Ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMnu uVelenkosini Hlabisa uyakuqonda okwenza omasipala bangasebenzi kahle nokufanele kwenziwe ukulungisa isimo, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kunenhlansi yethemba ngokuzinikela kukaHlabisa ukuphucula omasipala, kuloba uBusi Mavuso

UKUSEBENZA komasipala, ikakhulu laba abakhulu ababizwa ngama-metro, yinto ewakhathazayo amabhizinisi. Amabhizinisi athembele ekuhlinzekweni kwezidingo ngendlela efanele ukuze akwazi ukusebenza kanjalo nezisebenzi namakhasimende ukuze zikwazi ukwenza umsebenzi. 

Ukuphela kwamanzi nogesi kudala isiphithiphithi futhi kukuthinta ngqo okwenzeka emnothweni. Izilinganiso ezisanda kuphuma zitshengisa ukuthi ukungasebenzi kwezinto komasipala kulahlekisela iNingizimu Afrika ngezigidi ngonyaka. 

Osomabhizinisi abancane yibona abashayeka kakhulu uma ukuhamba kukagesi namanzi kuqhubeka isikhathi eside njengoba kungaholela ekuvalweni kwamabhizinisi isikhashana futhi kuxoshe amakhasimende.  

Le nkinga idinga ukubambisana phakathi kukahulumeni namabhizinisi ngokushesha, nokuyikona kanye okwenzekile ngesikhathi ngihlangene ne-Association of South African Chambers (i-ASAC) ekomasipala abakhulu nongqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMnu uVelenkosini Hlabisa ngesonto elidlule ukubhunga ngokusebenza komasipala. 

Ngiyithandile indlela ungqongqoshe abuka izinto ngayo futhi iyakhuthaza. Ungqongqoshe uziqonda kahle izinto ezenza omasipala bangasebenzi kahle, kusukela ekushodeni kwamakhono kuya kwingqalasizinda engasebenzi. Unezinhlelo zokuvuselela omasipala ezicatshangisiswe kahle ezingezona nje izifiso.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/04/umbiko-womcwaningimabhuku-jikelele-ukhombisa-ukuthi-kufanele-kungenelelwe-komasipala-kuloba-ubusi-mavuso/

UHlabisa uphendule ngokushesha uma ngicela sihlangane emva kokuxoxisana ne-ASAC ngezinselelo amabhizinisi abhekene nazo komasipala abakhulu. Ubezimisele ukuxoxisana nathi nokulalela iziphakamiso eziqhamuka emabhizinisini ngezinto ezingenziwa. 

Uchaze umsebenzi azowenza nezinhlangano zepolitiki ukugcizelela ukubaluleka kokuqoka izimeya komasipala, into ebalulekile ekusebenzeni komasipala. Imeya ewaziyo umsebenzi ingaqoka imenenja kamasipala nayo ewaziyo umsebenzi, engaqoka umphathi wezimali owaziyo umsebenzi, kanjalo kanjalo. Loku kubalulekile ekusebenzeni ngendlela efanele komasipala.  

Ungqongqoshe unezinhlelo zokuhlangana nazo zonke izinhlangano zepolitiki ukuxoxisana ngokuthi izimeya ziqokwa kanjani nokuzeseka ekutheni yini okufanele ziyibheke ukuqoka abantu abafanele. 

Umnyango wakhe usuhlanganise ucwaningo ngokufanele kulungiswe komasipala. Ungqongqoshe ucele abamabhizinisi nezinye izinhlaka ukuthi zifake isandla kulolu cwaningo. Ukubeke kwacaca ukuthi uma amabhizinisi singawenzeli indawo efanele yokusebenza futhi nezakhamuzi zithole izidingo kahle, ukungalingani kuzobhebhetheka emiphakathini yethu.  

Ungqongqoshe akafuniselanga ngeqhaza lenkohlakalo ekuphazamiseni ukusebenza komasipala. Ukholwa wukuthi kufanele kufundwe komasipala abasebenza kahle futhi kuthathwe lapha nalaphaya ukuhlanganisa okusebenza kahle. 

Ngenxa yomhlangano wethu, ungqongqoshe usezibophezele ekuxoxisaneni nabanye omasipala abakhulu ukubheka ukuthi ingaphuculwa kanjani indlela abasebenza ngayo, okufaka eThekwini, iseGoli, uMsunduzi neNelson Mandela Bay ezinyangeni ezimbili ezizayo. 

Kuleyo mihlangano, sizovumelana ngezinto okudingeka zenzeke, sinqumelane izikhathi bese siphinde siyahlangana ukubonisana ngokuthi singabambisana kanjani ukuseka umsebenzi wokuphucula izinto. 

Ngiyithandile indlela esixoxisane ngayo. Uhulumeni wobumbano uyaqhubeka nokutshengisa ukuthi uzibophezele ekubambisaneni nabamabhizinisi ukuthola izixazululo. Yinto enhle ikakhulu lena uma sicabanga ubudlelwano obungebuhle ebesike sibenabo obekwenziwa kakhulu wukufuna ukubambelela kuloku abantu abakholelwa kukona kunokugxila ekutholeni izixazululo. 

Ngimagange ukusebenzisana kakhulu nongqongqoshe nethimba lakhe ukuphucula ukusebenza komasipala.  

Ngesonto elidlule kube yisonto elihle uma sikhuluma ngokuthi abantu kufanele baphendule ngezenzo zabo nezobulungisa. Yize siphuzile ukwenziwa, ukumiswa kukaMnu u-Andrew Chauke, umqondisi wokushushisa eSouth Gauteng, yisinqumo esibalulekile, sokuphucula ukusebenza kophiko lokushushisa ezweni.

Ukuboshwa kukasomabhizinisi waseSandton uMnu uKatiso Molefe ngenxa yokuthinteka kwakhe emacaleni okubulala kuzosiza ukuqeda ukucanasa kwezigebengu.

Umengameli uMnu uCyril Ramaphosa utshengisile ukuthi umuntu kufanele azimele izinqumo zakhe kwikhabhinethi ngokushintsha obengungqongqoshe womNyango weMfundo ePhakeme uDkt uNobuhle Nkabane, osolwa ngokukhohlisa iphalamende mayelana nabantu abebeqokelwe kumabhodi ama-sector education training authority

Loku kwenzeke emva kwesonto kumiswe ungqongqoshe womNyango wamaPhoyisa uMnu uSenzo Mchunu ngezinsolo zokugxambukela ophenyweni lwamaphoyisa emacaleni okubulawa kwabantu ngenxa yemibango yepolitiki. 

Ngifisa ukuthi esikubonayo lapho abantu kufanele bamele izinqumo zabo, yinto esizoyibona idlondlobala ukuze sigcine sinqobe impi yobugebengu nenkohlakalo kuhulumeni nasembonini ezimele. 

Amaphoyisa asebenza ngendlela efanele, ezobunhloli nabashushisi abazi umsebenzi wabo yinto emqoka kuloko. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) kade yaphakamisa ukuthi kufanele kuphuculwe ezokuphenya nokushushisa futhi yakuseka loku ngezinsizakusebenza ngophiko lwayo i-Business Against Crime nangesivumelwano eyasisayina nophiko lokushushisa eNingizimu Afrika ukuleseka ngamakhono ngesikhathi luhlanganisa amacala. 

Zinkulu izinselelo ezibhekene nezobulungisa zethu kusukela emonakalweni owenzeka ngesikhathi kugwamandwe amandla ombuso. 

Ukusebenza komthetho kumqoka ekukhuleni komnotho nasekuletheni ithemba kubatshalimali. Uma izivumelwano zokusebenzisana zingagcineki, uma amabhizinisi kufanele athwale izindlelo zokukhwabanisa nenkohlakalo futhi uma amaqembu ezigebengu ezenzela umathanda ngokufuna ukugwazelwa ephazamisa amabhizinisi asemthethweni, umnotho wonke uyalimala. 

Yingako loku esisanda kukubona abantu bebhekana nezenzo zabo, kubalulekile futhi kuwuphawu lokuthi cishe izinto ziyashintsha emizamweni yethu yokulwa nokungasebenzi kahle kwezinhlaka osekulimaze izwe lethu. 

Nokho, loku kufanele kuhambisana nokwandisa isibalo sabantu abasebenzayo njengoba kunenqwaba yamacala abucayi okugwamanda amandla ombuso ekubeni uphiko lokushushisa ezweni luzama ukuzivuselela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page