INingizimu Afrika kufanele isebenzise isigcawu seG20 ukuqhakambisa izinto esizizuzile, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kuningi okufanele kusijabulise njengoba sizohlaba ikhefu, kuloba uBusi Mavuso

IMIZAMO emandla yosomabhizinisi nohulumeni yokusebenzisana isiqala ukuthela izithelo. Kubukeka sengathi unyaka sizowuphetha sekuphele amakota amathathu ugesi ungakaze ucinywe. 

Izibalo eziqhamuka emachwebeni ethu zitshengisa ukuthi isikhathi esilindwayo sesinciphe kakhulu kusukela yaqala le nkinga. Iphucukile nendlela izimpahla ezithuthwa ngayo ngezitimela.

Uphiko lokushushisa ezweni lonke iNational Prosecuting Authority (iNPA) luyaqhubeka nokwandisa abantu olusebenza nabo futhi siyabona kwanda amacala okushushisa abantu mayelana namacala athinta amabhizinisi. 

Lezi yizinto ezinhle ezizuzwe yi-Eskom, iTransnet neNPA. Kukona konke, iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) nezinye izinhlangano zamabhizinisi zigxile ekusekeni lezi zinkampani ngemali nangamakhono ukuze zikwazi ukwenza umsebenzi. Impumelelo yazo kufanele ithathwe ngokuthi siyavuna ngokutshala kula mabhizinisi.  

Yize kukekwakhona isikhathi lapho besizibuza khona ukuthi kufanele yini sibasize ngabakufunayo, lo nyaka odlule ngicabanga ukuthi usitshengisile ukuthi uma sikwazi ukubambisana nohulumeni ngenhloso yokuthola izixazululo, singaphucula indlela esixoxisana ngayo ukuxazulula izinselelo zethu. Lo nyaka usitshengisile ukuthi kungenzeka.

Njengoba siya emaholidini kaKhisimuzi, kunento esijabulisayo. Ithemba abantu bamabhizinisi abanalo likhulile ngenxa yalezi zinguquko. Sekubengamakota amathathu elandelana leli themba liphucuka kanti ngekota lesithathu, beliphezulu kakhulu kunesesike sakubona eminyakeni emibili.  

Nekota yesine itshengise izinto ezinhle eziningi, okubalwa ngisho nokunyuka kwesibalo seminyango kahulumeni ezweni lonke nasezifundazweni ezithole imibiko emihle njengoba ifinyelele kwewu-143, isuka kwewu-93 eminyakeni emihlanu.

Sibonile neS&P ibuyekeza indlela eklelise ngayo iNingizimu Afrika yathi izinto azisamimeme nje kuphela kodwa zihamba kahle, nobekuqala ukwenzeka kusukela kwahlasela i-COVID-19

Kodwa kuningi okunye okusasihlalele. Okucacise loko ngokwenzeke emnothweni ngekota yesithathu njengoba izibalo zitshengise ukuthi kusanezingxenye zomnotho ezisatabalasa, ikakhulukazi ezolimo. Umsebenzi esiwenza ngekomiti elizama ukuxazulula inkinga yezokuthutha iNational Logistics Crisis Committee uzosiza kodwa ukuguquguquka kwesimo sezulu kufanele nako kufake isandla. 

Umsebenzi esiwenzile kuzekubemanje ugxile kakhulu ezimbonini zikagesi, ezokuthutha namanzi. Osekuzuzwe kakhulu kwenzeke embonini kagesi. Loko kubewumphumela womsebenzi weminyaka okufaka izinhlaka ezihlukene ezisekomidini elixazulula inkinga kagesi iNational Energy Crisis Committee (iNecom), iBLSA eyixhase ngezinsizakusebenza eziningi ukuze kuqhutshwe i-Energy Action Plan ngokubambisana ne-Operation Vulindlela eHhovisi likaMengameli ukuze kuqhutshekwe nokwethula izinguquko ezinqala.

Enye into ebalulekile kodwa enganakwa kangako emsebenzini osuwenziwe wokuphucula imboni kagesi yisikhwama iResource Mobilisation Fund esasungulwa yi-B4SA ngemali eqhamuka embonini ezimele. Loku kusize kakhulu ngamakhono nezinye izinsizakusebenza ngesikhathi zidingeka.

Lesi yisibonelo sokuthi usizo oluqhamuka ngqo ezinhlanganweni zamabhizinisi luneqhaza elibaluleke kangakanani ekugcineni umgqigqo ohlelweni lokuthula izinguquko. Kodwa njalo uma “kunqotshwa” embonini kagesi kuqhamuka izinkinga ezintsha. Umthetho obalulekile, i-Electricity Regulation Amendment Act uphasisiswe, okucabe indlela yokuthi kulandelwe imigomo eqhamuke kwiNecom ne-Energy Action Plan

Nokho ibhekene nezinkinga komasipala abathathe izinyathelo zomthetho ngoba bakhathazekile ngokuthi bangase baphunyukwe yimali abayenza ngokudayisa ugesi. Yize sesiqala ukubona izithelo zezinguquko embonini kagesi kodwa uhambo lokulungisa izimboni zamanzi nezokuthutha kusewukhalo olude, yize kukhona umehluko omncane osanda kwenzeka.  

Ngokweseka iNLCC, iBLSA ifake umfutho ekutheni kuhlanganiswe umhlahlandlela wokuthutha izimpahla i-Freight Logistics Roadmap

Isivele isizuze okubalulekile ngokusungulwa kweTransnet Rail Infrastructure Management Company, enabaphathi bayo futhi lapho iphethwe khona kuhlukile kuneTransnet Freight Rail. Izokwengamela umsebenzi ozoqala ukwenziwa ukuqinisekisa ukuthi ukuthutha izimpahla ngezitimela kwenziwa nangezinkampani zezitimela ezizimele. 

Izinguquko emanzini nazo ziphucukile kulo nyaka kanti i-Operation Vulindlela ibambe iqhaza elikhulu ekusunguleni iNational Water Resources Infrastructure Agency ukuqinisekisa ukuthi amadamu nengqalasizinda enye edingekayo kwenzeka kahle.  

Njengakugesi, izinkinga eziningi ezithinta amanzi zidinga ukuxazululwa ngomasipala kanti yileyo inkinga enkulu. Ngesikhathi sesigaba sesibili se-Operation Vulindlela kuzogxilwa ekulungiseni indlela okuhlinzekwa ngayo izidingo kohulumeni bendawo njengokuvalwa kwamanzi nokushoda kwezinye izinto okuphazamisa amabhizinisi. Lona wumsebenzi omkhulu uma sizimisele ukuphucula umnotho wezwe.

Ukushintsha izinto kwinqwaba yomasipala abangasebenzi kahle cishe yiyona nto enkulu enzima ezintweni i-Operation Vulindlela ezama ukuzenza. Omasipala abaningi baphethwe abantu abaqokwa ngenxa yepolitiki kanti maningi amakhono ashodayo. I-BLSA ivele iyasiza ukuvala leli gebe ngohlelo olulekelela ngamakhono i-Technical Assistance, Mentorship and Development (iTamdev), okuwuhlelo lweNational Business Initiative.

Lolu hlelo luphakamisa abantu abanamava asebethathe umhlalaphansi abacathulisa futhi bacije izisebenzi zomasipala. Uma ngibheka kulo nyaka odlule, umehluko omkhulu walokhu esiwubonile ubeseMpumalanga Kapa lapho ngiye kwesinye sezikole eziyisishiyagalombili iBLSA ezixhasile ukuze zibenamathoyilethi asebenzayo. 

Izingane azikwazi ukufunda ngaphandle kokubanamanzi namathoyilethi. Lezi zidingo azibalulekile nje emnothweni wethu manje kodwa nangomuso. Lowo kwabawumphumela womsebenzi oxhaswe yiBLSA ne-USAID ukulekelela ngokwandisa abantu eminyangweni kahulumeni esifundazweni nakomasipala.

Ukufinyelelisa amanzi ezikoleni kudingeke sisebenzisane nomasipala ukulungisa ingqalasizinda, nokusho ukuthi nezakhamuzi namabhizini bazohlomula. 

Yize kungezona izikole eziningi kunginike ithemba ukuthi sikwazi ukulungisa izinto ezingeni lomasipala futhi nginethemba ngesingakwazi ukukwenza ne-Operation Vulindlela nabanye uma sesigxile kule ndawo ebalulekile ngonyaka ozayo. Yize sizogxila kuloku kodwa sizoqhubeka nokuseka ezinye izingquko ezibalulekile. 

Ngonyaka ozayo iG20 izoba seNingizimu Afrika. Amabhizinisi azobamba iqhaza elibalulekile ekusekeni lo mcimbi. I-B20 izobe iqhubeka nayo kanti iBLSA engomunye wosihlalo izosebenzisana nabaholi ukuqinisekisa impumelelo. Esizogxila kukho kwiB20 wukuqinisekisa ukuthi izinto ezibalulekile emabhizinisini eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe asathuthuka ziyazwakala kwiG20. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/30/i-b20-neg20-yithuba-lokukhangisa-ngamava-obuholi-beningizimu-afrika-emhlabeni-jikelele-kuloba-ubusi-mavuso/

Kuzoba yithuba lokutshela umhlaba ukuthi iNingizimu Afrika isibuyile futhi izivulile izandla kwabafisa ukusebenzisana nayo.

Nibe namaholidi amahle, nibuye ngonyaka ozayo nomdlandla omusha. Mkhulu umsebenzi osihlalele wokukhulisa umnotho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page