Emva konyaka kunohulumeni wobumbano, ibambe ngakho ngezinguquko nakuba okunye kucikizela, kuloba uBusi Mavuso
NGONYAKA odlule, bambalwa abantu ababengacabanga ukuthi uhulumeni wobumbano uzobe usekhona kuze kube manje, ingasaphathwa eyokuthi uzoza nezingququko eziphathekayo.
Nokho naku kwenzekile njengoba izicelo zama-visa ebezibambezelekile sezenzekile, iTransnet isiqalile ukuxoxisana nemboni ezimele futhi iminyango kahulumeni isingakwazi ukusebenzisana nezinkampani zobuchwepheshe ezisezingeni lomhlaba ukuphucula indlela esebenza ngayo.
Ubudlelwano phakathi kwamabhizinisi nohulumeni ngaphansi kukahulumeni wobumbano buhamba kahle kakhulu uma kuqhathaniswa nendlela obebuyiyona kudala.
Ngokusebenzisana neBusiness Unity South Africa, asisayenzi into yokulokhu sigidagida ekubalisiseni nasekwenzeni izethembiso ezingafezwa kodwa kunaloko siyabambisana ngendlela efanele. Imihlangano esibanayonomengameli kanye ngekota ithela izithelo ezibonakalayo, hhayi nje ithuba lokushutha izithombe.
Kukhona esesikunqobile. UmNyango wezaseKhaya usulungise ukubambezeleka kokukhipha ama-visa osekusilahlekisele ngezivakashi nenqwaba yezisebenzi ezinamakhono.
I-Transnet iqalile ukumema izinkampani ezizimele ukulekelela ngokuphatha amachweba nezitimela, okusho lukhulu njengoba kuyinto okwakubonakala sengathi ngeke yenzeke eminyakeni emibili edlule.
Indlela uhulumeni oqoka ngayo izinkampani eziwulekelela ngobuchwepheshe isiphucukile, okuvumela iminyango ukuziqokela abantu abaseqophelweni eliphezulu, kunokubhajwa ezindleleni zamathenda eziphelelwe yisikhathi.
Akuzona izinto ezincane nje lezi. Yizinto ezishintsha kakhulu indlela uhulumeni osebenza ngayo nokwakha isisekelo sokuthi umphakathi ugcine usulekelelwa kakhulu ngobuchwepheshe, into umNyango wezaseKhaya osuvele uqalile ukuyizama.
Kodwa asikhulume iqiniso ngokusasihlula. Ukushintsha kwendlela i-Eskom esebenza ngayo kubambezelekile ezindaweni eziningi nemigudu yethu yokuthutha izimpahla ayinakiwe ngendlela okudingeka ngayo. Uhulumeni uzibophezelele ezinguqukweni ezingenzeka “masinyane” ukuxazulula lezi zinto yize ubufakazi sizobubona ngokuthi kwenzeke.
Okunye okukhathaza kakhulu yizinto ezenzeka emnothweni. Ekuqaleni konyaka, ithemba belikhuphuka futhi ubukuzwa loku uma uxoxa nosomabhizinisi nasemihlanganweni yabatshalimali.
Ukuphela kwesikhathi sokukhokhiswa izimpahla esizidayisela iMelika intela ewu-10% kuyasondela. Kungenzeka kusukela ngomhlaka-9 wangoJulayi, abadayisa lezi zimpahla bazithole sebekhokha intela ewu-30%, okuzoshintsha izinto namaqhinga amaningi.
Amabhizinisi ayazikhandla ukubhekana nalezi zinselelo eziqhamuka kwamanye amazwe ngokuxoxisana ngqo nabalingani abo aseMelika njengoba kubonakala sengathi imithetho ivele ishintshe nje esithubeni. Uhulumeni ubalulekile ekwakheni ubudlelwano obusha bokuhwebelana neMelika. Nawo uyazikhandla kodwa isixazululo siyanqaba.
Lena yinto esiletha kwinselelo ekhona ngohulumeni wobumbano: ukuxabana kwemibono yezepolitiki. Amaqembu epolitiki ayingxenye yalo hulumeni awakavumelani ngokuthi iyiphi indlela yokubhekana nokungaboni ngaso linye.
Umbango omusha uyakhathaza njengoba abanye besabise ngokuhoxa nesinqumo sokungayingeni indaba yenguyazana yezwe eyenzelwe yokukhuluma ngqo ngalezi zinto ezibangela abatshalimali ixhala.
Lezi zinto zenza kubelukhuni ukuhlanganisa nokusebenzisa imigomo ephuthumayo nedingekayo ukubhekana nenqwaba yezinselelo zethu futhi akungatshazwa ukuthi zizoqhubeka nokubambezela izifiso zethu zokubanohulumeni osebenza kahle.
Loku kunemiphumela emibi ngempela. Ithemba losomabhizinisi ebeselinyuka kancane liyehla nokunciphisa umgqigqo, uma kuzohamba phambili ezombusazwe, esikhundleni sokudingwa yizwe.
Ukusebenzisana kwamabhizinisi nohulumeni kusagxilile ekuphuthumiseni izinguquko ezinqala. Isigaba sesibili se-Operation Vulindlela esifaka nokuphucula ukusebenza komasipala sethuliwe kanti siyaseseka. Izinselelo komasipala zinkulu kodwa singamabhizinisi sikulungele ukulekelela ngamakhono esinawo nangokubaxhumanisa nabangatshala imali kwingqalasizinda emqoka.
Esikudingayo manje wukuthi bonke abantu abayingxenye kahulumeni wobumbano batshengise ukuvuthwa kwezombusazwe. Abantu baseNingizimu Afrika abawuvotelanga lo hulumeni wobumbano ukuze bawubone uhlakazeka ngenxa yokungavumelani ngezepolitiki, bawuvotela ngoba befuna kusimame izinto futhi befuna nenqubekelaphambili.
Ukubambisana esikwenzayo ohlangothini lomnotho kutshengisa ukuthi kuyasiza ukusebenzisana kodwa kudinga uhulumeni ozithembayo ukuthi uzokwazi ukubambelela futhi ubenesibindi sokwenza izinqumo.
Unyaka wokuqala walo hulumeni wenze kahle uma kubhekwa ohlangothini lwezinguquko ezinqala kodwa akuhambi kahle uma sibheka ukusimamisa ezepolitiki. Amabhizinisi azoqhubeka nokuweseka.
Unyaka ozayo uzocacisa ukuthi lo hulumeni uzobalwa nje nezinto ezingatheni ezike zenzeka emlandweni noma uzobayisisekelo esizovuselela umnotho. Okwenzeka emnothweni akukuhle futhi kudinga ukulungiswa masinyane.
Kufanele umnotho ukhule ngokungaphezu kuka-3%, into ebesivele sithe sizoyiphokophelela ekuqaleni konyaka kodwa ukusimama kwepolitiki kumqoka ukuze kufezeke loku.
Kufanele sihlome ikhanda phansi sisebenze ukuze umnotho ukhule. Izinhlangano zamabhizinisi zizibophezele ukusiza ukwenza izinqumo ezidingekayo nokwenza izinguquko ezifunekayo.
Ngiyathemba sizoqhubeka sibambisane nohulumeni ngendlela efanayo futhi kubenomdlandla ofanayo.
