Kuzocaca ngesonto elizayo ukuthi uGodongwana uzowusikela umbengo ongakanani owemfundo, kuloba uJabulani Sikhakhane
UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu Enoch Godongwana uzokwethula isabelomali saphakathi nonyaka esaziwa nge-Medium-term Budget Policy Statement (i-MTBPS) ngesonto elizayo esizoba ngesokuqala ngaphansi kukahulumeni ophethwe ngokubambisana ngamaqembu epolitiki aholwa yi-ANC.
Lesi sabelomalisizokwethulwa ngesikhathi leli zwe libhekene nezinselelo ezinkulu nokwanda kwezinkulumo ezithi uhulumeni kufanele ushintshe indlela yokwenza isabelomali. Ukwehlisa imali enikwa iminyango kahulumeni yezwe neyezifundazwe kule minyaka engaphezulu kweyishumi edlule sekwenze izinhlelo zikahulumeni zasala zintenga, ikakhulukazi ezemfundo nezempilo.
Uhulumeni uthi waphoqeka ukwehlisa isabelozimali ngenxa yokunyuka kwenani lezikweletu nenzalo ekhokhwayo. UmNyango weziMali wabika ngoFebhuwari ukuthi uhulumeni usebenzisa uR20 kuR100 wentela oyiqoqayo ukukhokha inzalo ngemali ayibolekayo.
Leli nani lidlula imali yesabelo sezemfundo, ezempilo nokuxhasa izakhamuzi, okufaka nemali yempeshini nokuxhasa izingane ezingaphansi kweminyaka ewu-18.
Uzokwethula lesi sabelomali nje uGodongwana, ongoti bomnotho babikezela ukuthi lizonyuka izinga lokukhula komnotho nonyaka kunalelo elalindelwe ngasekuqaleni konyaka. Esinye sezizathu wukuphela kokunqanyulwa kukagesi yi-Eskom kusukela ngasekuqaleni konyaka.
Ukubuyekeza kuzosho ukunyuka kancane kwenani lemali yentela ezoqoqwa wuhulumeni njengoba ihambisana nezinga lokukhula komnotho.
Nokho ukubuyekeza akuzukwenza mehluko otheni empilweni yezakhamuzi njengoba izinga lokukhula komnotho lisephansi kakhulu. Ongoti bezomnotho bavame ukulinganisa izinga lokukhula komnotho nelokunyuka kwenani lezakhamuzi ezweni. Uma izinga lokukhula komnotho lingaphansi kwelokwanda kwesibalo sezakhamizi bathi izwe lihlehlela emuva ngokwentuthuko.
Okunye, iNingizimu Afrika idinga izinga eliphezulu lokukhula komnotho – elingaphezu kuka-3% ngonyaka – ukuze ikwazi ukubhekana nezidingo zezwe, ikakhulukazi ukuze yehlise isibalo sabantu abantula umsebenzi. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe emhlabeni anabantu abaningi abantula umsebenzi, okuyisimo seminyaka.
Lesi sabelozimali sandulela ukuthulwa kwesabelomali okuba njalo ngoFebhuwari emva kokuvula iPhalamende kukamengameli wezwe. Sindlala okulindelwe wuhulumeni ngemali ezoqoqwa yentela, ezobolekwa nokuthi malini ohlongoza ukuyisebenzisa onyakeni ozayo.
Kwi-MTBPS uhulumeni uthula uhlaka lokubumba isabelozimali, ubuyekeze isibikezelo, phecelezi i-forecast, sokukhula komnotho esenziwa kwisabelomali ekuqaleni konyaka bese unika isithombe ngesimo sezimali seminyaka emithathu elandelayo.
Lesi sabelomali sizocacisa ukuthi uhulumeni uzimisele yini ukwenza izinguquko ekwenzeni isabelomali, ikakhulukazi ukwandisa imali eyabelwa imfundo nezempilo.
Phezu kwaloku abalwela amalungelo abantu basemkhankaweni wokuphoqa uhulumeni ukuthi unyuse imali etholwa ngabantu abahola impesheni, izingane, abakhubazekile nesibonelelo esiwuR350 ngenyanga.
Bathi imali yesipesheli eyafakwa emva kokubheduka kwe-COVID-19 ngo-2020 kufanele ishintshwe yenziwe isisekelo sohlelo lokuxhasa zonke izakhamuzi, phecelezi i-universal basic income grant. Lolu hlobo lokuxhasa alunambandela, lutholwa yiso sonke isakhamuzi.
UNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo uNks uSiviwe Gwarube uphumele obala ngenyanga edlule ekhononda ngesabelomali semfundo. Uthe eminyakeni emithathu ezayo iminyango yemfundo ezifundazweni izozithola ingasakwazi ukukhokha imiholo yezisebenzi, ikakhulukazi othisha, nezinye izindleko zemfundo.
Imigomo ngemfundo ibekwa wuhulumeni wezwe, kuthi izifundazwe kube yizo eziphethe imfundo nokuqasha othisha. Nokho ohulumeni bezifundazwe abanawo amandla okuqoqa imali yentela, bathola isabelo esiphuma kuhulumeni wezwe.
UNks uGwarube uthe uma singandiswa isabelomali seminyango imfundo yezifundazwe ezine ngeke ikwazi ukubhekana nezindleko zayo ngo-2025/26. Ngo-2026/27 izokwenyukela kweyisikhombisa iminyango ezothwala nzima.
UmNyango weMfundo eNtshonalanga Kapa usuvele ubike ukuthi uzodiliza othisha abawu-2 400 ngonyaka ozayo ngoba ushoda ngoR3.8 billion.
Izindleko zokuqasha othisha nezinye izisebenzi, phakathi kwazo esingabala imiholo, zidla u-77% wesabelomali eminyangweni yezifundazwe, ngokwemininingwane ekhishwe wumNyango weziMali wezwe. Lesi yisimo esifanayo nakwamanye amazwe.
UNks uGwarube ukhononde ngokuthi eminyakeni edlule uhulumeni wasebenzisa uR331bn uxhasa izinkampani zawo, okuyisamba athi ngabe sanikwa ezemfundo, ezempilo futhi sasetshenziswa ukuthuthukisa ingqalasizinda yezomnotho. Ezemfundo kulo nyaka (wango-2024/25) zihlomule ngoR299.7bn, ezempilo (uR251.6bn).
Uxwayise ngokuthi ukwehlisa inani lothisha ngesikhathi kwenyuka isibalo sabafundi kusho ukuthi uthisha ngamunye uzobanabafundi abaningi abhekene nabo.
Loku kusho ukuthi uthisha emunye uzogcina engasakwazi ukubheka izidingo zabafundi, ikakhulukazi labo abathatha isikhathi ukubamba.
Umphumela waloku wukwehla kwezinga lemfundo nokwanda kwabafundi abagcina ngokushiya isikole bengaphothulile ngoba kunzima ukumelana nemfundo.
Kuzocaca ngesotno elizayo ukuthi uGodongwana uyezwelana yini nezifundazwe nezidingo zezakhamuzi zezwe ezincike kakhulu kwimfundo nezempilo ezingaphansi kukahulumeni.
