Amabhizinisi ayakuseka ukuqokwa kwenxusa elisha lezwe eMelika, kuloba uBusi Mavuso
YIZINDABA ezinhle kakhulu ukuthi uMnu u-Ebrahim Rasool uzoba yinxusa lethu Ningizimu Afrika eMelika. Ubudlelwano beNingizimu Afrika neMelika bubalulekile futhi budinga ukulungiswa.
Izoshintsha indlela iMelika esebenzisana ngayo namanye amazwe omhlaba njengoba sekuzophatha umengameli uMnu uDonald Trump, nokuzogxila kakhulu ekusebenzisaneni futhi kufanele sikulungele loko.
Ubudlelwano phakathi kwala mazwe omabili buphazamisekile eminyakeni emibili edlule njengoba ezinye izenzo zethu zibukwe yiMelika ngokuthi ziyingozi kwezokuphepha kwayo. Abaningi eWashington bacasukile wukusebenzisana kwethu neRussia neChina nokuthi simi kuphi empini ephakathi kwe-Israel nePalestine.
Loku kubeke ukuhwebelana kwethu engozini yize cishe singasho ukuth iMelika yilona zwe elibaluleke kakhulu kwesihwebelana nawo. Nakuba iMelika ingeyesibili ngobukhulu emazweni esihwebelana nawo ilandela iChina kodwa okuhle kakhulu ngayo wukuthi sihwebelana kakhulu ngemikhiqizo esiphelele. Izimoto neminye imishini emikhulu kuyingxenye yezimpahla esizidayisela amanye amazwe nokudla nokunye okumbiwayo.
Uma kuqhathaniswa ukuhwebelana kwethu neChina, siyidayisela kakhulu okumbiwayo okusuke kungakabi wumkhiqizo ophelele kanti thina sithenga kakhulu kuyona izimpahla ezisuke seziphelele. IMelika isixhasa kakhulu izimpahla eseziphelele nemisebenzi ethe xaxa emnothweni wethu.
Kungithokozisile ukuba ngomunye wabaholi bamabhizinisi ababenesidlo sasebusuku noRasool ngesonto elidlule ngesikhathi elungiselela lo msebenzi. Ngimangalile ukuzwa ukuthi ukwazi kangakanani okufanele akwenze. Useke wasebenza eWashington phambilini ngesiwombe sokuqala likamengameli uMnu uJacob Zuma ngesikhathi uMnu uBarack Obama ewumengameli.
Ngenxa yaloko, kunabantu abaningi abaziyo eWashington. Uthunywe wumengameli uMnu uCyril Ramaphosa ukulungisa ubudlelwano, kanti kuloku uzobe emele uHulumeni woBumbano.
U-Rasool uvele unobudlelwano nabantu ababalulekile eMelika
Bambalwa abangabazayo ukuthi uTrump uzithatha kanjani izinto uma kukhulunywa ngobudlelwano bakhe namanye amazwe njengoba ezobe ezimisele ngokuqhuba umgomo wakhe othi “ubeka abantu baseMelika eqhulwini”.
Ukuhwebelana nathi kubalulekile nakuyo iMelika, ikakhulu seloku kwabheduka impi phakathi kweRussia ne-Ukraine, osekwenze ukuthi iMelika ithembele kakhulu kwiNingizimu Afrika ukuthola okumbiwayo okufana ne-platinum, ama-group metal ne-chrome.
Kuzodingeka ubuchule ekuqinisekiseni ukuthi iNingizimu Afrika iyaqhubeka nokuhlomula kulobu budlelwano njengoba kuvele kwenzeka. Ngiyamthemba uRasool ukuthi uzokwazi ukukwenza loku.
INingizimu Afrika izobamba iqhaza elikhulu kwipolitiki ezingeni lomhlaba njengoba izothatha izintambo zikasihlalo we-G20 ngenyanga ezayo, ngakho yisikhathi esibalulekile lesi uma sikhuluma ngobudlelwano ezingeni lomhlaba yize ikusasa lokuhwebelana kuzothinta la mazwe ngqo.
Ngenxa yokukhathazeka ngezokuphepha eMelika nokubhekelela umgomo wezangaphandle, iphalamende laseMelika lishaye umthetho ngoMashi obudinga ukubuyekeza ubudlelwano beMelika neNingizimu Afrika. Lowo mthetho kusafanele uphasiswe yiNdlu yeziGele kodwa njengoba kulindeleke ukuthi inhlangano yamaRepublican ilawule izindlu zephalamend zombili, umbono wayo kulolu daba uzobaluleka nakwikusasa lalobu budlelwano.
Isivumelwano se-African Growth and Opportunity Act (i-AGOA) eseka amazwe ase-Afrika ukuthi athole amakhasimende eMelika sizophelelwa yisikhathi ngoSepthemba ngonyaka ozayo kanti uTrump akakasho ukuthi uzimisele yini ukusivuselela nokuqhubeka afake iNingizimu Afrika emazweni azohlomula kusona. U-Rasool wazi kahle naye ukuthi lokhu kuzosho lukhulu ebudlelwaneni bala mazwe.
Uzogxila kulobu budlewano bokuhwebelana beNingizimu Afrika kanjalo nemisebenzi okuyesekayo. Izinhlangano zamabhizinisi ziyaleseka inxusa njengoba liqala lo msebenzi. Yindoda lena enamava futhi ukuzimisela kwakhe ukusebenzisana nazo zonke izinhlaka okufaka amabhizinisi kuyancomeka.
Ngikubheke ngabomvu ukusebenzisana naye, abantu baseNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukuthi uyaphumelela emsebenzini wakhe.
Kungijabulisile ukubona ukusayin “i-Durban Declaration” ngesonto elidlule yizinhlaka ezihlukene ukulwa nezindlavini eziphazamisa ukusebenza kwezinkampani embonini yezokwakha esezidale umonakalo omkhulu emnothweni.
Sengake ngabhala ngomonakalo odalwa yilaba bantu abafuna ukugwazelwa nokuthola umsebenzi ngenkani emnothweni, nokubambezela ukutshalwa kwemali kwingqalasizinda nasembonini yezokuthutha.
Lesi sivumelwano esiholwa ngungqongqoshe womNyango wemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnu uDean MacPherson sihlanganisa nongqongqoshe wezokuPhepha, weziMali, iConstruction Industry Development Board abazosebenzisana ukuqeda lobu bugebengu.
Cishe loku kuzolungisa okuningi okudalwa yilobu bugebengu obubeka umnotho wethu engozini . INingizimu Afrika ayikwazi ukuqhuba umsebenzi omningi okufanele wenzeke kwezokwakha ngenxa yalezi zelelesi. Ngiyamncoma ungqongqoshe ngalo msebenzi.