Ukuthula iSabelomali kukangqongqoshe uMnu u-Enoch Godongwana ngesonto elizayo kuzoqhuba umsebenzi omuhle owenziwa wuhulumeni, kusho umbhali wengosi

Emva kweNkulumo eBhekiswe eSizweni enhle, amehlo asethe njo kwiSabelomali, kuloba uBusi Mavuso

INKULUMO eBhekiswe esiZweni ibinayo yonke imininingwane ngezinto ezizokwenzeka, hhayi nje izethembiso. Iqhakambise inqubekelaphambili esibekhona ekuguquleni imboni kagesi nokushintsha kwezinto embonini yokuthutha izimpahla nezinhlaka zobulungisa.

INkulumo eBhekiswe esiZweni itshengise ukubambisana kuhulumeni wobumbano okunyusa ithemba ngokusebenza kukahulumeni. Cishe into entsha uhulumeni agxile kuyona ngomasipala abangasebenzi kahle njengoba kunezethembiso zokusungula izinkampani ezisebenza kahle ezihlinzeka amanzi nogesi. 

Kuningi umengameli azibophezele kukona okuzodinga iSabelomali okuzofanele naso sihlanganiswe kubekukhona nalesi simo esithusayo sesinqumo sokuhoxisa usizo lwemali oluqhamuka kuhulumeni waseMelika. 

INkulumo eBhekiswe esiZweni ngesonto elidlule yenze obekufanele ikwenze. Igxile kuzo zonke izinguquko ezidingekayo ukuze kuphele unyaka umnotho usukhule ngo-3%.

Iqhubeke nengqikithi engangiyibone esontweni elandulela leli eDavos, eSwitzerland, yethimba laseNingizimu Afrika elalibumbene. Osopolitiki abayingxenye kahulumeni wobumbano bayamukele ngo-elethu inkulumo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/29/ongqongqoshe-nabaholi-bamabhizinisi-bethule-umyalezo-omuhle-edavos-kuloba-ubusi-mavuso/

Izinguquko agxila kuzona umengameli zidinga ukusekwa yiwo wonke umuntu futhi kuphokophelwe ekufingqeni imikhono. Kuyakhuthaza ukubona bonke osopolitiki bakahulumeni wobumbano bekhombisa ukuseka okushiwo wumengameli. 

Kuningi okuhle okuqhamukile kule nkulumo. Isethembiso sokusungula izinkampani ezisebenza kahle zokuhlinzeka ugesi namanzi sizoqinisekisa ukuthi kunemali ebekwa eceleni yokutshala kwingqalasizinda.

Siyalamukela uhlelo olubanzi lokubuyekeza ohulumeni basekhaya okuyiyona nto enqinda kakhulu uhulumeni ukuhlinzeka izidingo futhi eyingozi nakwezinye izinhlaka zikahulumeni ezifana ne-Eskom ezikweletwa izigidi ngezigidi zemali. 

Isiphakamiso sokuthi kuboniswane ukuze kubuyekezwe umgomo kuzobayithuba elihle lokucabanga izindlela ezintsha ezingenza ukuphathwa komasipala kuphucuke.

Kubalulekile kosomabhizinisi ukweseka omasipala futhi iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ikwenzile lokho ngokuxhasa izinhlelo zokucathulisa onjiniyela bomasipala nanokulungisa izinto ezithinta amanzi okusiza izikole zibe namanzi aphuma empompini namathoyilethi. 

Ukusebenza kahle komasipala kumqoka emiphakathini nasemabhizinisini asebenza kuyona. Sibheke ngabomvu ukubayingxenye yohlelo oluzobheka ukuthi singakuphucula kanjani ukusebenza komasipala. 

Amehlo azobe ethe njo kwiSabelomali ngesonto elizayo. Kuningi umengameli azibophezele kukona okuzodinga iSabelomali. Phakathi kwako kukhona nezethembiso zokushintsha imithetho elawula ukusebenzisana phakathi kukahulumeni namabhizinisi, isivumelwano esenza uhulumeni nemboni ezimele babambisane ukutshala ezinhlelweni zengqalasizinda. 

Sekuyiminyaka kwaqalwa kukhulunywa ngalezi zinguquko kanti sekuyisikhathi sokuthi ziphothulwe ukuze siqhubeke nomsebenzi wokwakha eNingizimu Afrika.

Umengameli ukhulume nangesifiso sokuqhamuka nezindlela ezintsha zokudoba abatshalimali ukuthi bafake imali ekuthuthweni kwezimpahla nasembonini kagesi. Loku kudinga ukuthi kusheshiswe izinguquko, ikakhulu ezokuthutha izimpahla, ukwenzela ukuphuthumisa ukubambisana phakathi kwamabhizinisi kahulumeni nemboni ezimele ngokubavumela ukubamba iqhaza elithe xaxa. 

Umnotho uzosizakala kakhulu njengokuncintisana phakathi kwemizila yamachweba neyezitimela, okungenzeka ngokuvumela imboni ezimele ibambe iqhaza elithe xaxa. 

ISabelomali kufanele sibhekane nesinqumo ebesingalindelekile sokuhoxiswa kokuxhaswa wuhulumeni waseMelika, okuyinto embi. Kubonakala sengathi imizamo kahulumeni omusha waseMelika yokunciphisa imali iMelika eyisebenzisa ukuthuthukisa amanye amazwe nombono oyiphutha wokucabanga ukuthi umThetho wokuBuyisela uMhlaba usho ukudla umhlaba ngodli yikona okuholele ekutheni iMelika imise lonke usizo exhasa iNingizimu Afrika ngalo ngempelasonto. 

Yize lomThetho wokuBuyisela uMhlaba unazo izinto ongasolwa ngazo (kodwa) awuphuci muntu ilungelo lokubanomhlaba, njengokusho komthethosisekelo nokusebenza komthetho lapho kusuke kufanele umhlaba ubuyiswe khona. 

Ukumiswa kwale mali eqhamuka eMelika, ikakhulu ohlelweni iPepfar, olumqoka ekulawuleni kwethu ubhubhane lwesandulelangculazi nengculazi, kubi. Ngonyaka odlule iPepfar yafaka u$453 million (uR8.5 billion) ukuxhasa iNingizimu Afrika ngqo, ingxenye enkulu kaR30bn osetshenziswayo ukulwa nesandulelangculazi nengculazi. 

I-Pepfar ibenesandla esikhulu emsebenzini iNingizimu Afrika ewenzile ukulwa nesandulelangculazi, hhayi nje ngemali kuphela kodwa nangokweseka ucwaningo futhi ibiyisibonelo esihle sosizo lweMelika ekuthuthukiseni ezempilo kwamanye amazwe emhlabeni.

Singekuphike-ke ukuthi iMelika isaqhubeka nokuba yizwe elibalulekile kwesihwebelana nawo siyiNingizimu Afrika futhi izimboni ezizimele emazweni womabili zinobudlelwano obuhle obuzoqhubeka. 

UFebhuwari uhlale uyinyanga emqoka ekundlaleleni esingakulindela kuhulumeni ngenxa yeNkulumo eBhekiswe eSizweni neSabelomali. Njengoba okukodwa sekwenzekile, nginethemba ngokwenziwa wuhulumeni nethuba lokusebenzisana ukuqinisekisa ukuthi izinhloso zethu zokukhulisa umnotho ziyafezeka.

Ngesonto elizayo, sizobona isigaba esilandelayo futhi esimqoka kungqongqoshe womNyango weziMali futhi ngithemba ukuthi naso sizofaka omunye umfutho kule mizamo yethu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page