Wunyaka wokuthi iNingizimu Afrika ikhombise amangwevu emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso
LONA wunyaka onezinto eziningi esizibhekile emhlabeni kodwa engikholwa wukuthi uzoba muhle eNingizimu Afrika. Sinethuba lokwakhela phezu kwezinguquko ezenziwe eminyakeni embalwa edlule.
Sekuphelile ukucinywa kukagesi nezinye izinto ebezinqinda umnotho njengenkinga yezokuthutha izimpahla elungiswayo. Akungatshazwa ukuthi zisenkulu izinguquko okufanele zenziwe ukuseka umnotho wethu kodwa kufanele siqale sizibone izithelo zosekwenziwe.
Ngokwengamela uhlelo lweG20 kulo nyaka nemicimbi yeB20 ethinta amabhizinisi, iNingizimu Afrika izobe ibukwa ngabaholi bepolitiki namabhizinisi basemazweni athuthukile. Loku kuzoba yithuba lokutshengisa indima esesiyikhathulile futhi kutshengise nasemehlweni omhlaba ukuthi izinto zihamba ngakho ezweni lethu.
Osomabhizinisi bayaqhubeka neB20 kanti sebemqokile umphathi ogxile ekuhlanganiseni imali edingekayo. Ngizoya kwiWorld Economic Forum eDavos, eSwitzerland, ngesonto elizayo nabanye abaholi bamabhizinisi nabepolitiki lapho sizoqala khona ukubanemicimbi yeG20 neB20 nabaholi bakwamanye amazwe.
Yomibili le micimbi ibalulekile emabhizinisini ukuqinisekisa ukuthi izwe liyahlomula ngayo, ukuqhakambisa umsebenzi osuwenziwe namathuba akhona amabhizinisi nawokutshala imali eNingizimu Afrika. Imizamo eminingi kulo nyaka izogxila ekuqinisekiseni ukuthi kuyenzeka loko.
Iqhinga elicacile lokuxoxisana nabaholi bomhlaba eDavos yisinyathelo sokuqala sokwenza loko kanti kuyangithokozisa ukuthi ngokuhamba kwaleli sonto, amabhizinisi nohulumeni bazohlangana ukuze bakhulume ngazwi linye.
Yize iG20 iyithuba okufanele silibambe ngazo zombili kodwa kubaluleke kakhulu ukuqinisekisa ukuthi izinguquko ezweni ziyaqhubeka. Ukubambisana kukahulumeni nabamabhizinisi kungene esigabeni sesibili ngasekupheleni konyaka odlule kuzokwakhela phezu komsebenzi obusuqalile wezinguquko futhi kuqhube umsebenzi obalulekile wokuqinisekisa ukuthi siyizwe eliwavezayo amathuba omnotho.
Ngiwubheke ngabomvu lo mhlangano wokuqala wamabhizinisi nohulumeni ozoba khona ekuhambeni kwaleli sonto nomengameli nethimba lakhe. Kusinika ithuba lokuhlahla indlela yalo nyaka. Uhulumeni wobumbano uzibophezele kulesi sigaba esisha sokusebenzisana futhi uzozikhandla ukuqinisekisa ukuthi sithela izithelo.
Kulezinyanga ezidlule, ngiqaphelile izikhawu ezimbalwa ukuthi uhulumeni wobumbano ulikhulisa kanjani ithemba kwabamabhizinisi njengoba kunomnyakazo obonakalayo ngezinguquko ezifana namavisa kanjalo nengqalasizinda ethinta amanzi. Kube kuhle ukubona ngesonto elidlule ukuthi iMoody’s nayo iyiqaphelile lenqubekelaphambili embikweni ewubhalile ngokulindelekile eNingizimu Afrika. Lenqubekelaphambili (kufanele) yenze sizibophezele kakhulu kunakuqala ezinguqukweni kunokuthi sidembesele.
Kuthatha isikhathi ukuthi zibonakale izithelo emnothweni. Yize kunemali engabange isatshalwa noma okubambezelekile ukutshalwa kwayo ngenxa yokucinywa kukagesi, izinkampani sezizoqala manje zibuyelwe yithemba lokuqhubeka nezinhlelo zazo zokutshala imali ngenxa yokuphucula kwendlela ugesi ohlinzekwa ngayo.
Nokho izinhlelo zokuqhubeka nezinguquko embonini kagesi kufanele ziphothulwe. Lezi yizinhlelo ezifaka nokwandisa izinkampani ezizoncintisana ukuze kwehle amanani kagesi, osekuphele iminyaka engaphezu kwewu-15 siwabona enyuka.
Kufanele siphuthumise izinguquko nasembonini yokuthutha izimpahla, kwandiswe abancintisanayo ngokuvulela imboni ezimele ithuba lokusebenzisa ingqalasizinda yeTransnet.
Sigcizelele futhi nokubaluleka kokushintsha izinto komasipala. Kuyacaca ukuthi omasipala bayakuphazamisa kakhulu ukuhlinzeka izidingo kanti into okufanele isukunyelwe kakhulu yimali abayikweleta i-Eskom. Ukusebenza komasipala kuthinta amabhizinisi kanti sengike ngabhala kule ngosi ukuthi izinkampani ziyaphoqeka ukuvala ngoba engekho amanzi futhi nodoti ungaqoqwa ngesikhathi.
I-Operation Vulindlela, uhlelo lokubambisana phakathi kweHhovisi likaMengameli nomNyango weziMali ukuphuthumisa izinguquko, nalo igcizelele ukubaluleka kokushintsha izinto komasipala. Isitatimende esishicilelwe yi-ANC sokugubha ukusungulwa kwayo ngomhlaka-8 wangoJanuwari sibalulile ukuthi enye yezinto eziyisithupha eziseqhulwini okufanele zilungiswe ngo-2025 womasipala ukuqinisekisa ukuthi kunogesi namanzi, okuyinto ethokozisayo.
Lesi yisikhathi esisha sokusebenzisana phakathi kwamabhizinisi nohulumeni kanti ngikholwa ukuthi kukhulu esizokwenza ngo-2025. Sizoqhubeka nokuseka izinguquko kwezobulungisa njengoba kulo nyaka sinethuba lokuphuma kwi-grey list, okungaba enye into enhle.
I-Business Leadership South Africa izoqhubeka nokuseka uphiko lokushushisa ezweni iNational Prosecuting Authority ngezinsizakusebenza ezizokwenza umsebenzi wayo ubelula.
Sikubheke ngabomvu ukusebenzisana nani nonke.
