I-SONA neSabelomali yithuba lokukhuthaza izinhlelo zokukhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso
INKULUMO eBhekiswe esiZweni i-State of the Nation Address (i-SONA) ingagcizelela izinyathelo okufanele zithathwe ukuze kuphele unyaka umnotho usukhule ngo-3%.
Izinhlelo zikagesi nomhlahlandlela wokuthutha izimpahla zizoqhubeka. Ukusebenza kahle kwezobulungisa, ukuphucula ukuhlinzeka izidingo nengqalasizinda yamanzi kumqoka.
Lo nyaka uqale ngegiya eliphezulu. UHulumeni woBumbano usukhathule indima enkulu ekuletheni izinguquko ezindaweni eziningi. Yize ikhona imibango phakathi kwamalungu kaHulumeni woBumbano kodwa likhulu ithemba ngokuthi amalungu azibophezele ekusebenzisaneni nokuthola izixazululo lapho engaboni ngaso linye khona ngoba ecabangela izwe.
Umengameli (uMnu uCyril Ramaphosa) angasebenzisa i-SONA ukukhuphula leli themba okungatshengisa ukuzibophezela kwakhe ekusebenzisaneni nokubanjiswene nabo ukuxazulula lapho kuphikiswana khona nokusimamisa izwe.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/02/07/sibheke-inkulumo-yesizwe-eyakhaya-hhayi-egcwele-iziqubulo-kuloba-ubusi-mavuso/
INkulumo eBhekiswe esiZweni iyithuba lokuhlanganisa wonke umsebenzi owenziwayo ukuze kuphele unyaka umnotho usukhule ngo-3%. Yiloku kukhula komnotho okuzoqala kwenze umehluko ekuntulekeni kwemisebenzi, kukhuthaze abatshalimali futhi kungenise nentela edingekayo ukweseka izinhlelo zezenhlalakahle zikahulumeni.
Amabhizinisi nohulumeni basebenzisana kahle njengokuhambisana kwesifiso sethu sokukhulisa umnotho kanti iNkulumo eBhekiswe esiZweni ingakugcizelela loku. Le mpelasonto esiphuma kuyona isikhumbuzile ukuthi asikwazi ukudembesela njengoba ukucinywa kukagesi kubuyile emva kwezinsuku eziwu-311 kungekho.
Yize sesikhathule indima enkulu ekuphuculeni ukutholakala kukagesi, usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe ngezinguquko ukuqinisekisa ukuthi kuphelile ukucinywa kukagesi.
Kufanele kuqhutshekwe ukuhlukanisa i-Eskom, kuhehwe abatshalimali ukwandisa ukuphehla ugesi futhi kubenezindlela ezintsha zokuphehla ugesi. Konke loku kuyingxenye yeqhinga lokuphucula ugesi i-Energy Action Plan uhulumeni namabhizinisi abalisebenzayo ngokubambisana futhi i-SONA iyithuba lokuzibophezela ekuliphothuleni.
Ezinye izinto zisele emuva njengokutshala imali ezindleleni ezintsha zokuphehla ugesi nezokuwuthutha. Singagcina sesibuyele egiyeni kahle ngokubambisana nohulumeni uma umengameli ezophinde azibophezele ekugcineni umgqigqo, ikakhulu izinguquko ezidingekayo ukuheha abatshalimali embonini ezimele.
Ngale kokuqinisekisa ukuthi i-Energy Action Plan iyalandelwa, sidinga nokuhlanganisa iqhinga lokuphucula ezokuthutha izimpahla. Kukhona inqubekelaphambili eyenziwa yiTransnet ukulungiselela ukusebenzisana nemboni ezimele.
Kufanele kubengaphezu kokwenziwayo. Uma sizoheha abatshalimali esibadingayo ukuphucula nokusebenza kahle kwengqalasizinda yezitimela namachweba, kufanele abatshalimali bemboni ezimele badotshwe kakhulu ngokubavumela babambe iqhaza elikhulu kunaleli abalibamba manje.
Kufanele kusheshiswe ukudedela izinkampani ezizimele zikwazi ukusebenzisa ingqalasizinda yezitimela njengokusho kwesibophezelo esenziwa ngoDisemba, i-Network Statement nokungangenisa imali ephakathi kukaR250 billion noR300bn yokulungisa ojantshi ngo-2030.
Kufanele silandelele futhi ekulungiseni ezobulungisa. Kungenzeka kulo nyaka siphume ohlwini iFinancial Action Task Force efaka amazwe athathwa njengangenamithetho eqinile ukugwema ukushushumbisa imali nokuseka izenzo zobushokobezi i-grey list uma sizotshengisa ukuthi uPhiko lokuShushisa eZweni loNke luyakwazi ukushushisa abasolwa ngenkohlakalo, ukushushumbisa imali nabaxhasa izenzo zobushokobezi.
Ukusebenza kahle kwezobulungisa kunemiphumela emihle emnothweni nakwezenhlalakahle futhi kuyisisekelo sokusebenza kahle komthetho ezweni lethu.
Yingakho amabhizinisi ezibophezele ekusekeni izinguquko ngophiko iBusiness Against Crime nangezinhlelo ezifana nesivumelwano iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) eyasisayina noPhiko lokuShushisa eZweni loNke olubaxhasa ngamakhono ukuze bashushise.
Nokho manje umengameli usengakhuluma ngokuvuselela izikhungo nokuthi izinhlaka ezifana noKlebe nezobunhloli zingasekwa kanjani ukuphucula ukusebenza kwazo.
Umengameli kufanele futhi agxile ekuhlinzekeni izidingo komasipala nengqalasizinda yamanzi. Isimo sezimali somasipala abaningi siyadabukisa futhi siyingozi enkulu emnothweni. Omasipala abakwazi ukumelana nezikweletu zabo. Esicace kakhulu yilesi abasikweleta i-Eskom kodwa baningi nabanye ababakweletayo.
Kunengozi yokuthi abanye omasipala bazovele bawe futhi bahluleke wukuhlinzeka ngezidingo kwizakhamuzi nabamabhizinisi. Loku manje yiyonanto esiyinselelo enkulu futhi amabhizinisi nohulumeni bayasebenzisana ukungenelela futhi basekane.
Umengameli angayigcizelela indlela uhulumeni osukumela ngayo le nkinga.
Liyakhula isasasa ngokuthi sizobe sengamele iG20 nemicimbi yamabhizinisi ehambisana nayo nokusinika ithuba lokutshengisa umhlaba ukuthi ivukile iNingizimu Afrika.
Umengameli angasebenzisa i-SONA ukubophezela uhulumeni futhi ekuholeni iG20 nokuseka imigomo eyeseka ukukhula kweminotho yamazwe asathuthuka.
Kuningi okungahlanganiswa kwiSONA okubalwa izinguquko ezikade zathenjiswa njengemithetho elawula ukusebenzisana kukahulumeni nemboni ezimele.
UmNyango weziMali ungenza inqubekelaphambili ebonakalayo ukuphucula indawo amabhizinisi asebenzela kuyona kusukela ekusebenzeni kwemali yakwamanye amazwe nokusimamisa ezentela.
Yize ukucinywa kukagesi kusiphazamisile kule mpelasonto kodwa lo nyaka kuzoba ngomunye weminyaka emihle esesike sabanayo.
I-SONA nokuthula iSabelomali emasontweni amabili kumqoka ekuqinisekiseni ukuthi siyazifeza izethembiso esizenzile ngokukhulisa umnotho.


