Ukungakhokheli osomabhizinisi abancane ngesikhathi kukhomba ukuhlulwa wumsebenzi kukahulumeni, kuloba uJabulani Sikhakhane
KUSAQHUBEKA ukuphula umthetho izikhulu zikahulumeni ezingeni lezwe nelezifundazwe. Loku zikwenza ngokungakhokhi ngesikhathi imali eziyikweletayo, okuyisenzo esishaya kakhulu osomabhizinisi abancane nabasafufusa, ikakhulu abamnyama okuyibona abavamise ukuhwebelana nohulumeni.
Ukungakhokhi izikweletu zikahulumeni ngesikhathi kuphoqa osomabhizinisi abancane nabasafufusa ukuthi baboleke imali emabhange ukuze bakwazi ukukhokha ezabo izindleko ngesikhathi, ikakhulu imiholo yezisebenzi.
Ngenxa yokusebenza kwemboni yezimali, ikakhulu amabhange, osomabhizinisi abancane nabasafufusa bavame ukubolekwa imali enenzalo enkulu (ikakhulu nge-overdraft)ngoba bathathwa ngokuthi basengcupheni.
Uma bengakhokhelwa uhulumeni ngesikhathi, lesi senzo siyinyusa kakhulu ingcuphe yabo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/02/osopolitiki-nezisebenzi-zikahulumeni-kudingeka-basondele-kwabampofu-ukuze-baqonde-ubunzima-babo-kuloba-ujabulani-sikhakhane/
Okwesibili ukuboleka imali nge-overdraft nokukhokha inzalo ephezulu kunciphisa inzuzo yalolu hlobo lwamabhizinisi, evame ukungabinkulu. Le nzalo ibuye idliwe yizikhulu zikahulumeni nosopolitiki abafuna ukuhlomula ngokukhishwa kwenkontileka.
Ukungakhokhi ama-invoice ngesikhathi yisifo seminyaka. Saze saphoqa umNyango weziMali ukuthi uqoqe imininingwane ngaloku, ushicilele umbiko njalo ngonyaka. Umthetho olawula ukuphatha izimali zikahulumeni ezingeni lezwe nelezifundazwe i-Public Finance Management Act uthi iminyango nezinkampani zikahulumeni kufanele zikhokhe izikweletu ngesikhathi esinqunyiwe.
Lesi sikhathi sanqunywa wumgomo owakhishwa umNyango weziMali. Uthi uhulumeni kufanele ukhokhe izikweletu kungakapheli izinsuku eziwu-30 uthole i-invoice noma emva kwesinqumo senkantolo uma sekuze kwafakwa icala.
Umbiko omusha ukhomba ukuthi uhulumeni usehluleka wukukhokha izikweletu ngesikhathi esinqunyiwe. Isibalo sama-invoice akhokhwa sekudlule izinsuku eziwu-30 ngonyaka wezimali wango-2024/25 sinyuke safinyelela ngaphezu kuka-R43.5 billion uma siqhathaniswa nesango-2023/24 esasiwuR35bn. Ingxenye enkulu ngeyohulumeni bezifundazwe ewuR37bn, isuka kuR30.5bn.
Nenani lama-invoice osekudlule izinsuku eziwu-30 futhi kwaze kwafika ukuphela konyaka wezimali, engakhokhiwe linyuke kakhulu. Nalapha ingxenye enkulu eyohulumeni bezifundazwe ewuR17.8bn isuka kuR10.6bn.
Izifundazwe ezihamba phambili kulo mkhuba ngokwephesenti lama-invoice yiGauteng, iKwaZulu-Natali neNorth West. Ama-invoice awu-U-29% aseGauteng, isamba sawo esasiwuR10.6bn, sakhokhwa sekudlule izinsuku ezingu-30. KwaZulu-Natal kwaba ngu-23% owuR11.2bn.
Kwezihluleka ukukhokha kuzekufike ukuphela konyaka wezimali, kuhamba phambili iMpumalanga Kapa ngama-invoice awu-45%, kulandele iGauteng ngo-20% neKZNl ngo-18%.
Umbiko womNyango weziMali uthi izizathu zokungakhokhi ngesikhathi ezibikwa woholumeni ezingeni lezwe nelezifundazwe zifaka ezokungabinemali eyanele ukukhokhela izikweletu ngesikhathi, ukwanda kwezikweletu zeminyaka edlule okudingeka ukuthi zikhokhwe kuqala ngaphambi kwezonyaka omusha.
Kwesinye isikhathi kungabayizinkinga ngomsebenzi wezinhlaka zobuchwepheshe ezisetshenziswayo zokuphatha imali phecelezi neziveza izinkampani ezigunyaziwe ukuthi kuthengwe kuzona noma zenze umsebenzi.
UmNyango weziMali uthi lezi zinkinga ezibikwa yiminyango kahulumeni yezwe neyezifundazwe yiculo lemihla ngemihla elaqala ukuculwa kusukela ngo-2011. Uthi nawo sekukaningi uhlongoza izindlela iminyango kahulumeni ongaxazulula ngazo lezi zinkinga.
Ubeka nokuthi izizathu ezibekwa iminyango kahulumeni zihambisana nokutholwa uphenyo lwawo. Ngokocwaningo lwawo zihlukene kahlanu izizathu ezenza izikweletu zingakhokhwa ngesikhathi noma kungakapheli izinsuku eziwu-30.
Phakathi kwazo wukuhluleka kweminyango kahulumeni ukubona kahle izidingo zemali nokungabinekhono lokuyiphatha. Loku kushiya le minyango ingenamali yokukhokha izikweletu ngesikhathi.
Kubalulekile loku ngoba iminyango kahulumeni ayitholi sonke isabelomali sayo ekuqaleni konyaka wezimali omusha. Ekuqaleni konyaka omusha wezimali umNyango weziMali ezingeni lezwe wazisa iminyango kahulumeni ezingeni lezwe neminyango yezimali ezifundazweni ukuthi isabelomali sizothunyelwa ngaziphi izikhathi onyakeni wezimali.
Loku-ke kudinga ukuthi iminyango kahulumeni ezingeni lezwe ihlele ngendlela izinhlelo zayo zokusebenzisa imali ukuze ukuphuma (uma kukhokhwa izindleko nezikweletu) kuhambisane nenani lemali umnyango onalo inyanga nenyanga.
Nabezifundazwe kufanele benze njalo, belandela ukuyalelwa yiminyango yezimali esigabeni sezwe. Enye yezinkinga ababhekana nayo ohulumeni bezifundazwe yizikweletu zeminyaka edlule okufanele baqale bazikhokhe, ezinye abazikhokha ngoba sebephoqwa yizinqumo zezinkantolo.
UmNyango weziMali ubuye uveze ukusebenza okuhambisani nomthetho noma okungaqondile eminyangweni kahulumeni ezingeni lezwe nakuhulumeni wezifundazwe. Imibiko ekhishwa wumNyango weziMali ivame ukuhambisana nokungakhokhi ama-invoice ngesikhathi nokunyamalala kwezimali zikahulumeni.
Kwesinye isikhathi ama-invoice ayanyamalala noma kutholakale ukuthi anemininingwane ebalulekile engafakiwe kuwo, okugcina ngokuthi ibhizinisi lingakhokhelwa ngesikhathi.
Imicikilisho nemigomo eminingi ngokudlulele nokuthi ama-invoice adlule ezandleni zezikhulu eziningi, kubambezela ukukhokha izikweletu. Kutholakala nokuthi kwesinye isikhathi izikhulu zikahulumeni ziwenza ngonyawo lonwabu umsebenzi wazo.Ukungakhokhi ama-invoice kungakadluli izinsuku eziwu-30 nezizathu ezibikwa wumNyango weziMali kukhomba ukwehla kwezinga lomsebenzi kuhulumeni nesimo sezezimali esingekho ezingeni elihle.


