Amabhizinisi asafufusa ashaywe indiva kwiSabelomali, kuloba uMiguel da Silva
KUNINGI kodwa imali incane. Ukhale kanje ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngesikhathi ethula iSabelomali ePhalamende mhlaka-12 ngenyanga edlule.
Ukhale ngokuthi izwe libhekene nezinselelo eziningi okufanele zilunge ngokushesha kodwa esikhwameni sikahulumeni ayanele imali.
Nakuba ungqongqoshe ekubeke kwacaca ukuthi iSabelomali sizoqhubeka nokubeka eqhulwini abantu abaphila ngezibonelelo zikahulumeni nezisebenzi zikahulumeni, amabhizinisi amancane awazange anakwe.
UmNyango wokuThuthukisa amaBhizinisi Amancane ubeke uR2.1 billion kulesi sikhashana ukusiza amabhizinisi amancane abonakala ephumelela awu-120 000, ikakhulu aphethwe abantu besifazane, intsha nabantu abakhubazekile emalokishini nasemakhaya.
Uhulumeni ubuye wengenza ngoR313.7 million ukusungula izizinda ezizosiza amabhizinisi amancane ukuthi akhule. Yize uR1 trillion ofakwe kwingqalasizinda uzobanomphumelela omuhle emabhizinisini amancane, nangenxa yokuthi wonke amabhizinisi azohlomula uma imigwaqo isesimweni esifanele, kunamanzi nezitimela zihamba kahle futhi kwehliswe u-1.5 gigabyte we-data ngo-51%, okuyizindaba ezinhle kosomabhizinisi abancane nabantu. Asethembe ukuthi zonke lezi zibopho zizohlala zinjalo lapho iSabelomali sesiphasiswa.
Isikhulu se-Business Banking eTymeBank uMnu uMiguel da Silva ubheka ukuthi yini ezothinta kakhulu amabhizinisi amancane ngemva kwale nyanga.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/07/uhulumeni-awenze-unciphise-ingevu-izingqapheli/
Umengameli uMnu uCyril Ramaphosa, enkulumweni yakhe yesizwe yango-2025 mhlaka-6 wangoFebhuwari umemezele isikhwamasenguquko i-Transformation Fund esino R100bn.
Inhloso yalesi sikhwama wukusiza amabhizinisi abantu abamnyama ngemali eminyakeni emihlanu ezayo, okulindeleke ukuthi ingeniswe kakhulu yizinkampani ezizimele. Iqiniso wukuthi kukhona ukukhathazeka ngokusebenza kwaso futhi kunokugxekwa okukhulu kokuthi lesi sikhwama sigxile kakhulu emalini evela emabhizinisi amakhulu kunemiphumela efiswayo, okwenza abantu bakhathazeke ukuthi sizoba ngesinye isikhwama okuzothathwa imali noma kanjani kuso.
Ungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau ushicilele umqulu ochaza nge-Transformation Fund mhlaka-19 wangoMashi, ubuye wacela abantu ukuthi bathumele imibono yabo ngalesi sikhwama kungakadluli umhlaka-7 wangoMeyi.
Abantu nezinye izinhlaka ezithintekayo zingathumela imibono kwi-email ethi transformationfund@thedtic.gov.za
Ukwehla kwentengo kaphethroli okusanda kwenzeka yizindaba ezinhle emabhizinisini amancane athembele ezimotweni ukulethelwa noma ukuhambisa izimpahla. Kusukela mhlaka-2 wango-Ephreli, intengo kaphethroli ewu-95 unleaded yehle ngo-72c/ilitha, kwathi u-93 unleaded wehla ngo-58c/l, udizili wehla ngo-84c no-86c/l.
Ngeshwa, ngemva kwezinyanga ungacimi ugesi, uhlelo lokuwukucisha lubuyile. Okuzobhebhezela ubuhlungu kubantu baseNingizimu Afrika wukuthi kusukela mhlaka-1 wango-Ephreli, amakhasimende athenga ugesi ngqo e-Eskom asekhokha u-12.7% owengeziwe – ngaphezu kwesilinganiso sokwehla kwamandla emali – kanti amakhasimende awuthenga komasipala azobona amanani entengo enyuka cishe ngo-11.32% kusukela mhlaka-1 wangoJulayi.
Umphumela waloku kunyuka kwezindleko emabhizinisini amancane uzobamkhulu. Amabhizinisi azozama ukubhekana nokunyuka kwamanani kodwa ngokuhamba kwesikhathi azodinga ukunyusa amanani ezimpahla zawo noma athole izindlela ezintsha zokuwanciphisa.
Kuyacaca ukuthi ukubheka ezinye izindlela zamandla akuyona nje indaba yokuqinisekisa ukuhlinzeka ukungaphazamiseki kukagesi – ugesi ongayicekeli phansi imvelo, okwenza uhehe kakhulu wukuthi ojwayelekile uloku uqhubeka nokubiza.
Amabhizinisi amncane azophinde ashayeke uma isinyuka intela yezimpahla i-value added tax (i-VAT), ezonyuka ngo-0.5% point kusukela ngomhlaka-1 wangoMeyi. Ukunyuka okuhlongozwayo kwale ntela kungamiswa kuphela wukungenelela kwePhalamende kanti kuzobeka intela yezimpahla ku-15.5%.
Ngaphandle kwamabhizinisi amancane abhalisele i-VAT futhi asebenza kuphela namanye amabhizinisi abhalisele i-VAT, angabhalisanga kuyodingeka ukuthi akhokhe imali eyengeziwe ngezimpahla zawo. Abathengi bazothwala umthwalo wentela enyukile yize uhulumeni uhlela ukwandisa ukudla okungayikhokhi intela ukwehlisa umthwalo.
Kungcono ayizange ikhuphuke imalimboleko! Kodwa ngokugcina imalimboleko ku-7.5% ngomhlaka-30 wangoMashi, iBhange loMbuso eNingizimu Afrika liqinisekise ukuthi ngeke bakhululeke abantu abanezikweletu.
Lesi sinqumo senza inzalo ekhokhwa abantu abanezikweletu ime ku-11%. IBhange loMbuso libalule ubungozi obukhulu bokwehla kwamandla emali, ukungahambi kahle komnotho emhlabeni nomphumela omubi wezinguquko zenqubomgomo yezimali njengezizathu ezenze lathatha isinqumo elisithathile.
Esingakuqiniseka wukuthi ukubaphezulu kwemalimboleko kuzokwenza abantu nosomabhizinisi abancane babophe izifociya.
Ucwaningo lweTrade Intelligence luveza ukuthi babalelwa ku-150 000 abanikazi bamaspaza eNingizimu Afrika. Ngo-2023 benza imali elinganiselwa kuR197bn.
Okusha wukuthi uhulumeni ufuna abanikazi bamaspaza babhalise amabhizinisi ukuqinisekisa ukuphepha kwezimpahla abazidayisayo, balandele nomthetho.
Ukubhalisa kunzima. Abanikazi bamaspaza badinga ukuhlanganisa inqwaba yamaphepha adingekayo futhi kufuna imicikilisho eminingi ebizayo.
Maningi amaspaza asetholwe ukuthi awahambisani nomthetho, kwavalwa awu-100. Ukuwavala kuzobanomphumela omubi uma ucabanga ukuthi ngokombiko wango-2021 i-South African Marketing Report imboni yamaspaza iqasha abantu awu-2.6m futhi ingenisa u-5.6% kwi-gross domestic product.
Isimo esibhekene nosomabhizinisi abancane ngo-Ephreli sinzima ngoba ngesikhathi iminyango kahulumeni iloku ikhuluma ngezifiso zayo zokubasiza kodwa basahlushwa yimithetho, imicilisho yezinto ezifundekayo, imalimboleko eyijoka elisindayo kosomabhizinisi nomphakathi. Ukunezezela ezinkingeni zabantu wukunyuka kwentela yezimpahla okusemome nomnotho ongakhuli ngendlela efanele.
U-Da Sliva yisikhulu se-Business Banking eTymeBank