Ngemva kwesikhundla sikamengameli asikho esibaluleke ukudlula esikangqongqoshe weziMali, kuloba uJabulani Sikhakhane
UKUHLELA iSabelomali sezwe nokusethula ePhalamende kuvame ukuthathwa njengento eqondene kakhulu nezomnotho nomsebenzi wezimakethe.
Loku kudalwa wukuthi izimakethe zihlale zisibheke ngeso lokhozi iSabelomali, ikakhulu izinhloso zikahulumeni zokuboleka imali, umbiko ngezinga lokukhula komnotho nokunyusa noma ukwehlisa amazinga entela. Kwintela kubhekwa ukunyusa izinga labahola kakhulu (eliwu-45% okwamanje) nelentela ekhokhwa yizinkampani.
Isizathu sesibili wukuthi ukuthula iSabelomali kulandela inkulumo kamengameli wezwe yokuvula iPhalamende, ethathwa njengohlaka lwepolitiki nemigomo kahulumeni.
Eqinisweni emva komsebenzi kamengameli wezwe, asikho isikhundla esibaluleke kwipolitiki nokuphatha izwe njengesikangqongqoshe womNyango weziMali. Isizathu saloku wukuthi kukhulu okuchazwa yiSabelomali ngokuphatha izwe, ukuthi yimiphi imikhakha yezakhamuzi ezinezwi elibalulekile ekuhlanganiseni iSabelomali.
Ngaphezu kwalezi zizathu, iSabelomali singafaniswa nenyama, imithambo yegazi nesikhumba esimboza amathambo (esingathi izinhloso zezepolitiki).
Yingakho-nje uma kubhekwa ngelinye iso lepolitiki kungethusi kangako okwenzeke kuleli sonto. Kuyaqala ukuthi kuhlehliswe ukuthula iSabelomali ngomzuzu wokugcina, lapho amalungu ePhalamende nezethameli eziqavile sebehleli phakathi ePhalamende belindele inkulumo kangqongqoshe womNyango weziMali.
Uhulumeni nePhalamende baphoqeke ukuthi bahlehlise ukwethula iSabelomali sango-2025 ngenxa yokungaboni ngaso linye kwamaqembu akuHulumeni woBumbano, ikakhulu ngesiphakamiso sokwenyusa i-value-added tax (i-VAT), isuswa ku-15% iya ku-17%.
Kunezinsolo zokuthi udaba lokunyusa i-VAT lwethulwe kumalungu eKhabinethi ngomzuzu wokugcina ngaphambi kokuthi uMnu u-Enock Godongwana ethule iSabelomali ePhalamende. Ngokweso lezombusazwe, uGodongwana nezikhulu zomNyango weziMali bebegagamela uma benza kanje.
Isizathu saloku wukuthi izinqumo ngeSabelomali, ikakhulu eziphathelene nokunyusa izinga lentela, zinomphumela ovame ukungabi muhle kwipolitiki. Ukunyusa i-VAT ngamaphesenti amabili, phecelezi two percentage points, kulindeleke ukuthi kuvungamise abantu, ikakhulu abahola kancane, abangasebenzi nalabo imiholo yabo engathathwa njengesesigabeni esiphakathi nendawo, phecelezi ama-middle income earner, ngokwezikali zezinga lempilo.
Yingakho-ke kubalulekile ukuthi ungqongqoshe womNyango weziMali kubewumuntu o”habulile” kwipolitiki. Kubalulekile ukuthi abewumuntu onolwazi ngokusebenza komnotho wezwe kodwa akwanele.
Lubalulekile ulwazi ngokusebenza kwezepolitiki. Nokho kwamanye amazwe ungqongqoshe weziMali uncika kakhulu kumengameli wezwe, okuba uye omcebisayo ngeziphakamiso ezingadala izinkinga kwezepolitiki.
Lobu budlelwano buchazwa kahle wuMnu uKen Clarke, owake wabawungqongqoshe womNyango weziMali eNgilandi, encwadini yakhe, i-Kind of Blue: A Political Memoir. Uthi undunankulu kahulumeni eNgilandi kufanele kubewumuntu okwaziyo ukusheshe abone imiphumela yemigomo ehlongozwayo futhi abe nolwazi ngokuphatha kweqembu elibusayo. Akalindelekile ukuthi acijwe kwezomnotho. Kuloku uncike kungqongqoshe weziMali.
Nokho kuyadingeka ukuthi izinyawo zikangqongqoshe weziMali zigxamalaze ezindaweni ezimbili – kwezomnotho nakwezepolitiki. Kwezomnotho uwubuso (phecelezi, face) bezwe. Kuwumsebenzi wakhe ukuthi ahehe abatshalimali nosomabhizinisi ngokuthi bamkholwe uma ebatshela ngekusasa lezwe eliqhakazile.
Uphinde abe izwi elikhulumela izwe kwabezimali bakulelizwe nakwamanye amazwe abathenga amabhondi kahulumeni. Amabhondi ayindlela uhulumeni aboleka ngayo imali ayidingayo ukuvala igebe phakathi kwemali ayiqoqa ngentela naleyo ahlose ukuyisebenzisa unyaka nonyaka. Libalulekile lapha izwi likangqongqoshe weziMali, ikakhulu uma enza izithembiso ngekusasa lesimo sezimali zikahulumeni nomnotho wezwe.
Ngakwezombusazwe, kuwumsebenzi kangqongqoshe womNyango weziMali ukucebisa umengameli nekhabhinethi yonkana ngesimo sezimali. Sibalulekile isimo sezimali ngoba yiso esinquma ukuthi ezinhlelweni nemigomo ehlongozwayo (umsuka wayo okuyipolitiki nezidingo zezwe) yikuphi isimo sezimali esivumela ukuthi ingenziwa futhi ngamuphi unyaka.
Loku kuvame ukuthi kudale ukungqubuzana ngamazwi phakathi kukangqongqoshe wezimali nozakwabo. Sekuyinhlalayenza kulelizwe ukuthi emva kokumenyezelwa kweSabelomali ongqongqoshe baphumele esidlangalaleni, bekhononda ngokuthi iminyango yabo ayitholanga okwenele izidingo.
Kuyenzeka futhi ukuthi ungqongqoshe womNyango weziMali angqubuzane nomengameli ngoba umengameli engafuni ukumukela okuphuma kungqongqoshe ngenani lemali.
Kwamanye amazwe loku kungqubuzana kuvame ukwenzeka uma sekusondele ukhetho, ikakhulu uma kunezinkomba zokuthi abavoti abasalifuni iqembu elibusayo ngoba bethi lihlulekile ukumelana nezidingo zabo.
Isizathu sesibili sokungqubuzana phakathi kukangqongqoshe weziMali nabalingani kubayimigomo ehlongozwayo elethwa phambi kwekhabhinethi. Iningi lale migomo ehlongozwayo lidinga ukwabelwa imali. Kubalulekile-ke ukuthi ungqongqoshe womNyango weziMali nezikhulu zomnyango wakhe zicubungule yonke imigomo ehlongozwayo, ikakhulu ngeso elibheka izidingo zeSabelomali.
Loku kwenza ungqongqoshe womNyango weziMali abenyamana mbana kubalingani, uma bemthatha njengesitha sabo. Ikakhulu uma sebembona njengomuntu ogxambukela kwimigomo abayithatha ngokuthi ingaphansi kweminyango yabo.
Konke loku kubeka obala ukubaluleka kukangqongqoshe womNyango weziMali, ikakhulu uma umsebenzi wakhe ubukwa ngokulandela amazwi owayengusolwazi wepolitiki eMelika uMnu uHarold Laswell. Isihloko sencwadi yakhe eyaphuma ngo-1936 sithi Politics: Who Gets What, When, How), okusho ukuthi ubani othola ini, nini nakanjani.
Wumhlahlandlela obalekile lona wokucubungula isimo sepolitiki ezweni nokuphathwa kwalo. Impendulo yayo yonke le mibuzo – ukuthi ubani, nini nakanjani – iphuma kwiSabelomali.


