Ukusebenzisana kwamabhizinisi nohulumeni kuyisibonelo esihle emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso
UMHLANGANO omuhle wamabhizinisi nohulumeni usugqugquzele umgqigqo wokuphuthumisa izinguquko ezinqala.
Loku kubambisana kuzocaca bha kwiWorld Economic Forum (iWEF) eDavos, eSwitzerland, ngaleli sonto lapho ithimba laseNingizimu Afrika liphansi phezulu lethula izinhlelo zalo zeG20 neB20 futhi likhuluma ngenqubekelaphambili esibekhona.
Umengameli uMnu uCyril Ramaphosa ucacise ngesonto elidlule ukuthi yonke imizamo yokubambisana kwethu kufanele ilethe imisebenzi ethe xaxa ikakhulu entsheni.
Sibenomhlangano omuhle kakhulu nomengameli ngesonto elidlule nethimba labanye abaphathi kuhulumeni ukubonisana ngohlelo lokusebenzisana phakathi kukahulumeni namabhizinisi ngo-2025 olwenziwa ngeBusiness for South Africa.
Isifiso sesigaba sesibili saloku kusebenzisana wukuthi kuphele unyaka umnotho usukhule ngo-3%. Yisifiso esikhulu lesi kodwa bobabili abamabhizinisi nohulumeni abazibophezele ekutheni sifezeke. Ukukhula komnotho ngaleyo ndlela kudala imisebenzi futhi kuletha ezinye izinto ezinhle eziseka ukukhula komnotho.
Nokho kufanele siphuthume uma sizosifeza leso sifiso. Sekuphelile ukucinywa kukagesi kodwa sidinga ukwandisa ugesi ophehlwayo ngo-4 000MW kulo nyaka. Sidinga nokukhulisa umthamo wezimpahla ezithuthwa ngezitimela ukuze kuthuthwe ezingamathani awu-193 million, anyuke kwawu-152 million athuthwe ngonyaka odlule.
Kufanele siphume ohlwini lwamazwe athathwa njengangenayo imithetho eqinile evikela ukushushumbisa imali, phecelezi i-grey list yeFinancial Action Task Force.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/28/kuntwela-ezansi-ngokuphuma-kwezwe-kwi-grey-list/
Kufanele sidobe abatshalimali abazongenisa uR100 billion kulo nyaka. Kufanele futhi siqhubeke nemizamo yokuvuselela ezobulungisa ngokuseka uphiko lokushushisa ukuthi lukwazi ukuphenya ubugebengu obuthinta amabhizinisi. Loku kubambisana sekuvele kuthele izithelo ikakhulu indima esikhathulekile ekuqinisekiseni ukuthi kunogesi owanele. Nokho kufanele uqhubeke umsebenzi wokuletha izinguquko nokuqinisekisa ukuthi siyalandelela ukuze sikhulise umnotho ngendlela esiyidingayo.
Umyalezo kamengameli ucacile: ufuna usheshiswe umsebenzi. Njengoba eshilo ngesonto elidlule, ekugcineni, le mizamo kufanele ilethe imisebenzi, ikakhulu entsheni.
Imizamo yaloku kusebenzisana kufanele ibheke izindlela ezihlukene zokuvula amathuba emisebenzi. Lena yiyona nhloso yezinguquko ezithulwayo ukukhulisa umnotho. Ukukhula komnotho kuhambisana nokukhula kwamabhizinisi njengoba etshala imali ngenhloso yokusebenzisa amathuba akhona. Ukutshala imali kwandisa umnotho, okwenza amathuba emisebenzi.
Loku kusebenzisana kuyisibonelo emhlabeni sokuthi izwe elisathuthuka lingazixazulula kanjani izinselelo zalo. Yinto eqalayo ukwenzeka loku osekuzuzwe ngamabhizinisi nohulumeni. Singakujabulela osekwenzekile kodwa nokusebenzisana qobo yinto okufanele siyijabulele, okuyinto eyenza izwe lethu lihehe.
Loku esikwakhayo yinto namanye amazwe emhlabeni angasika iphethini kuyona, ukuthi iyiphi indlela uhulumeni nemboni ezimele abangasebenzisana ngayo kahle ukufeza izifiso zabo bobabili.
Kuleli sonto kwiWEF sikhangisa iNingizimu Afrika nokuthi iG20 neB20 izobasezweni lethu kulo nyaka. Ngesonto elidlule uhulumeni namabhizinisi bahlanganile ukuvumelana ngezinto okuzokhulunywa ngazo eDavos ukuqikelela ukuthi sikhuluma ngazwi linye.
Sivumelana kakhulu futhi izinjongo zethu zicacile. Kulo nyaka kunento ephathekayo esingayikhomba ukuthi siyizuzile njengokuphela kokucinywa kukagesi nokunye uhulumeni osukwenzile ukulungisa umonakalo owenzeka ngesikhathi sokugwamanda amandla ombuso; njengokuvuselela uphiko oluqoqa intela iSouth African Revenue Service nendlela ukhetho lwangonyaka odlule oluhambe ngayo.
Ngibona sengathi iWEF yalo nyaka ngeyokuqala lapho amabhizinisi nohulumeni bevumelana khona ngempela njengethimba laseNingizimu Afrika. Sizogabisela wonke umuntu ngokusebenzisana kwethu. Ithimba laseNingizimu Afrika linalo lonke uhlelo nemicimbi okuzoveza inqubekelaphambili esibekhona kusukela ezintweni ezithinta ukuguquguquka kwesimo sezulu nokushintsha ugesi kuya kokuzobe kukhangiswa kuyo ubhiya newayini kwethu.
Ukuqala kwethu umsebenzi wokuhola iB20 kuzoqala ngesidlo sasemini esizohlanganisa abaholi bomhlaba nomengameli weBusiness Unity South Africa uMnu uMxolisi Mgojo nosihlalo weBusiness Leadership South Africa uNks uNonkululeko Nyembezi.
Okuningi kuzothinta uhlelo lapho amabhizinisi engaxoxisana nabaholi bepolitiki bakwamanye amazwe ukukhangisa iNingizimu Afrika ngqo.
Njengoba sengike ngasho, lo nyaka yithuba lokutshela umhlaba ukuthi ivukile iNingizimu Afrika futhi ifanele ukuheha abatshalimali. Lo nyaka umqoka thina siyizwe, njengo-2010 (isikhathi seNdebe yoMhlaba) neminyaka esasikhula kuyo ngamandla ngaphambi kokuqala kwezinkinga emnothweni eminyakeni eyalandela ukuqala kombuso wentando yabantu, lapho kwenziwa khona umsebenzi omkhulu wokuvuselela izinhlaka zethu.
Sakha kabusha futhi siphuthumisa izinguquko sibe sikhangisa neNingizimu Afrika. Yisonto elimnandi leli kodwa lo nyaka unamathuba amaningi okuletha ushintsho olubonakala ezweni nakubantu bethu.
