UMnu uVelenkosini Hlabisa, ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana. Osopolitiki nezimpisi abahamba nazo bayimbangela yokubheda kohlelo komasipala, kusho umlobi wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Okuyolungisa isimo somasipala ezweni sekufana noJohane 14, kuloba uJabulani Sikhakhane

IZINKINGA zomasipala eNingizimu Afrika nezisombululo zazo sezafana nesaladi yeklabishi yodumo evame ukubizwa ngoJohane 14, ngokwevesi lesibili encwadini kaJohane eBhayibhelini. 

Ngokuthi lijwayelekile kakhulu leli vesi, laziwa nayizingane, livame ukutakula abaningi abazithola sebephambi kwebandla noma imvuselelo kade bengazilungiselelanga.

Nezinkinga zomasipala nezisombululo zazo sezaphenduka into ejwayelekile ngenxa yokuthi sekuneminyaka kukhulunywa ngazo. Sekuneminyaka uhulumeni kazwelonke nabezifundazwe beshumayela ngezisombululo zezinkinga ezibhekene nomasipala kodwa lutho akuqhamuki mehluko otheni.

Nakomasipala okwenziwa izinguquko ezinomphumela omuhle kuvame ukuthi abaphathi abenza lowo mehluko bangahlali isikhathi esitheni. Bayagudluzwa, kungene abahola izimpisi ezidla konke nesikhumba, zingashiyi ngisho ithambo.

Sekunomunye-ke umbiko okhishwe wuphiko lwenyuvesi yaseStellenbosch obeka izinto ezintathu othi uma zingenziwa kungabanomehluko ngokusebenza komasipala. 

Lo mbiko uphakamisa ukuthi omasipala kufanele baqoke onjiniyela nezisebenzi eziwongoti ekuphatheni izimali, kuncishiswe ukugxambuleka kosopolitiki ekuphatheni kwansuku zonke bese kuthi iminyango omasipala adayisa ugesi, amanzi nezinye izidingo ahlelwe kabusha enziwe izinkampani ezizimele ezingaphansi komasipala.

Umbiko we-Impumelelo Economic Growth Lab, eyingxenye yeBureau for Economic Research eStellenbosch, uthi ukuqokwa kwabantu abangenamakhono namava omsebenzi ukuthi babengabaphathi sekwenze omasipala basala bengenawo amakhono abawadingayo ukwenza umsebenzi ngendlela. 

Umasipala awukwazi ukwenza umsebenzi uma ungenabo onjiniyela bakagesi, imigwaqo namabhuloho. Babalulekile onjiniyela ngoba yibo abahlola imigwaqo namabhuluho, bakhombe okudinga ukuvuselelwa noma ukulungiswa.

Nasekwakheni imigwaqo emisha kudingeka onjiniyela. Noma umasipala uqasha izinkampani zonjininyela ezizimele ukwenza eminye yale misebenzi, lezi zinkampani zidinga ukuluswa wonjininyela bamasipala.

Lo mbiko uthi inhlangano i-Institute of Civil Engineers ibika ukuthi sesehle kakhulu isibalo sonjiniyela abaqashwe womasipala kusukela ngo-2005. Inani lonjiniyela elidingwa wumasipala ngamunye livame ukalwa ngonjiniyela oyedwa eqhathaniswa nezakhamuzi eziwu-100 000 zalowo masipala.

Umbiko owakhishwa ngo-2008 owayewumphathi we-Institute of Civil Engineers waveza ukuthi inani lonjiniyela lase lehle lafinyelela kwababili ababheke izidingo zezakhamuzi eziwu-100 000. 

UNksz Allyson Lawless waphawula ukuthi ukuncipha konjiniyela kusho ukuthi omasipala abasakwazi nokubhekana nezidingo zezakhamuzi njengenjwayelo. Wathi kufanele leli nani linyuswe lifinyelele konjiniyela abahlanu ababhekene nezakhamuzi eziwu-100 000. Wahlongoza ukuthi kufanele omasipala babuyele ohlelweni lwakudala lapho umasipala wawunesikhundla somphathi wonjiniyela noma unjiniyela omkhulu.

Umbiko wophiko lweStellenbosch uthi esinye sezizathu zokuncipha kwezisebenzi ezinamakhono ukudlanga kokuklwebhana phakathi kwabaphathi bomasipala namalungu emikhandlu (osopolitiki). Kwenye inkathi kutholana phezulu imeya, usomlomo nemenenja kamasipala.

Loku kuklwebhana kudalwa yinto eyodwa – umbango ngokuthi yiziphi izimpisi okufanele zinikwe ithuba lokuthola inkontileka.

Yingakho nje lo mbiko uhlongoza ukuthi ukugxambukela kosopolitiki ekuphathweni kwansuku zonke komasipala kufanele kuqedwe. Lapha kufanele kubenemingcele ecacile, kuqikelelwe ukuthi ayeqiwa phakathi kosopolitiki (umkhandlu) nezikhulu eziphethe umasipala.

Mibili imithetho elawula loku, okuyi-Municipal Structures Act ne-Municipal Systems Act. Nokho, osopolitiki bahlale beqa le mingcele ebekwe yilemithetho, okugcina ngokukhubaza ukusebenza komasipala.

Asenze isibonelo. Izinqumo ngokwakha amabuluho nemigwaqo kufanele kube yinto ephethwe onjiniyela, hhayi amalungu omkhandlu, okuvamise ukuba ngabantu abangazi lutho ngokwakha ibhuluho. 

Amalungu omkhandlu kufanele agcine ngokwenza iziphakamisa ngezindawo lapho kudingeka amabhuloho khona nokuphasisa isabelomali sokwenza loku. 

Nokho ngenxa yokuthi amalungu omkhandlu ayizimpisi nawo, noma anabangani abayizimpisi ezidla ziwashiyele, agxambukela ekutheni yiziphi izinkampani okufanele zinikwe izinkontileka zokwenza umsebenzi.

Isiphakamiso sesithathu sibhekene nezingxenye zomasipala ezidayisa izidingo. Lapha sikhuluma ngogesi, amanzi nokuthutha udoti nendle. Uphiko lweStellenbosch luhlongoza ukuthi lezi zingxenye kufanele zibunjwe njengezinkampani ezizimele, kodwa ezingaphansi komasipala. Sekuvele kuyenzeka lokhu, ikakhulukazi komasipala bamadolobha amakhulu.

Okubalulekile lapha wukuthi lezi zinkampani kufanele zikwazi ukuzimela ngokwezimali namakhono eziwadingayo ukuze zenze umsebenzi wazo ngendlela. Ukuzimela kubalulekile njengoba omasipala abaningi sebeneminyaka besele emuva nokuvuselela izidingo zokwenza umsebenzi wazo.

Ukuze omasipala bakwazi ukuthumela ugesi kwizakhamuzi ngaso sonke isikhathi kufanele iziteshi zabo ezinciphisa amandla kagesi ukuze abesezingeni elifanele ukusetshenziswa izakhamizi zibesesimweni esihle. 

Nalapha abalulekile amakhono nesibalo sonjiniyela bagesi. Yibo phela abaqukethe ulwazi ngesimo salezi ziteshi, ikakhulukazi lezo ezidinga ukuvuselelwa noma zishintshwe. Kuduma upotiyane nje emakhanseleni amaningi uma kukhulunywa ngezindaba zokuhamba kukagesi usuka lapho uphehlwa khona uyongena ezindlini.

Ukusungulwa kwezinkampani ezizimele, ukuqoka abantu abafanele ukuziphatha, nokuqikelela ukuthi osopolitiki abagxambukeli ekuphathweni kwazo yiko okuyozibeka ezingeni lapho zingenza umsebenzi osezingeni eliphezulu.

Konke lokhu yivesi osekuneminyaka lishunyayelwa. Inkinga wosopolitiki ezweni, izifundazwe nomasipala bebambisene nezimpisi zabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page