Ukunyusa intela yezimpahla ezivela kwamanye amazwe kusho ukuthi kuzobanzima ukuthi imboni yezimoto iqhubeke nokuzidayisa kahle eMelika, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika kufanele ibheke amanye amazwe ngale kweMelika, kuloba uBusi Mavuso

ASIKWAZI ukwenza sengathi asiziboni izinto eziyingozi emnothweni wethu. Izibalo ezivele ngesonto elidlule ziveze ukuthi lehlile ithemba labathengi. 

Zazicwaningwe ngoFebhuwari ngesikhathi iMelika iqala izimpi zayo zohwebo futhi ikhabhinethi yethu ihluleka wukuvumelana ngeSabelomali esasifaka ukunyusa intela ebanjwa ezimpahleni i-value-added tax ngo-2%. Sekuphele inyanga, izimpi zisaqhubeka futhi asikavumelani ngeSabelomali.

Okunye osekwengeze kuloku yisinqumo sangesonto elidlule sikahulumeni  kaMnu uDonald Trump sokukhokhisa imboni yezimoto intela ewu-25%. Yize iMelika kungesilona izwe elithenga izimoto eziningi ezikhiqizwe kuleli zwe (kodwa) yiyona ethenga u-5% wezimoto ezincane, okungenisela iNingizimu Afrika uR26 billion. 

Ezinye zalezi zimoto zizodayiseka kwamanye amazwe ikakhulu ngoba intela ethulwa yiMelika isho ukuthi izimoto zakhona azizukuthengwa nakwamanye amazwe okufaka neYurophu, okuyiyona ethenga kakhulu izimoto zethu. Nokho kukhulu ukuphazamiseka kwesimo somnotho emhlabeni, okunyusa amanani ezimpahla futhi kwehlise ukuzithenga.

Sidinga ukubuyekeza indlela amazwe abheka ngayo ukuhwebelana. Amazwe amaningi azobona ukuthi kufanele anciphise ukuthembela kwiMelika ekudayiseni izimpahla zawo. Isifundo esisitholayo ngezenzo zeMelika wukuthi uma unamazwe amaningi osebenzisana nawo, kuyakusiza loko uma kukhona izinto obungazilindele ezenzekayo kwamanye awo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/29/izinqumo-zikatrump-ziyisikhumbuzo-sokuthi-amazwe-kufanele-athembele-emnothweni-wawo-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Ngiyethemba ukuthi abadayisi bezimoto bazothola amanye amakhasimende ezimoto angasakwazi ukuzidayisa eMelika kodwa isifundo esikhulu kithina siyizwe wukuthi kufanele sibenobudlelwane namanye amazwe.

Ukwenza loko kudinga imizamo ezokwenziwa amabhizinisi nohulumeni. UmNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana yiwona olekelela ukuthuthukisa ubudlelwano bokuhwebelana namanye amazwe nezivumelwano ezifanele nezimakethe ezifanele. Kodwa amabhizinisi nawo adinga ukuqhamuka namaqhinga azoheha amakhasimende, loku yinto ephuthumayo kithina sonke.

Izivumelwano ezihlose ukwenza kubelula indlela amazwe ase-Afrika ahwebelana ngayo i-African Continental Free Trade Agreement (i-AfCFTA) siloku sishintsha kancane futhi manje sesengamele imikhiqizo eminingi kodwa izimoto azikabibikho ohlwini lwaso. 

Ezinye izingxoxo zokuhwebelana ezikade zaqala njengalezo ezenziwa ne-India seziyaphuthuma. Ngonyaka odlule, ungqongqoshe womNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau wazibophezela ekuqiniseni ubudlelwano ne-India namanye amazwe emhlabeni. 

Yisifiso esihle leso. Ezohwebo bezingeyona into eseqhulwini kulaba ohulumeni ababili bokugcina kodwa manje sekudinga ukunakwa ngempela wuHulumeni woBumbano uma sibheka isimo esizithola kusona emhlabeni. 

Kufanele silindele ukuthi uhlelo obeluvuna amazwe athile ase-Afrika uma ehweba eMelika i-African Growth and Opportunity Act (i-Agoa) luzophela ngoSepthemba uma kuphela lesi sivumelwano esikhona.

Ukuphela kwe-Agoa bekuzolimaza imikhiqizo yezimoto futhi kuzolimaza nezinye izinto esihwebelana neMelika ngazo, ikakhulu imikhiqizo yezolimo. Lilonke, i-Agoa ithinta imikhiqizo emincane uma sibheka yonke imikhiqizo esiyidayisela iMelika okugcwele kuyona izimpahla ezisuke zingakaguqulwa kodwa kuzobayinselelo kwezinye izimboni.

Ngesonto elidlule, umNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana wenze izethulo kwiNedlac ngezinselelo esibhekene nazo, okubalwa nokuphunyukwa yi-Agoa futhi amabhizinisi nalo mnyango kufanele basebenzisane ukuthola amanye amathuba njengoba isimo sesinje emhlabeni.

Kufanele sithole abanye abantu esizohwebelana nabo njengeMiddle East, esingenzi lutho olutheni nabo ngaphandle kokuthenga uwoyela. Kukhona amathuba kulezi zimakethe nakwezinye futhi sidinga uhlelo lokuxoxisana nazo. Ukuhwebelana namanye amazwe e-Afrika nako kuyithuba futhi kufanele i-AfCFTA ifake nezinye izimpahla okufaka izimoto.

Izindaba ezinhle wukuthi ikhona inqubekelaphambili ngemboni yokuthutha izimpahla, okwenza abadayisela amanye amazwe izimpahla bakwazi ukusheshe bayise izimpahla zabo kuwona. 

Iphucukile indlela izitimela namachweba okusebenza ngayo futhi ezinye izinguquko ezinqala zisemome emva kokuthi ungqongqoshe womNyango wezokuThutha uNks uBarbara Creecy ekhiphe isicelo solwazi oluthe xaxa embonini ezimele “ukuphucula indawo okusetshenzelwa kuyo ukuze imboni ezimele ibambe iqhaza futhi kwande imali etshalwe kwingqalasizinda yezitimela namachweba nokusebenza kwakho”. 

Loku cishe kuzovula ithuba lokuncintisana okungcono emboni yezitimela namachweba, uhulumeni okuseyiwona umnikazi wengqalasizinda kodwa izinkampani ezizimele zingawengamela umsebenzi futhi kuncintiswane ngokuthi wubani ongenza kangcono. 

Amachweba ethu angamanye asilele emhlabeni kodwa awucabange uma ngelinye ilanga esencintisana wodwa ukuhlinzeka ngomsebenzi oseqophelweni eliphezulu kubantu baseNingizimu Afrika. Lena yingxenye ebalulekile ekuphuculeni indlela esincintisana ngayo.

Izinto ziyashintsha kakhulu endleleni umhlaba ohwebelana ngayo. Uhulumeni kufanele uhambe phambili uxoxisane nabantu futhi wakhe amathuba. Ekugcineni, yiloko okuzovikela umnotho wethu futhi kuwukhulise namathuba omsebenzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page