Kufanele sibuyekeze umhlahlandlela wemboni yezimoto ngenxa yokushintsha kwesimo somnotho, ngokusho kombhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika ayinyakaze ukunciphisa umphumela wentela yeMelika embonini yezimoto, kuloba uBusi Mavuso

IMBONI yezimoto yaseNingizimu Afrika iwumgogodla womkhiqizo wezimboni zomnotho wethu. Yiyona ekhiqiza u-60% wezimpahla esizidayisela amanye amazwe futhi yiyona mboni enkulu kunazo zonke kwezikhiqiza izimpahla ezweni. 

Ibivele inezinselelo ngaphambi kwemigomo yentela eyethulwe wumbuso kamengameli waseMelika uMnu uDonald Trump njengoba sekwande ukuncintisana ngezimpahla eziqhamuka kwamanye amazwe, nokunciphise ezenziwa lapha ekhaya.

Le ntela izokwengeza ezinkingeni. Izimoto ezidayiselwa iMelika zisizakele ngenxa yesivumelwano esivuna amazwe athile e-Afrika i-African Growth and Opportunity Act (i-Agoa), evumela ukuthi adayise izimpahla zawo ngaphandle kokukhokha intela. Manje le mboni isizokhokhiswa intela ewu-25% ngazo zonke izimoto nezinye izinto ezenziwe kwamanye amazwe no-30% wentela ozokhokhiswa izimpahla ezenziwe eNingizimu Afrika okusamisiwe izinsuku eziwu-90. 

Ngonyaka odlule, u-6.5% wezimpahla esizidayisele amanye amazwe zidayiselwe iMelika kanti lesi sibalo besikhule ngo-22% uma siqhathaniswa nango-20223, okwenze iMelika yabayimakethe ekhula ngamandla uma sibheka izimoto esizidayisela amanye amazwe.

Intela izobanomphumela omkhulu ezinhlotsheni zezimoto ezidayiselwa iMelika futhi kokunye kuzolimaza amafemu namadolobha ezikhiqizwa kuwona futhi kukapakele nakwezinye izindawo eziyingxenye yokuhlanganiswa komsebenzi.

INingizimu Afrika-ke isesimweni esifanayo namanye amazwe ayinqwaba abhekene nale ntela yeMelika. Nokho uma sizonciphisa umphumela esisekelweni sezimboni zethu kukhona okufanele sikwenze. 

Into yokuqala wukuxoxisana nabaholi baseMelika. Umgomo wobudlelwano beMelika namanye amazwe uma kubhekwa i-Agoa kade watshengisa ukuthi kuyaqondwa ukubaluleka kweminotho yase-Afrika nokuyakha ukuze abathengi baseMelika babenezinye izindawo abathenga kuzona. 

Izimoto zaseNingizimu Afrika ziwu-0.1% wezidayiswa eMelika kodwa kuyasiza ukuthi kungagcini sekuyimikhiqizo yaseChina kuphela, okuyinto eseqhulwini kuhulumeni waseMelika. 

Okwesibili, ukuqinisekisa ukuthi iMelika iyimakethe ebalulekile emikhiqizweni yaseNingizimu Afrika, iMelika kufanele iqinisekise ukuthi ibalulekile kuhulumeni waseNingizimu Afrika. 

Uma singasakwazi ukudayisa izimpahla zaseNingizimu Afrika eMelika, sekuyofanele sibheke kwamanye amazwe abalulekile esingabanobudlelwano nawo. Uhulumeni kaTrump uthe ufisa ukuxoxisana. Kufanele sisebenzise leli thuba ukususa zonke izingqinamba zokuhwebelana ukuze iminotho yomibili ihlomule. 

Igxathu lesibili wukubuyekeza umhlahlandlela wemboni yezimoto iSouth African Automotive Industry Master Plan owethulwa ngo-2018. Lo mhlahlandlela usicabela indlela kuze kubengo-2035 futhi ugxile ekukhuliseni izimakethe zase-Afrika nokwethula izimoto ezisebenza ngogesi. Sekuyisikhathi sokubuyekeza lolu hlelo ukubheka ukuthi lungamelana kanjani nentela yaseMelika nokuqinisekisa ukuthi lukulungele loku osekwenzeka manje. 

Lolu hlelo lunezifiso ezinkulu ezifaka nokukhulisa imboni ngo-60%, kwandiswe okwenziwa ezweni futhi kunyuswe kakhulu isibalo sabantu abaqashiwe. Zinhle zonke lezi zinto kodwa izinto sezishintshile kwezaziyikona ngesikhathi umhlahlandlela uhlanganiswa. 

Kubaluleke kakhulu kunakuqala manje ukugxila kwamanye amazwe e-Afrika. Ukwenza loko, kufanele siqinisekise ukuthi isivumelwano sokuphucula indlela amazwe aleli zwekazi ahwebelana ngayo i-African Continental Free Trade Agreement silandelwa ngokugcwele. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/06/15/kuhle-iningizimu-afrika-iqhubeke-kwi-agoa-kusho-ibhange-lombuso-uslindile-khanyile-uyabika/

I-Afrika ithenga izimoto ezintsha ezingu-1.3 million ngonyaka, isibalo esizokhula ngamandla. Umkhiqizo wethu kufanele ugxile ezinhlotsheni zezimoto ezifanele izwekazi, elingasizakala kakhulu ngezimoto ezingabizi. Kufanele siqinisekise ukuthi indlela esithenga ngayo izimpahla iyahambisana naloku nokuthi sinamakhono afanele. 

Lolu hlelo luvele luthi iNingizimu Afrika yiyona okufanele ibeyisizinda sokukhiqiza ezwekazini kodwa izinhlelo ezifana nalezi kufanele zikwazi ukushintsha ngokuhambisana nesikhathi. 

Ngale kwentela yaseMelika, enye into eyingozi embonini yezimoto yi-Carbon Border Adjustment Mechanism yaseYurophu, yize kuyiyona makethe enkulu kunazo zonke kwezithenga izimoto ezikhiqizwe eNingizimu Afrika. Nokho, i-European Union kufanele ibhekane nentela yaseMelika okungahle kuvule amathuba amasha okudayisa izimoto. Umhlaba wonke ubheka izivumelwano ezintsha. 

Amabhizinisi ayaqonda ukubaluleka kwemboni yezimoto nomphumela enazo emnothweni wonke. Yimboni eqashe abantu abaningi nengenisa imali enkulu. Iyisibonelo esihle futhi somphumela wokusebenzisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele. 

Umhlahlandlela wokuqala wemboni yezimoto i-Motor Industry Development Plan, owethulwa ngo-1995 washintsha le mboni yayeka ukugxila ezweni kuphela kodwa yakhiqiza nezimoto ngenhloso yokuzidayisela amanye amazwe.

Nalo mhlahlandlela okhona manje kufanele ushintshe ukuhambisana nesikhathi esesiphila kuso lapho sibona khona izwe ebelivelele ekukhuthazeni ukuncintisana phakathi kwamazwe kuyilona eselihamba phambili ekulweni naloko.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page