Umbiko osanda kwethulwa yiKPMG Southern Africa, ephethwe wuMnu u-Ignatius Sehoole, uyakhathaza, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Izikhulu eziphezulu zinengcindezi yokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi ayasimama, kuloba uBusi Mavuso 

INTO egqame nge-Africa CEO Outlook Report yango-2024, umbiko osanda kushicilelwa yiKPMG, wukuthi izikhulu eziphezulu zasemazweni ase-Afrika aseningizimu azinalo ithemba elitheni ngesimo somnotho womhlaba kulo nyaka uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.

Ngisho kuqhathaniswa nezikhulu eziphezulu kwezinye izingxenye ze-Afrika nakwamanye amazwe omhlaba, yizona ezingenalo kakhulu ithemba ngemiphumela yezimo zepolitiki. Lolu cwaningo lwenziwe phakathi kwango-Agasti noSepthemba ngonyaka odlule ngaphambi kokhetho ngesikhathi kwakungakaziwa okuzokwenzeka kodwa kwakwaziwa ukuthi osekuke kwenzeka ngohulumeni bobumbano komasipala akugculisi. 

Ngo-2023, bawu-70% ababenethemba ngesimo somnotho womhlaba, besuka ku-64% ngonyaka owandulela lowo kodwa ucwaningo lwalo nyaka luthole ukuthi wu-52% kuphela onethemba ngomnotho. Umbiko uthi u-54% wezikhulu eziphezulu e-Afrika eseNingizimu zikholwa wukuthi “izinxushunxushu zepolitiki yiyona nselelo edinga ukulungiswa” uma kuqhathaniswa no-42% kwezinye izingxenye ze-Afrika no-47% wakwamanye amazweni emhlabeni.  

Imiphumela yalolu cwaningo itshengisa ukuthi yisikhathi esinzima kangakanani lesi kubaholi bamabhizinisi eNingizimu Afrika njengoba izimpi emhlabeni zisikhumbuza ukuthi kubaluleke kangakanani ukuqhubeka nezinguquko ezinqala ezizoba yisisekelo sokukhulisa umnotho.

Izinto zihamba kahle ezweni kodwa kunezinto eziningi ezilibeka engozini ezingase ziphazamise. Lesi yisikhathi esicikizelayo emlandweni wezwe. Asingazigwazi ngowethu ngokwandisa izinkinga kulezi esivele sinazo. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/03/18/uqhakambisa-igalelo-lomndeni-othathe-amatomu-eshell-south-africa/

INingizimu Afrika isethubeni elihle ngokuthi sinobudlelwano obuhle bokuhwebelana namazwe aseMpumalanga nawaseNtshonalanga. Ambalwa amazwe analoku. Kufanele sizikhandle ukuqinisa ubudlelwano bethu nezinhlangothi zombili kunokufuna ukuhlukanisa nokugxambukela. Okufanele sikuphokophele wukuba wumngani nabo bonke nokuthola indlela yokuthi zonke izinhlaka zibambisane, into okubonakala sengathi i-India isiyifundile futhi yilapho nathi simandla khona. 

Umnotho wethu ungaphansi kuka-0.5% womnotho womhlaba, ngakho asinawo amandla ngalapho. Sibancane kakhulu ukuthi kungakhona esikhetha ukuhambisana naye. Kumqoka ukuthi sizikhandle ukuphucula yonke indlela esihwebelana namanye amazwe ngayo.  

Ukuhwebelana kwethu neChina kunciphe ngo-R177 billion, ekubeni ngo-2010 kwakunciphe ngoR23bn. Inciphile nendlela esihwebelana ngayo namazwe aseNtshonalanga. 

Ukulungisa loku kokubili kungawukhulisa umnotho. Leyo ndlela yiyona engahambisana kahle nendlela thina Ningizimu Afrika esenza ngayo yokuthi asikhethi bala lamuntu. Asiyibambe kanjalo.

Umbiko weKPMG uthi “ukwanda komcikilisho ohambisana nokuphatha izinkampani ezinkulu uyazwela kwizikhulu eziphezulu zamazwe ase-Afrika eseNingizimu njengoba u-77% wazo uvumile ukuthi unengcindezi yokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi awawi”.

Uphinde uthi lezi zikhulu eziphezulu zikhathazekile nangokuthi kuzokwenzekani ngamanani ezimpahla eminyakeni emithathu ezayo nakwezokuphepha ezithinta ubuchwepheshe besimanje.

UMnu uStefano Moritsch, ophethe uphiko lwe-geopolitics eKPMG emhlabeni wonke, uthe: “Isimo sepolitiki emazweni omhlaba sitshengisa ukuthi amanani asaphezulu, nokuphazamisa ukuthengwa kwezimpahla, ukuhweba nokutshala imali ngoba kushintsha izinto ekutheni kugxilwe ekwenzeni izinto ngendlela kunaloko kunakwe ukuthi izinto zingawi.”

Yilezi zinto okufanele abaholi bamabhizinisi eNingizimu Afrika bagxile kuzona uma benza izinqumo. Indlela engcono esingazivikela ngayo kunoma ngabe yini eqhamukayo wukwakha umnotho osimeme kanti loko kugxile ekuqinisekiseni ukuthi izinguquko ezinqala ziyenzeka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page