Ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natali uLt-Gen uNhlanhla Mkhwanazi othuse abaningi eveza inkohlakalo emaphoyiseni. Isithombe: Sithunyelwe

Kuthena amandla ukuthi uRamaphosa uneminyaka azi ngokushiwo wuMkhwanazi, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMBIKO ofingqiwe ngokwabikezelwa ngabezobunhloli eNingizimu Afrika ngesimo sokuphepha eminyakeni emihlanu (ngo-2019 kuya ngo-2024) ulahlisa ithemba. 

Ufakazela okushiwo wumkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natali uLt-Gen uNhlanhla Mkhwanazi ngokwenabela kwenkohlakalo ophikweni lukahulumeni olungamele ukulwa nobugebengu nokuphatha amacala abantu asebethathelwe izinyathelo zomthetho.

UMkhwanazi usanda kuthusa izwe ngesikhathi eveza ukwanda kwesihlava senkohlakalo ezinhlakeni zomthetho ezihlanganisa amaphoyisa, abashushisi, amajaji nezimantshi namajele.

Okushiwo wuMkhwanazi kuveza ukugxila kobudlelwano phakathi kwezigebengu nezinhlaka zalesi sigaba sikahulumeni, amajaji nosopolitiki imbala. Ngamanye amazwi, okushiwo uMkhwanazi sekuneminyaka emihlanu kuyinto eyaziwayo wuhulumeni kamengameli uMnu uCyril Ramaphosa.

Okusho ukuthi sekudlule iminyaka emihlanu uhulumeni kaRamaphosa unolwazi ngokushiwo wuMkhwanazi kodwa ungathathi izinyathelo ezinomphumela obonakalayo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/11/izingxoxo-ezihlongozwa-wuramaphosa-yiculo-elidala-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Emva kwenkulumo kaMkhwanazi, uRamaphosa ukhombise ukuthuka, ethi uma okushiwo wuMkhwanazi kuyiqiniso kungabanemiphumela engemihle ngomthethosisekelo wezwe, ukusebenza komthetho nokuvikeleka kwezwe. 

Useqoke ikhomishini ezophenya ngaloku. Izoholwa yiphini lejaji leNkantolo yomThethosisekelo ijaji uMbuyiseli Madlanga, ozothatha umhlalaphansi ekupheleni kukaJulayi. Uzolekelelwa abameli beNkantolo eNkulu, o-adv uSesi Baloyi SC noSandile Khumalo SC.

Lo mbiko uxwayisa nangesimo esingesihle samaphoyisa kahulumeni. Nalapha, lo mbiko ofingqiwe ukhomba ukuthi uhulumeni kaRamaphosa ubunolwazi eminyakeni emihlanu edlule ukuthi amaphoyisa anezingqinamba eziningi kodwa wangathatha zinyathelo.

Okuthusayo ngesimo samaphoyisa wukuthi umbiko wezobunhloli uxwayisa ngokuthi kusobala ukuthi (amaphoyisa) ngeke akwazi ukugcina umthetho ezweni. Amaphoyisa yiwona agunyazwe wumthethosisekelo ukugcina umthetho ezweni. Yingakho ngesikhathi se-Covid-19 nesezibhelu zangoJulayi wango-2021 ngenkathi kukhishwa amasosha kwakufanele ukuthi asebenze ngaphansi kwamaphoyisa.

Lo mbiko owenziwe yikomiti lezobunhloli i-National Intelligence Coordinating Committee, enamalungu aphuma ezinhlakeni ezihlukene okubalwa emaphoyiseni, isemNyangweni wezobuNhloli nowezeMpi. 

Leli komiti licubungula imibiko nezibikezelo ezenziwa yizo zonke izinhlaka zobunhloli ezweni, zihlanganise umbiko owethulwa kwikhabhinethi. Inhloso yalo mbiko wukusiza amalungu ekhabhinethi uma enza imigomo yeminyango yawo ngekusasa lezwe.

Ngokusaba ukuthi lo mbiko unganyusa amaphaphu kubantu uhulumeni awukawushicileli ukuze ufundwe wumphakathi. Okokuqala ukuthi ukhiphe ofingqiwe, nawo okhishwe sekwedlule iminyaka (u-2019 kuya ngo-2024) okhuluma ngayo.

Lo mbiko ngezobunhloli ubuye uveze izinkinga eziningi ezikhungethe leli zwe ezanekwa phambi kwekhabhinethi ngoDisemba wango-2019. Ukhomba ukuthi uhulumeni kaRamaphosa wawazi kahle ukuthi leli zwe ngeke libenenqubekela phambili iminyaka emihlanu ephethe (uRamaphosa), ikakhulu kwezomnotho.

Kwezomnotho, abezobunhloli babethole imininingwane eminyangweni kahulumeni ephethe ezomnotho – okuwumNyango wezeziMali nowezoHwebo.

Lo mbiko ofingqiwe uveza ukuthi abezobunhloli batshela uhulumeni ngoDisemba wango-2019 ukuthi awukho umehluko omkhulu olindelwe emnothweni. Ngokunjalo nesimo sokuntuleka kwamathuba emisebenzi ngeke sishintshe. Waxwayisa futhi ngokuthi ngenxa yesimo somnotho izinkampani zizoqhubeka nokudiliza izisebenzi.

Miningi eminye imikhakha yezinkinga ezikhungethe iNingizimu Afrika ezanekwa yilo mbiko wezobunhloli. Wathi uhulumeni kufanele usukumele isimo lapho abantu abavela kwamanye amazwe bezingenela kalula ngokungemthetho kuleli zwe noma bagwaze uma bengena emingceleni.

Wathi kulindeleke ukuthi kwande ukungena kuleli zwe kwabantu abaphuma ngaphandle. Waxwayisa wathi ngenxa yokwanda kwenkohlakalo yezisebenzi nabaphathi bezinhlaka zikahulumeni eziphethe imingcele yezwe, awukho umehluko ongalindelwa. Ngamanye amazwi, abezobunhloli babexwayisa ngokuthi kusazoqhubeka kubelula nje ukuthi abantu abavela kwamanye amazwe, phakathi kwabo okukhona nezigebengu, bazingenele ezweni.

Ukungena kalula kuleli zwe kwabantu abaphuma ngaphandle kwenza kubelula ukushushumbisa abantu abadayiswa kwamanye amazwe lapho bephoqwa ukuthi badayise ngomzimba. Konke loku kwabekwa obala yilo mbiko. 

Umbuzo-ke uthi yiziphi izinyathelo ezathathwa wuhulumeni ukuzama ukuguqula lesi simo esabikezelwa abezobunhloli? Okwethulwe wuMkhwanazi kukhomba ukuthi akukho okutheni okwenziwa wuhulumeni kaRamaphosa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page