakathi kwango-2011 nango-2023, amanzi enyuka ngo-250%. Ukunyuka ngalesi sivinini kwalezi zidingo zansuku zonke sekuthwese izakhamuzi umthwalo onzima ngesikhathi futhi zivele zithwele kanzima ngenxa yokuncipha kwamathuba omsebenzi.
Namandla emiholo – amanani ezimpahla nezinye izidingo ezingathengwa ngomholo – asehlile uma ekalwa ngezinga lokwehla kwamandla emali phakathi kwango-2011 nango-2023. Ngamanye amazwi loku kusho ukwanda kobunzima obuthwelwe yizakhamuzi, ikakhulu lezo ezithola imiholo ephansi.
Ikhomishini ibike ngo-2024 ukuthi izinga lokwehla kwamandla emali phakathi kwango-2011 nango-2023 lisho ukuthi inani lezimpahla nezinye izidingo zempilo ezazithengwa isakhamuzi ngo-2011 ngoR1 lafinyelela kuR1.95 ngo-2023. Cishe laphindwa kabili.
Ukuthola imibono yezakhamuzi ngezisombululo zezinkinga ezikhungethe izwe akuyona into entsha, njengoba esho naye uRamaphosa.
I-Vision 2030 yabunjwa emva kokuthi ikhomishini ibenemihlangano eminingi ezweni lonke ibonisana nezakhamuzi ngekusasa lezwe. Kwavulwa ithuba lokuthi izakhamuzi zibeke imibono yazo ngokusebenzisa ezokuxhumana.
Akucaci-ke ukuthi mehluko muni uRamaphosa acabanga ukuthi izingxoxo zakhe zizowenza. Uma inkinga kuwuhulumeni – imikhakha yomithathu (omasipala, abezifundazwe nowezwe lonke) – ohluleka ukwenza umsebenzi wawo, izingxoxo zizokushintsha kanjani loku?
