Ongqongqoshe nabaholi bamabhizinisi bethule umyalezo omuhle eDavos, kuloba uBusi Mavuso
EMBUTHANWENI waminyaka yonke ohlanganisa abaholi bamabhizinisi nabepolitiki emhlabeni iWorld Economic Forum (iWEF), obuseDavos, eSwitzerland, ngesonto elidlule, iNingizimu Afrika ikhulume ngezinto esizizuzile nokuthi yini enye engayenza. Nongonyaka odlule, umyalezo wethu wawukhuluma ngesingase sikwenze.
Umengameli uMnu uCyril Ramaphosa wethule enye yezinkulumo ezinothile wagcizelela ukuzibophezela kwethu ekuthuthukiseni nasekukhuliseni umnotho.
Njengoba isiphothuliwe iWEF, kunethemba elikhulu emhlabeni njengoba kuyiNingizimu Afrika ezosingatha imibuthano yeG20 futhi sinethuba lokuthi lokhu kugcine kuholele ekusebenzisaneni nomhlaba isikhathi eside.
Isonto elidlule belilihle kakhulu ethimbeni laseNingizimu Afrika. Kufanele izwe liziqhenye ngethimba elihlanganisa osomabhizinisi nohulumeni ebeliye kwiWEF futhi elithole ukuthi ishintshile indlela iNingizimu Afrika ebukwa ngayo.
Uma kuqhathaniswa nonyaka odlule, ngesikhathi kwakusazobanokhetho futhi sasihlushwa wukucinywa kukagesi, izinto sezishintshe kakhulu. Belilikhulu isasasa ukuzwa ukuthi ithini iNingizimu Afrika.
Sikwazile ukukhuluma ngesesikuzuzile nokuthi yikuphi okunye esingakwenza ekubeni ngonyaka odlule umyalezo wethu wawugxile kwesingakwenza. Sibenesibindi sokukhuluma ngesifiso sethu sokukhulisa umnotho ngo-3% kulo nyaka futhi abantu bebelalele.
Bekungesiwo nje umyalezo oqhamuka ethimbeni leNingizimu Afrika kuphela, izinkampani ezengamela imali yabatshalimali emhlabeni namabhange, nazo zibale iNingizimu Afrika njengezwe okufanele kulindelwe lukhulu kulona kulo nyaka.
Ongqongqoshe nabaholi bamabhizinisi bebesebenzisana ukwethula umyalezo ocacile nothi iNingizimu Afrika ivukile futhi maningi amathuba enawo.
Umengameli uqhakambise izinguquko zokuphucula indawo amabhizinisi asebenzela kuyo nokuheha abatshalimali, okufaka ukubanomgomo ocacile nokukhulisa umnotho. Ugcizelele ukutshala imali kwingqalasizinda nokubambisana phakathi kwemboni ezimele nohulumeni ukufeza izinto namathuba okuwavulela abatshalimali. Ukhulume ngeqhaza leNingizimu Afrika ekubeni yisango lokungena e-Afrika yonke kwabafisa ukutshala imali ezwekazini nethuba elikhulu elilethwa yi-African Continental Free Trade Agreement.
Ongqongqoshe namaphini abo nabo bebehamba bethula izinkulumo kuyo yonke iWEF kanti umyalezo wabo ubucacile kangangokuthi namabhizinisi abekwazi ukuwugcizelela. INingizimu Afrika iphezu kokuxazulula izinselelo zayo. Sesitshengisile ukuthi ikhona inqubekelaphambili kanti manje sekuyisikhathi sokuseka amathuba akhona.
Ungqongqoshe womNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau ukhulume ngomphakathi oqhamuka nezinto ezintsha, kwathi ungqongqoshe womNyango weSayensi nobuChwepheshe uDkt uBlade Nzimande yena waqhakambisa amakhono adingekayo kulesi sikhathi sobuchwepheshe besimanje.
Ungqongqoshe womNyango wezoLimo uMnu uJohn Steenhuisen ukhulume ngokuqinisekisa ukuthi kunokudla okwanele kube kukhuliswa umnotho.
Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ugcizelele ukuqhubeka nezinguquko ezinqala ezizokhulisa umnotho washo nokuthi loko kuzolandelwa wukuphucuka kwendlela iNingizimu Afrika ekleliswe ngayo yizinkampani ezicubungula umnotho wamazwe. Abantu abazama ukuveza ukuthi kukhona okungahambi kahle ngohulumeni wobumbano bahlulekile.
Njengoba iG20 neB20 kuzoba sezweni lethu kulo nyaka, kwenze sagqama kakhulu eSwitzerland. Kungicacele ukuthi iNingizimu Afrika inethuba eliyivelakancane ngeG20 lokuqhakambisa leyo migomo ebalulekile emazweni aseNingizimu emhlabeni njengalezo ezidinga kwenziwe ukumelana nokuguquguquka kwesimo sezulu.
Sinethuba lokwabelana ngolwazi ngesesikwazile ukukwenza okuholele ekusebenzisaneni phakathi kukahulumeni namabhizinisi ukuthuthukisa izwe. Sesihlanganise indlela enhle engalandelwa abanye yokusebenzisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele engasetshenziswa emhlabeni wonke.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/17/iningizimu-afrika-iya-kwiwef-ishayela-phezulu/
Sesinombono manje wokuthi yini esifisa ibewumphumela wokusingatha kwethu iG20. Okokuqala kuzoshintsha indlela umhlaba obuka ngayo ingozi yeminotho esathuthuka futhi iqinisekise ukuthi siyakwazi ukumelana nezikweletu futhi nabatshalimali bayasondela.
Okwesibili, kufanele singahlonizi ngokubaluleka kwezinto ezizolekelela ukumelana nokuguquguquka kwesimo sezulu emazweni aseNingizimu emhlabeni ukuze aqhubeke asebenze.
Okwesithathu, kufanele sitshengise ubuhle bokusebenzisana phakathi kwamabhizinisi nohulumeni nokuthi ngokusebenzisana, singazithola izixazululo.
Okwesine, wukuqinisekisa ukuthi siyakhuluma ngesifiso sethu sokukhulisa umnotho ngo-3% kulo nyaka.
Ngicabanga ukuthi emva kwakho konke loku, ithimba laseNingizimu Afrika lihamba ngeqholo ukuthi linezinto elibuye nazo ezizolekelela imizamo yethu yeB20 neG20. Kunomfutho nethemba ngokuthi iNingizimu Afrika yiyona eyenza le micimbi nangokulindelekile emnothweni.
Umengameli uvale inkulumo yakhe ngokumema bonke ebebeseDavos ukuthi beze bazovakashela “izwe elihle kunawo wonke emhlabeni” futhi umengameli weWEF uMnu uKlaus Schwab akapholisanga maseko washo ngaso leso sikhathi ukuthi uzoza. Yiyonanto ebiqhamuka yonke indawo eDavos. Umhlaba uyawubona umehluko esiwenzayo ngezinguquko emnothweni, ukulungisa inkinga kagesi, ukulwa nenkohlakalo nokulungisa indlela izimpahla ezithuthwa ngayo.
Njengoba eshilo umengameli, awamaningi amazwe emhlabeni lapho kukhona ukusebenzisana kwesikhathi eside phakathi kwamabhizinisi, uhulumeni nezinyunyana, okutshengisa ukusimama nethemba lokukhula komnotho. Umhlaba uzwile.
