Kufanele sishintshe kalula kodwa sibesiphokophela ukukhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso
UMBUZO omkhulu oqhamuke ngesikhathi kunenkulumompikiswano ngeSabelomali ngesonto elidlule othi iyiphi indlela yokuseka ukukhula komnotho, into edingeka ngokushesha.
Ukukhula komnotho kwenza abantu bathole izidingo, kwakha imisebenzi futhi kungenisa imali uhulumeni angayisebenzisela izidingo nokungenza ukuhlanganisa iSabelomali ngomuso kubelula. Ukukhulisa umnotho kudinga sitshale kwingqalasizinda.
Kwinkulumompikiswano esizobanayo ngeSabelomali, yiloko okufanele sigxile kukona. Ingqalasizinda ingakhokhelwa ngezindlela ezintathu: wuhulumeni, yimboni ezimele nangokubambisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele.
Sekuyiminyaka imboni ezimele kuyiyona ehamba phambili ngokutshala kwingqalasizinda kodwa igxile kakhulu ekwakheni ingqalasizinda eyenza kubelula ukuthi amafemu ayo asebenze njengeyomoya wokudonsa i-internet nokuphehla ugesi ngokuzimela.
Ingqalasizinda eqondene nenhlalakahle yomphakathi, kusukela kweyezibhedlela kuya kweyezinkantolo, ojantshi bezitimela nogesi idinga uhulumeni abambe iqhaza. Ukukhula komnotho kuncike kulolu hlobo lokutshala imali, kwandisa izimpahla nemisebenzi ekhiqizwa wumnotho, okusho ukwanda kwamathuba emisebenzi.
Ukubuyekeza imithetho elawula ubudlelwano bokusebenzisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele okushicilelwe ngesonto elidlule, okukade kwalindelwa, kufanele kwenze kubelula ukusebenzisana futhi kusheshise ukutshala imali kwingqalasizinda.
Zimbili izinto eziphucukile. Okokuqala, uma ukusebenzisana kukahulumeni nemboni ezimele kuthinta ukutshala imali engaphansi kukaR2 billion sekuzobalula ukukuphasisa. Okwesibili, isingcono kakhulu indlela okufanele ilandelwe uma imboni ezimele ifuna ukufaka iziphakamiso zomsebenzi oqhamuka ohlangothini lwayo, okumqoka ukuze kuqhanyukwe nezinto ezintsha.
Kodwa yize loku kusho ukuphucuka kakhulu, kusadinga ukuthi uhulumeni uyamukele le ndlela yokusebenzisana njengeyiyona ezosiza ukuqala umsebenzi. Uhulumeni wonke udinga ukuyiqhakambisa le ndlela futhi kugqugquzelwe abantu abathatha izinqumo kusukela emikhwandlwini kuya kwabaphethe iminyango kahulumeni ukuyisebenzisa njengendlela elula yokuthola ingqalasizinda.
Lezi zichibiyelo zinika iminyango kahulumeni ezweni lonke amandla okuthula uphiko oluzoseka ukusebenzisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele engasebenza nalolu phiko emNyangweni weziMali. Yinto enhle lena kodwa kuzodinga ikhabhinethi ikuseke loku ukuze kugcine kwenzekile.
Loku kwenzelwa ukukhulisa umnotho okufanele ubhekane nokuthi izinto zishintsha ngamandla emhlabeni. Ubudlelwano beNingizimu Afrika neMelika buyingozi ekukhuliseni umnotho. Ezombusazwe ziyashintsha futhi ngicabanga ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa uziphethe ngesinono, okutshengisa ukuthi uzolandela “imigudu efanele yobudlelwano namanye amazwe”, nokuphinde agcizelele ukubaluleka kobudlelwano neMelika.
Ubudlelwane bethu namanye amazwe buhle futhi loku kubonakele nangesimemezelo esenziwe ngesonto elidlule sokuthi i-European Union (i-EU) izotshala u-€4.7bn ukuseka ukukhiqiza ugesi ohlanzekile nokukhiqiza imigomo yezempilo.
Isimemezelo senziwe ngesikhathi kuboniswana ngengqungquthela ezobaseminyakeni eyisikhombisa. Kutshengisa ukubaluleka kobudlelwano namanye amazwe emhlabeni, esizobakha kulo nyaka ngenxa yokuthi yithina esengamele iG20. I-EU iyasisiza siqhubeke nokufeza izinhloso zezwe lethu okufaka i-just energy transition nokuphucula ezempilo.
Kuyishwa okwenzekayo ngeMelika kodwa yinto okufanele siyisebenze. Kufanele sigxile kokungenzeka, sisebenzisane neMelika lapho kwenzeka khona. Ngibonile ngesonto elidlule ukuthi iMelika iqhubekile nokuzibophezela ekulekeleleni ngo$4.7bn ukuze kwakhiwe ingqalasizinda yegesi eMozambique, imali ezobolekwa kwi-Export-Import Bank yaseMelika.
Ukuqhubeka kwalo msebenzi eMozambique kwabambezeleka ngenxa yokuhlasela kwabashokobezi. Loku kutshengisa ukuthi iMelika isazimisele ukusebenzisana nabanye abantu kodwa ngendlela ehlukile.
Nokho loko akusho ukuthi kufanele sishintshe izinto eziseqhulwini kithina ukuze zihambisane nezinjongo zeMelika kodwa kusho ukuthi lapho ithuba lisekhona, kufanele sisebenzisane nohulumeni waseMelika.
Izinkampani zaseMelika nezaseNingizimu Afrika ziyasebenzisana kanti lobu budlelwano buzoqhubeka nokubabuhle. Kepha uma sicabanga ngamathuba athinta uhulumeni waseMelika, kufanele sishintshe kancane, siqhakambise amathuba azohambisana nokuhloswe yilo hulumeni.
Ngesikhathi sizama ukukhulisa umnotho, kufanele sikwazi ukushintsha izinto ngokushesha. Ayikho into esiyizuzayo ngokukhala ngezenzo zabanye abantu. Kufanele sizimisele ukushintsha senze izinto ngendlela ezokwamukeleka emhlabeni, esikhathini esiphila kusona, hhayi ukubambelela kwesikufisayo.
Ngithemba ukuthi wonke amalungu ePhalamende azokukhumbula loku ngesikhathi eqhubeka nenkulumompikiswano ngeSabelomali. Yize imithetho isiza ukuqikelela ukuthi imali yomphakathi ingasetshenziswa noma yikanjani, amalungu ePhalamende kufanele bakwenze loku ngendlela ekhulisa umnotho.
