Ukuthuthukisa umnotho wamalokishi kudinga osopolitiki abaneso elibuka okhalweni, kuloba uJabulani Sikhakhane
IWUNDABAMLONYENI eyekusasa nentuthuko yamalokishi, ikakhulukazi ngasohlangothini lwezomnotho. Isifana nevesi uJohane 14.
Umsuka wakho konke loku yizinhloso zabacindezeli, ababengafuni ukuthi abantu abamnyama basondelane nabamhlophe, ngakho-ke abantu abamnyama babekwa kude nezindawo zabelungu. Babengabantu okumele bangene emadolobheni ukuzosebenza bese bebuyela lapho bedabuka khona.
Nabantu abasebezivulele amabhizinisi bakhishwa emadolobheni kwathiwa abayohweba ezindaweni okuhlala abantu abamnyama kuzo. Nakulezi zindawo ziningi izinhlobo zamabhizinisi abantu abamnyama ababengavunyelwe ukuzenza. Ukudayisa utshwala, ikakhulukazi obamabele, kwake kwaba yibhizinisi elenziwa womasipala ukuze bathole imali yokubheka amalokishi.
Konke loku kwenza ukuthi kubenegebe phakathi kwamalokishi abamnyama nasesilungwini – igama umsuka walo oyinkomba yokuthi abamnyama bacindezelwa kangangokuthi umlungu bamthatha njengento eyodwa nomnotho noma amathuba omsebenzi. Yileli gebe uhulumeni wentando yabantu ongene ngo-1994 wabhekana nalo.
Ayikho nokho impumelelo etheni kulokhu. Sikhuluma nje, namabhizinisi afana nezitolo nezipaza ayephethwe abamnyama ngaphansi kobandlululo asethathwe abaqhamuka kwamanye amazwe.
Ziningi iziqubu zodlame ezihlale zibikwa emalokishini, eziqondiswe kubantu bokufika okukhonondwa ngokuthi bathatha amabhizinisi, izitolo nama-tuck shop, okwakuphethwe abamnyama ngaphansi kobandlululo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/02/26/abezitolo-ezincane-bazoxhaswa-ngor22-million-ekzn/
Olunye udlame ngolwabamatekisi, nalo oluvame ukususwa yimibango ngemizila ethathwa ngokuthi inabagibeli abaningana.
Inhloso yabacindezeli ngamalokishi kwabekuwukuthi abantu abasezindaweni zabantu abamnyama baphume kuphela uma bezosebenza esilungwini lapho kwakunamafemu nezinye izinhlobo zamabhizinisi.
Ukuze lolu hlelo luhambe ngendlela, uhulumeni wahlela ezokuthutha ezaba yimikhakha emibili. Kwakhiwa olayini bezitimela kwezinye izindawo, kwathi kwezinye uhulumeni waxhasa izinkampani zamabhasi.
Noma kwagcina ngokuthi uhulumeni wobandlululo wandise amathuba entuthuko kwezomnotho ezindaweni okuhlala abamnyama kuzo, ikakhulukazi emva kwezibhelu zango-1976, nokho lezi zinyathelo azenzanga mehluko otheni.
Izindawo zokuhlala abamnyama zaqhubeka wukubayizizinda lapho kuhlala abantu abaningi okumele bavuke njalo ekuseni bayosebenza esilungwini noma bathungathe amathuba emisebenzi.
Yilesi simo esitholwe wuhulumeni wentando yabantu ngo-1994. Amalokishi ayeyizindawo ezingenantuthuko etheni, abantu behlala ngokusondelana kakhulu, kunabantu abaningi abangasebenzi futhi kwande nobuphofu. Kusukela ngo-1994, isibeminingi imizamo yokuguqula lesi simo.
Kulezi zinhlelo kubalwa ukuthuthukisa izindawo zokuhlala, ukwandisa abantu abafuna ukuqala amabhizinisi nezinhlelo zikahulumeni zokuthenga izimpahla nezinye izidingo zawo kosomabhizinisi baselokishini.
Kunezinkinga nokho. Okokuqala, akucaci kahle ukuthi ndlelani uhulumeni okufanele uyithathe ebheke entuthukweni yalezi zindawo. Zimbili izindlela. Eyokuqala eyokuthuthukisa izindawo ukuze zibeyizizinda ezizimele zomnotho. Eyesibili wukwenza lezi zindawo zixhumane nomnotho wezwe ngokugcwele.
Indlela ngayinye inezinkinga zayo. Indlela yokuqala isuselwa kwinkolelo ethi izindawo zabantu abamnyama zingakwazi ukuzimela zingaxhumani noma zincike emnothweni “wasesilungwini”.
Kuyiphutha lokhu. Awukho umnotho emazweni omhlaba osebenza ngale ndlela yeziqhingi – ngaphandle kokumuncwa kukawoyela olwandle, okuyinto engenzeka ingaxhumene kakhulu nomnotho wezwe.
Okujwayelekile wukuthi umnotho wezwe ubamunye, izingxenye zawo zisebenze ngokuxhumana. Ukuthi umkhiqizo wenziwa kuyiphi ingxenye yezwe akusho ukuthi akuxhunyanwa nezinye izingxenye zomnotho kwezinye izindawo zezwe.
Ukusondeza amathuba emisebenzi eduze nasemalokishini akuyona into elula. Okukuqala, umsunguli noma okhulisa ibhizinisi uthatha leso sinqumo ngoba kunemakethe ayibona inekusasa.
Okwesibili, isinqumo sokuthi ifemu izokhwakhiwa kuphi singenziwa ngokulandela izidingo zefemu. Asilinganise ngefemu eyenza amaphepha asetshenziswa emahhovisi nokushicilela izindaba. Le nhlobo yefemu idinga indawo enamanzi amaningi. Yingakho lezi zinhlobo zamafemu zivame ukutholakala eduze kwemifula, njengeSaiccor ngasemfuleni uMkhomazi, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natali.
Okwesithathu, amafemu nezinye izinhlobo zamabhizinisi zithanda izindawo ezisondelene nezokuthutha namachweba. Ziningi nezinye izinto ezicutshungulwa wosomabhizinisi ukuze bathathe isinqumo sokuthi bazovula ingxenye yebhizinisi labo. Abathathi izinqumo ngoba bezwelana nohulumeni noma abantu abamnyama.
Loku kusho ukuthi uma uhulumeni ezweni lonke, ezifundazweni nakomasipala uhlose ukusondeza amathuba emisebenzi emalokishini kufanele uxhase osomabhizinisi, ngendlela eyenza kubenenzuzo kubona ukusondelana namalokishi. Ziningi izindlela zokwenza loku.
Asibheke ezimbili. Eyokuqala kungaba wukwehlisa imali yentela ekhokhwa ngamabhizinisi asondelene namalokishi.
Eyesibili kungaba yindlela uhulumeni oxhasa ngayo ibhizinisi ngesisebenzi ngasinye, okungehlisa izindleko zokuqasha izisebenzi ebhizinisini elisondela elokishini. Zombili lezi zindlela zisho ukwehla kwemali uhulumeni ongayisebenzisela ezinye izinhlelo zawo.
Nokusondeza izisebenzi esilungwini akulula. Kudinga ezokuthutha ezithembekile (ezihamba ngesikhathi ukuze izisebenzi zingafiki sekudlule isikhathi sokuqala umsebenzi) kanti futhi ezingabizi. Abalulekile la maphuzu njengoba amalokishi akhiwe kude nalapho kunamathuba emisebenzi khona.
Noma iyiphi indlela uhulumeni oyithathayo ukuzama ukushintsha isimo samalokishi, uzodinga imali eningi, ukuzimisela kukahulumeni nokusebenza kanzima ukuze kubenempumelelo. Impumelelo iyothatha iminyaka.
Konke loku kusho ukuthi umsebenzi wokuthuthukisa amalokishi noma ukuvala igebe phakathi kwawo nasesilungwini udinga osopolitiki abasebenza bebuka ikusasa nezisebenzi zikahulumeni ezizimisele ukuzikhandla ngokudlulele.


