Ukwehla kwezinga lokunyuka kwamanani ezimpahla akusho ukuthi amanani azo ehlile kuloba, uJabulani Sikhakhane
SEKUBENEZINYE izinguquko kubhasikidi wezimpahla nezinye izidingo zempilo amanani azo enza isikali sezinga lokunyuka kwezindleko zempilo.
Zibalulekile lezi zinguquko ngoba zingabayinkomba yezinguquko ngendlela izakhamuzi eseziphila ngayo – ngohlobo lwezimpahla nezinye izidingo ezizithengayo, nesezinciphise ukuzisebenzisa. Yingakho imininingwane ngalezi zinguquko ivame ukucutshungulwa ongoti abacwaninga ngenhlalonhle yesizwe nezinguquko kuyo.
Lezi zinguquko zingaba yinkomba yokuthuthuka kwesizwe noma ukwehlela kwengxenye yaso esimweni sokuhlupheka. Loku kungavezwa yizinhlobo zezimpahla nezinye izidingo zempilo ezithengwayo. Kuvamile ukuthi uma inani lerayisi linyuka kakhulu, abanye abathengi behlele ngezansi, bathenge impuphu kakhulu.
Ngakolunye uhlangothi, ukunyuka kwezinga lempilo kwezinye izakhamuzi kuhambisana nezinguquko ezimpahleni nezinye izidingo zempilo ezithengwayo. Ukutholakala kukagesi, kulandelwa ukwehla kwesidingo samakhandlela njengento yokukhanyisi endlini.
Ukuhlanganisa ubhasikidi wezimpahla nezinye izidingo zempilo, uphiko lukahulumeni oluqoqa izibalo iStatistics South Africa (iStats SA) luqala ngokuqoqa imininingwane ngezimpahla nezinye izidingo ezithengwa yizakhamizi. Zimbili izindlela zokuthola le mininingwane.
Eyokuqala, le mininingwane itholakala ocwaningweni lweStats SA emva kweminyaka emihlanu, oluphenya iqoqo elikhethiwe lezakhamuzi ukuthi lisebenzisa malini ngonyaka, ukuthi lisebenzisa imali ukuthenga nhloboni yezimpahla nezinye izidingo zempilo.
I-Stats SA iphinde ithole eminye imininingwane ezitolo ezinamagatsha. Le mininingwane iwusizo kakhulu ngoba icacisa ukuthi amakhasimende azo athengani kanti futhi iveza nezinguquko ezimpahleni nezinye izidingo zempilo ezithengwayo.
Ubhasikidi omusha weStats SA unezimpahla nezinye izidingo zempilo eziwu-391, okuyinani elingaphansana kwelikabhasikidi omdala (ebeziwu-396). Kuthiwa wubhasikidi ngoba kulandelwa ukuthi kudala umthengi wayethatha ubhasikidi uma engena esitolo eyothenga. Kudala futhi bekuthengwa izimpahla kakhulu, zingandile ezinye izidingo zempilo, phecelezi ama-service.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/27/ukudla-kubiza-ukudlula-amaholo-ucwaningo/
Enye yezinguquko ezihambisana noshintsho ezimpahleni nezinye izidingo zempilo ezenza ubhasikidi kubawushintsho olwenziwa esisindweni sohlobo lwezimpahla nezinye izidingo zempilo. Zibalulekile lezi zisindo ngoba ziyinkomba yokuthi izimpahla nezinye izidingo zempilo azibalulekile ngokufana futhi azithengwa ngezikhathi ezifanayo. Asilinganise nje, ifenisha yasendlini ayithengwa nyanga zonke njengokudla.
Izimpahla nezinye izidingo ezinezisindo ezinkulu kubhasikidi ezendlu nezindleko zayo zanyanga zonke (njengogesi namanzi) okunesisindo esiwu-24. Kulandela ukudla neziphuzo ezinganatshwala (siwu-18) kube esezinto zokuthutha (siwu-13.89) nomshwalense nezimali (10.41). Kweziphathelene nokudla, inyama ihamba phambili (siwu-5.10) ilandelwe i-cereal (siwu-4.14).
Lezi zisindo zichaza ukuthi uma izinga lokunyuka kwamanani ezimpahla ezinesisindo esikhulu kubhasikidi kusho ukunyuka ngezinga eliphezulu kokwehla kwamandla emali. Ukwehla nokunyuka kwamandla emali kuyinkomba yenani lezimpahla nezinye izidingo umuntu akwazi ukuzithenga ngenani lemali ethile ngezikhathi ezihlukene.
Ukwehla kwamandla emali kusho ukuthi umthengi ongena esitolo noR1 000 uthola izimpahla nezinye izidingo zempilo ezincane kunabekwazi ukuzithenga kudala.
Mkhulu umehluko phakathi kokunyuka kwamanani ezimpahla nezinye izidingo nezinga lokunyuka kwala manani. Ngamanye amazwi uma kuthiwa izinga lokunyuka kwamanani lehlile akushiwo ukuthi amanani ezimpahla ezitolo asehlile.
