Umengameli uCyril Ramaphosa kufanele asheshise izinhlelo zokusiza amabhizinisi azoshaywa yintela yezimpahla yaseMelika, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Inkinga ethinta ezohwebo idinga izinyathelo ngokushesha, kuloba uBusi Mavuso 

UMPHUMELA wentela ethulwe yiMelika yinkinga ezokhinyabeza izingxenye ezithile zomnotho wethu kanti kufanele sibhekane nayo. Ngiyasamukela isimemezelo esenziwe wumengameli uMnu uCyril Ramaphosa sokuthi “kunenqwaba yezinyathelo” ezizothathwa ukulekelela izinkampani ezithintekayo. 

Kufanele zenzeke ngokushesha, ngale kwaloko sisengozini yokuthi kukhinyabezeke amabhizinisi okukhiqiza nawezolimo, ikakhulu eMpumalanga Kapa ethembele kakhulu embonini yezimoto. 

Ngempelasonto inkampani eyakha imishini nobuchwepheshe besimanje obusetshenziswa yizimoto kulesi sifundazwe iJendamark Automation ithe iphunyukwe yinkontileka ewuR750 million ngenxa yale ntela. IJendamark iqashe abantu abawu-500 kodwa izinto ezisebenzisayo izithenga kwezinye izinkampani eziqashe abantu abawu-3 000. 

ENtshonalanga Kapa, abalimi abakhiqiza yonke into kusukela kuma-raisin kuye kwisikhumba sentenensha abanasiqiniseko ngekusasa labo ngenxa yale ntela. Ngokuhamba kwesikhathi, izinkampani zingathola amakhasimende amasha kwamanye amazwe futhi zishintshe indlela ezenza ngayo kodwa okwamanje kusazozwela futhi kuzoqedaimisebenzi engeke iphinde ibekhona uma singazeseki, okwesikhashana.

Isinyathelo sokuqala simenyezelwe wungqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau ngokusungula uphiko oluseka abadayisa izimpahla kwamanye amazwe i-Export Support Desk emnyangweni wakhe, izinkampani ezithintekayo ezingaxhumana nalo. 

Lolu phiko luzobasiza ngokubaxhumanisa namanxusa kwamanye amazwe ukuthola amakhasimende amasha. Wuphiko lolu olungasiza amabhizinisi ukungena ezimakethe ezintsha futhi ngiyathemba kuzoba njalo. Nokho amabhizinisi athwele kanzima mihla namalanga, axoxisana namakhasimende phesheya ukuthola izimakethe ezintsha futhi azama nokuthola izinkontileka amafemu namapulazi ethu angakwazi ngazo ukudayisa imikhiqizo yawo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/23/iningizimu-afrika-ayinyakaze-ukunciphisa-umphumela-wentela-yemelika-embonini-yezimoto-kuloba-ubusi-mavuso/

Sinamava anele ukuqonda ukuthi yini eyenza ukungena emakethe entsha kwenzeke nokuthi yini eyenza kubelukhuni. Kuningi okwenzekayo, okuqala ngezokuthutha nezinselelo zokuthutha izimpahla kulandelwa imigomo yezohwebo okufanele ilekelele ukufinyelela kulezo zindawo.  

Kufanele kusungulwe ikomiti elizobhekana nale nselelo elakhiwe ngabaholi bamabhizinisi nezikhulu zikahulumeni zeminyango ebalulekile ukuze ukusabalala kolwazi kuzokwenzeka kalula futhi kubanjiswane. Ngikhuthaza umengameli ukuthi asungule i-trade crisis committee ezohlanganisa abaholi bamabhizinisi nezikhulu zikahulumeni ezimqoka ukucaba indlela eya phambili.  

Leli komiti kufanele lifake umNyango wezeziMali ezweni lonke. Sesivele siyazazi izinto ezisebenzayo uma sinenkinga, esazihlanganisa ngesikhathi se-Covid-19 nango-2021 ngesikhathi kunezibhelu KwaZulu-Natali. Zingasetshenziswa ukubhekana nezinselelo zezohwebo esinazo. Ukuboleka abantu imali okwesikhashana nezinhlelo zokuseka izisebenzi kuzobamqoka ukugwema ukushabalala kwemisebenzi ngenxa yokuvalwa kwamafemu. 

Zikhona izinto esingabukela kuzona, njengeKomiti eliBhekana neNkinga kaGesi eselenze umsebenzi omkhulu ukuxazulula inkinga kagesi. Le ndlela isivele iyasetshenziswa ukuzama ukulungisa izinkinga zezokuthutha njengoba sekuneKomiti eliBhekana neNkinga yokuThutha iziMpahla futhi ingasetshenziswa ukubhekana nezinselelo zohwebo. 

IHhovisi likaMengameli libalulekile ekuhlanganiseni lezi zibonelo njengoba lihlangahlanganisa abantu abahlukene kuhulumeni ukuze izinqumo zenziwe ngokushesha. Ukusebenzisana kwabamabhizinisi nohulumeni yikona okuzethela izithelo kangcono kunokuthi umuntu nomuntu azame ukuzenzela into yakhe yedwa ukuxazulula le nkinga. 

Ukubhekana nezinqumo abantu abazithathayo kuhulumeni kuyaqhubeka. Isimemezelo ngesonto elidlule sokuthi sekuxoshwe abanye abantu abayisihlanu emNyangweni wezaseKhaya ngenxa yamacala enkohlakalo nokuhlukumeza ngokocansi sisho ukuthi sekuxoshwe abantu abangu-38 kulo mnyango ezinyangeni eziwu-12. 

Ngiyishayela izandla imizamo kangqongqoshe walo mnyango uDkt uLeon Schreiber yokuvuselela isithunzi somNyango wezaseKhaya. Kumqoka ukuthi lo mnyango uthembeke. Ungqongqoshe uncome ukukhuthala kwezisebenzi zikahulumeni ezisizile ukusheshisa izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe nomsebenzi wokukhuculula emNyangweni wezaseKhaya, okukhiphe amaqembu ezigelekeqe esezenze umonakalo omkhulu. Loko kusebenza ngokuzimisela nobuqotho yiyona nto okufanele siyilindele kuwo wonke uhulumeni. 

Yiso leso nasemNyangweni wemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda. Isikhulu esiphezulu se-Independent Development Trust simisiwe emsebenzini njengoba kuphenywa iqhaza laso nezinye izikhulu ngethenda ewuR800m ye-oxygen plant. Emaphoyiseni, kuboshwe amathathu futhi abekwa icala lokukhwabanisa elithinta ithenda engaphezu kukaR79m. 

Enkantolo, owayeyimenenja kamasipala eMzimkhulu uMnu uZweliphansi Skhosana uboshiwe futhi ubhekene noxhaxha lwamacala, okubalwa kuwo nelokubulala owayewunobhala-jikekeke we-ANC Youth League uMnu uSindiso Magaqa. Inkabi okuyiyona eyabulala isivele igwetshwe iminyaka engu-25.

Ngithemba ukuthi abashushisi bazosebenzisa leli thuba ukutshengisa ukusebenza kahle koPhiko lokuShushisa ezweni lonke uma kukhulunywa ngamacala okubulala ahlobene nepolitiki. Yinto engamukelekile futhi okufanele iqedwe kwezombusazwe zethu. Leli cala litshengisa ukuthi kungani ikhomishini eholwa ngobambe njengephini lenhloko yamajaji osezothatha umhlalaphansi iJaji uMbuyiseli Madlanga ihlalelwe wumsebenzi obalulekile.

Yize kwesinye isikhathi sikhathazeka ngokutotoba kwezinto okufanele ziguquke kanjalo nokuvuselela izinhlaka zethu emva kokugwamandwa kwamandla ombuso, izindaba ezifana nalezi ziyatshengisa ukuthi kunenqubekelaphambili. 

Abantu bebengeke baboshwe futhi baxoshwe ngesikhathi okwakugwamandwe ngaso amandla ombuso. Mkhulu umsebenzi osasihlalele kodwa ibambe ngako. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page