Usihlalo weSanef uNkk uNwabisa Makunga uthi kufanele izintatheli zizinuke amakhwapha ngomsebenzi wazo. Isithombe: Sithunyelwe

Izintatheli kufanele ziqaphe ngeso lokhozi njengoba sekunohulumeni wobumbano futhi zizinuke amakhwapha, kuloba uNwabisa Makunga

UMHLAKA-29 wangoMeyi, usinike umphumela wokhetho owukuthi yize wawulindelekile, washo ukuqala kohambo olusha ezweni lethu. Abanye bathi kunomoya wethemba elisha ovunguzayo, bathi impela uHulumeni woBumbano uyasebenza.

Nokho abanye bashaya amakhala bathi ngale komkhankaso wokuzikhangisa, siyisizwe esinamanembe ajulile okungalingani nokucwasa.  

Noma ngabe uthini umbono wakho ngalesi sikhathi izwe lethu elikuso, kufanele sivumelane ngokuthi thina siyizintatheli, asizona nje izibukeli zomlando. Singabanye babantu abanamandla okukhomba indlela okufanele liyilandele, siyingxenye yabantu abanamandla, yize kungakhali isicathulo sethu.

Ngakho-ke noma ngabe sisibuka kanjani lesi sikhathi emlandweni wethu, into eyodwa esingavumelana ngayo wukuthi, lesi yisikhathi okufanele siqaphe ngeso lokhozi ngaso. Abaningi bazothi vele ukuqapha ngeso lokhozi yinto esiyenza kahle njengezintatheli zaseNingizimu Afrika.  

Kunjalo impela uma kusuke kucacile futhi kunobufakazi obenza ukuthi sisole. Kepha kwenzekani uma kungenjalo? Kwenzekani uma sikholwa wukuthi kukhona izingelosi nosathane?

Kwenzekani uma sikholwa wukuthi isikhathi esikuso esokubusa kwezingelosi futhi amathemba namaphupho ezwe asezandleni zabantu abazokwazi ukuzigada? 

Balingani kunezinto ezisanda kwenzeka ezisitshengisile ukuthi uma kwenzeka kufanele singakuvumeli ukuzithela ngabandayo. Akufanele sizibe uma kukhona abahlaba ikhwelo lokuthi sigade ngaphandle kokwenzelela futhi akufanele sizithambise uma kukhona abasebenzisa amandla abanawo budedengufuthi uma kungenzeki ubulungisa. 

Balingani lesi sikhathi sifuna ukuthi sibhekane ngqo nale nselelo emlandweni wethu, siqaphe kakhulu kunakuqala labo abazoganga ngamandla abanikwe wona ekubeni bebethi abakwenzayo bacabangela leli zwe.  

Yiloko okufuneka kithina ngalesi sikhathi, yiloko okufunwa yiNingizimu Afrika kithina futhi yiyona nto okufanele siyiphokophele siyizintatheli, izinkampani zabezindaba neSouth African National Editors’ Forum (iSanef), inhlangano yabahleli eNingizimu Afrika. 

Okwesibili, lesi sikhathi sifuna ukuthi siqonde kahle ukushintsha nemicikilisho osekukhona endleleni esisebenza ngayo. Isisithwalise ijoka elithe xaxa ngenxa yezinselelo ezikhona endleleni ulwazi oselusatshalaliswa ngayo.  

Ake nginikhumbuze okwenzeka eminyakeni emithathu edlule. Emva kokuthi kuphume umbiko kaSatchwell, iSanef yaba nengqungquthela ebheka ukuziphatha kwezintatheli, i-Media Ethics Conference, esasimeme kuyo izikhulumi ezihlukene. 

Esinye salezo zikhulumi kwakwuMnu uSongezo Zibi owayesikhulu sasebhange ngaleso sikhathi futhi owake wabawumhleli wephephandaba. Enkulumweni yakhe uZibi, wasikhumbuza ukuthi izintatheli zinesandla esikhulu endleleni izinto ezenzeka ngayo emphakathini nencike ekutheni ihlonipheke kanjani indlela esibika ngayo.  

UZibi wathi kungaqubuka imibhikisho futhi kufe izinkumbi zabantu uma izintatheli zibika okungelona iqiniso. Wayeqinisile. Kepha akupheleli lapho.  

Kwathi engakaligwinyi nokuligwinya, ezinyangeni ezintathu emva kwaloko, kulesi sifundazwe (KwaZulu-Natali) kwaba neminye yemibhikisho eyisibhicongo, kwafa inqwaba yabantu ngenxa yamanga.

Umehluko kuloko wukuthi, kwakungenziwa yizintatheli. Kwakwenziwa yizikhohlakali ezazisebenzisa ubuchwepheshe besimanje, wonke umuntu anabo.  Kusho ukuthini loko ebuntathelini? 

Kusho ukuthi akusethina kuphela esisabalalisa ulwazi. Kusho ukuthi sisebenza endaweni lapho kukhona abantu abanenhloso yokusebenzisa amanga ukudunga indlela ulwazi olusatshalaliswa ngayo, ukona nokucekela phansi izinhlaka zentando yabantu. 

Abanye bangasho ukuthi yize kuyinkinga enkulu lena kodwa akuyona eyokuxazululwa yizintatheli. Umbono wethu uthi lena yinkinga yethu nomphakathi wonke.  

Kepha thina zintatheli sinendawo ehlukile emphakathini ngoba abantu babheke thina ukuthi sibesekhaleni lwalezi zinto nokuthi siphendula sithini.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2020/09/16/sikhulekile/

Yingakho iSanef isikhethe ukusebenzisana nezinhlangano ezihlukene, ezweni nasemhlabeni ukubheka izindlela esingazisebenzisa ukuvikela ubuntatheli nokubusebenzisa njengesikhali sokulwa nomonakalo odalwa ngamanga afafazwa ngobuchwepheshe. 

Sikwenza lokhu sibe siqonda umsebenzi izinhlaka zomphakathi ezinawo ekulweni nalesi sihlava. Yingakho futhi sinxusa nina enikhona lapha nezinye izinhlaka ukuthi neseke umsebenzi omuhle owenziwa yiSanef ekubhekaneni nale nkanankana ehlasela umphakathi wethu. 

Okokugcina engikholwa wukuthi kufanele kubeyisisekelo somsebenzi wethu, wukwenza umphakathi ukuthi uphinde usithembe. Kuyinto eyaziwayo ukuthi izinhlangano, ezikahulumeni nezizimele, azisathenjwa wumphakathi. 

Uhulumeni, amabhizinisi, ezobulungisa nezintatheli. Kunjalo nje emhlabeni jikelele. 

Kepha thina njengezintatheli, umsebenzi wethu unomphumela futhi uyasebenza uma abantu esibabhalelayo besithemba. Yingakho kubalulekile ukuthi siyimboni sizinuke amakhwapha ngokuthi yini esiyenzayo, ngisho singaqondile, eholela ekutheni singethenjwa. 

Sonke sinengcindezi zonke izinsuku; ngathi sisempini. Isibalo sezintatheli sesinciphile, imisebenzi iyaphela, imali engenayo yehlile futhi sinenselelo yamakhono.  

Yize kunjalo kufanele sihlale sikulungele ukuzinuka amakhwapha nezinqumo esizenzayo, okungenzeka zibhebhezele ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bayeke ukusithemba.  

Ekwenzeni loko, kufanele sithembeke futhi siphendule.  

Sengathi singakhumbula ukuthi umsebenzi wobuntatheli uyisipho. Sisiphiwe ukuthi sisebenze ngaso futhi sisihloniphe. Sisiphiwe ukuthi silwe ngaso ukuvikela, ukuhlonipha nokuthembeka kwiNingizimu Afrika, intando yabantu nasebantwini bakhona.   

Sengathi singezenzele phansi futhi singalenzeli phansi igama likaNat Nakasa. 

  • UNkk uMakunga uwusihlalo weSanef. Lena yinkulumo ayethule emcimbini wamaNat Nakasa Awards eThekwini ngoMgqibelo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page