Bagcine bekhishiwe abavukuzi begolide abangekho emthethweni emgodini waseStilfontein, eGauteng. Okwenzeka kule mayini engasasebenzi ngenye yezimpawu zezinkinga uhulumeni onayo ekuzameni ukuseka amabhizinisi amancane, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni nezinkampani zezimayini abasukumele eyemigodi eyasala ikhamisile, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNZIMA umsebenzi okudingeka wenziwe yiNingizimu Afrika ukukhuculula ukusebenza kwamabhizinisi amancane, ikakhulu angabhalisiwe ngokusemthethweni. 

Asikubeke eceleni ukuthi ezindaweni eziningi ezweni kulolu hlobo lwamabhizinisi kukhonya abantu bakwamanye amazwe.

Kufanele kucoshelelwe ukuthi ukukhuculula ukusebenza kwawo kungenziwa ngendlela engagcina ivalele abantu amathuba okuziphilisa. 

Okunye, amabhizinisi amancane asungulwa wumuntu oyedwa ozibambela ngqo kuko konke okuphathelene nebhizinisi adala amathuba okwandisa ulwazi nesipiliyoni sebhizinisi. Yikhono elibalulekile leli ngoba abanye abantu bagcina sebephenduke osomabhizinisi ababhekile impela.

Ubunzima balo msebenzi bugqamile ngenxa yezigameko ezimbili ezisanda kwenzeka. Zombili zihambisana nokufa kwabantu, phakathi kwabo okukhona nezingane. Lezi zigameko zihambisana nokusebenza okubuye kuxhumane nezindlela ezingekho emthethweni.

Esisematheni kulezi zinsuku ngesabavukuzi abangekho emthethweni abebevaleleke emgodini wemayini eStilfontein, eNorth West. Esinye ngesabanikazi bamaspaza abadayisela izingane oncamnce okuthiwa bezinokusashevu osetshenziswa kakhulu abalimi ukubulala amagundane.

Asiqale ngamaspaza. Umsuka wawo unomlando omuhle eNingizimu Afrika njengoba avulela abantu abamnyama ezweni amathuba okubangabahwebi, futhi anike amakhasimende ithuba lokuthenga izidingo eziphuthumayo uma sezivaliwe izitolo ezinkulu.  Futhi maningi amabhizinisi abelungu nezinye izizwe ahlomula ngokudayisela amaspaza izimpahla.

Nokho ukuze abenamakhasimende futhi enze inzuzo, abamaspaza bayaheheka ukuthenga izimpahla zabo emahashahasheni, lapho kutholakala nezimpahla ezihamba ngomshoshaphansi, ezinye zazo okuyizimpahla ezingekho emthethweni. Isibonelo esiqavile ukuthenga ugwayi. 

Sekuneminyaka engaphezu kwewu-20 uhulumeni ubeke intela yogwayi emba eqolo nezinye izinhlobo zogwayi ukwehlisa isibalo sabantu ababhemayo ngenxa yezifo ezidalwa wukubhema. Ukunyuka kwale ntela sekuvulele amathuba abantu abadayisa ugwayi ongekho emthethweni nabashushumbisi ukuthi badayise ugwayi wabo ezweni.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/21/abamaspaza-bayakuqonda-okufunwa-uhulumeni-kodwa-kuzobanzima/

Lezi zinhlobo zogwayi ezinziwa emahashahasheni ngendlela engahambisani nemigomo yezempilo yezwe nomhlaba wonke zidayiswa ngamanani aphansi kunezenziwa ngokwemigomo futhi akulandelwa imithetho yezwe, ikakhulu eyokuqoqa intela. Zidayiswa ngamanani aphansi futhi ngoba abazithengayo abakhokhi imali yentela yogwayi nezinye izinhlobo zokubhenywayo.

Ezinye izinhlobo zalaba ogwayi zenziwa ngokwezinga elihambisana nemigomo yezempilo, ikakhulu leyo ephathelene namakhemikhali avunyelwe ukusetshenziswa, okubeka engcupheni impilo yabawusebenzisayo. 

Njengoba iningi labathengi balolu hlobo logwayi kungabantu abamnyama abahluphekayo, izindleko zokubelapha uma sebegula zihlala emahlombe kahulumeni.

Kwesinye isikhathi abamaspaza abawazi umehluko phakathi kogwayi womgunyathi nosemthethweni. Babutha loko abakuthola kushibhile.

Ngamanye amazwi, ukusebenza kwamaspaza kuvame ukuhambisana  nokushushumbisa  izimpahla ezingelandeli imigomo yezwe noma ezikhiqizwa ngokungemthetho. Nokho ukunqamula loku kuxhumana akufanele kusho ukuvala amathuba abantu okuqala amabhizinisi amancane.

Abavukuzi abangekho emthethweni bayinkinga ebhekene nawo wonke amazwe anezimboni zokumbiwayo. Bayinkinga ngoba banokuxhumana nezinhlangano zezigebengu. Kwamanye amazwe baxhumene nezinhlangano ezilwa nohulumeni abaphethe izwe. I-Democratic Republic of the Congo (DRC) iyisibonelo.

E-DRC, abalwela ukuketula uhulumeni bathenga umkhiqizo wabavukuzi abangekho emthwethweni bawushushumbise bayowudayisa ungumkhiqizo wezwe eliwumakhelwane. Ngaloku bathola imali abayisebenzisela ukuthenga izikhali zokulwa nohulumeni. Kwesinye isikhathi, baphoqa izakhamuzi ukuthi zimbe okuphansi, okwenza izakhamuzi izisebenzi eziphoqiwe. 

Isibhicongo saseStilfontein, lapho bekuvaleleke abavukuzi abacishe babewu-1 800 siyibonelo saloku esikhuluma ngakho. INingizimu Afrika inemigodi ecishe ibewu-11 000 eseyashiywa phansi izinkampani zezimayini ngoba ingasenanzuzo. Loku sekwavulela abantu, iningi okungabakwamanye amazwe, amathuba okungena kule migodi bambe igolide.

Nezinhlangano zezigebengu ziyalisebenzisa leli thuba.  Uma zingambi igolide, zilithenga kubavukuzi abazimele, zilishushumbise ziyolidayisa kwamanye amazwe, noma ziphoqe abantu ukuthi balimbe.

Le nkinga ibhekene nawo wonke amazwe anezinto ezimbiwayo, ikakhulu okuyimikhiqizo edayiswa ngemali ebhekile, njengegolide namadayimane.

Umbiko owashicilelwa yiWorld Gold Council ngonyaka odlule waveza ukuthi igolide elimbiwa ngabantu abazimele (besebenzisa amapiki namafosholo) lilinganiselwa ku-20% walo lonke igolide elimbiwa emhlabeni unyaka nonyaka. Ngokwezibalo zezisebenzi zokumbiwa kwegolide, lolu hlobo “lwezimayini” luqasha u-80% wazo zonke izisebenzi.

Inkinga, ngokwalo mbiko, wukuthi lolu hlobo lokumbiwa kwegolide seludonse imigulukudu, izinhlangano zezigebengu, izikhulu zohulumeni kanye nosopolitiki abephezu kwenkohlakalo.

Zimbili izinkinga eziqavile ezidalwa yilesi simo. Eyokuqala, ukuphula imithetho yamazwe nemigomo yomhlaba jikelele okugcina kubeka engcupheni ukuphepha kwamazwe nezakhamuzi zawo.

Eyesibili, izigebengu zenza inzuzo enhle ngalesi simo, okuyinzuzo eziyenza ngokucindeza abanye abantu. Inkohlakalo ezikhulwini zohulumeni, ikakhulu  ezibheke ukuvikela amazwe namaphoyisa nosopolitiki kwenza kubenzima ukuthobela imithetho.

Isimo saseStilfontein siyisibonelo saloku. Kunemibiko ethi ingxenye enkulu yabangu-1 800 abagcine bekhishwa emgodini (abanye babo sebefile) bekungabantu abaphuma kwamanye amazwe, abahehwa ukuzosebenza kuleli zwe. Kuthiwa bese bevalelwe emgodini ngenkani.

Ukuvulela izakhamuzi zezwe ezifuna ukuziphilisa amathuba, uhulumeni usebenzisana nabezimayini kufanele ubheke izinhlelo ngekusasa lale migodi ewu-11 000 eyashiywa yizinkampani zezimayini. 

Lezi zinhlelo kuyofanele zihambisane nezindlela ezimthethweni lapho abavukuzi abazimele bengakwazi ukudayisa umkhiqizo wabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page