INingizimu Afrika ilahlekelwa wuR3.6 billion ngenxa yodizili owumkokotelo – iSars

AMAQOLA enza udizili owumbombayi abeka ukuphepha nomnotho wezwe engcupheni. Ukhomishana weSouth African Revenue Service (iSars) uMnu u-Edward Kieswetter uthi kulahleka uR3.6 billion ngenxa yalobu bugebengu.

INingizimu Afrika ayihlale iqaphile ngisho isiphumile kwi-grey list – umnyango

IBHANGE lomBuso lithi ukulunga kwezikhalo eziwu-22 ezafaka iNingizimu Afrika kwi-grey list akusho ukuthi izinhlaka ezisebenza ngemali nomthetho sekufanele ziphumule kodwa kufanele zihlale ziqaphile ngoba iFinancial Action Task Force (iFATF) izotheleka kuleli zwe ngo-Okthoba.

I-Africa’s Travel Indaba ingenise uR547 million eThekwini

 I-AFRICA’s Travel Indaba 2025 (i-ATI) ibenomphumela omuhle emnothweni waseThekwini ingenisa cishe uR574 million, kanti abantu basebenzise ngaphezu kukaR232m. 

Zizovalwa izinhlelo ezingawenzeli lutho uhulumeni – uGodongwana 

UHULUMENI uzobuyekeza indlela owaba imali ngayo kusukela ngo-2026/27 ngenhloso yokuvala izinhlelo ezingabalulekile futhi ezingenzi kahle ukuze uphucule indlela othenga  izimpahla  ngayo nowengamela ezobuchwepheshe nengqalasizinda ngayo.

Kuzoba wumqansa ukunconzula iSabelomali – ongoti bomnotho 

CISHE isikweletu sikahulumeni sizonyuka kakhulu kunokulindelekile njengoba umNyango wezeziMali kuzodingeka ukuthi uzame ukuvala isikhala semali engaphezudlwana kukaR42 billion ebizongeniswa wukunyuka kwentela yezimpahla i-value-added tax (i-VAT), okungeke kusenzeka.  

IBhange loMbuso liphikisa isinqumo senkantolo evune Ithala

ITHALA selizoqhubeka nomsebenzi walo wokwamukela amadiphozithi emva kokuthi iNkantolo ePhakeme eMgungundlovu inqume ukuthi kufanele leli bhange lidedelwe liqhubeke nomsebenzi walo esikhundleni sokuthi lenganyelwe wumlawuli owaqokwa yiBhange loMbuso. 

Asijabule sibuye nganeno ngemali eqoqwe yiSars: usomnotho

NGENKATHI wonke umuntu encoma iSouth African Revenue Service (iSars) ngokuqoqa imali ewuR1.9 trillion enyuke ngoR6 billion kweyayiqoqwe ngonyaka odlule, isazi somnotho uSolwazi uBonke Dumisa sithi akujatshulwe kubuywe nganeno. 

I-Sars izoqhuba umsebenzi wokuphucula ukusebenza ngesabelo sawo esiwuR7.5 billion

UPHIKO oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSars) luzosebenzisa uR7.5 billion olwabelwe wona eminyakeni emithathu ezayo ukuqhubeka nokuphucula indlela olusebenza ngayo ukunyusa imali oluyiqoqayo.

Umdonsiswano nge-VAT uyinkomba yokuthi kuza isikhathi lapho izakhamuzi zingeke zazi ngezimali, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUSUNGULA uHulumeni woBumbano ngonyaka odlule nesiphakamiso sikangqongqoshe womNyango weziMali sokunyusa intela yezimpahla i-value added tax (i-VAT) sekuvulele iPhalamende ithuba lokuqala ngqa lokusebenzisa igunya lalo leminyaka.

Usizo lwemali yokuguquguquka kwesimo sezulu ibeluseqhulwini kwiG20 

YIZE amazwe akade ehlangene ezingxoxweni zeG20 kuleli sonto eNtshonalanga Kapa engavumelananga ezintweni ezithile kodwa azibophezele ukusebenzisana ukufukula umnotho nokulungisa izinkinga ezifanayo emhlabeni jikelele.

I-JSE ihleli noR4.5 billion wamavenge abatshala imali

I-JOHANNESBURG Stock Exchange (iJSE) isithule uhlelo lwe-Claim It ukusiza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bathole imali yabo abangayilandile etholwa ngabantu abatshale imali kumasheya. Ithe kunoR4.5 billion okufanele ubuyele kubantu ohlezi esikhwameni sayo.

Akungahlehliselwa emuva umsebenzi osuwenziwe wokuthenjwa ngabatshalimali – isikhulu seBLSA 

UKUHLULEKA kukahulumeni wobumbano ukuxazulula ukungaboni ngaso linye ngeSabelomali kuyadumaza futhi akuyona into enhle emabhizinisini. Kokunye kutshengisa ukuthi izinhlangano ezibumbe lo hulumeni ziyakwazi ukuyimela into nokuthi uHulumeni woBumbano ngeke uvele nje uvume yonke into njengokujwayelekile.

Izinto azihlehliswanga ngenxa yombango nge-VAT – uGodongwana

UKWETHULA iSabelomali akuhlehliswanga ngoba kubangwa ukuthi kufanele yini intela ekhokhwa ngezimpahla, phecelezi i-value-added tax (iVAT) inyuswe yini ngo-2%, kodwa kubengenxa yengcindezi uhulumeni obhekene nayo ngenxa yezinto okufanele uzikhokhele ukuthi zizokhokhelwa kanjani.

Uhulumeni awenze, unciphise ingevu – izingqapheli

UMENGAMELI uMnu uCyril Ramaphosa uthi ufuna umnotho wezwe ukhule ngo-3% ngonyaka futhi kuthuthukiswe ingqalasizinda kuphele nobubha. Ukufeza loku ubeke uR940 billion ukuze kulungiswe futhi kwakhiwe ingqalasizinda, okubalwa kuyona imigwaqo, amadamu, ubuchwepheshe nokunye okuzosiza ukusimamisa umnotho nenhlalakahle yabantu baseNingizimu Afrika.

Uhulumeni uyakubona ukubaluleka kweqhaza lomasipala ezimbonini zikagesi namanzi – iBLSA

UMENGAMELI uMnu uCyril Ramaphosa ukwenzile okufanele ngokugqugquzela ukuthula izinguquko ikakhulu eziyisigaba sesibili se-Operation Vulindlela ngokugxila ezinguqukweni ezithinta amanzi nokulungisa okungahambi kahle komasipala.  

Isabambe ngakho ngokwamanani ezimpahla kodwa…

UKWEHLA kwamandla emali i-Consumer Price Inflation kufinyelele ku-3.0% ngoDisemba kanti bese kungokwesibili izinyanga zilandelana njengoba ngoNovemba kwakube ku-2.9%, kusuka ku-2.8% ngo-Okthoba.

Lizovalwa Ithala eseliphelelwe wushwele wesikhashana 

AZOVALWA ama-akhawunti acela ku-257 000 abantu abasebenzisa Ithala emva kokuthi uphiko lweBhange loMbuso elingamele ukusebenza kwamabhange iPrudential Authority selufake isicelo eNkantolo ePhakeme eMgungundlovu sokuvala ukusebenza kwaleli bhange elingaphansi kukahulumeni waKwaZulu-Natali.  

INingizimu Afrika iya kwiWEF ishayela phezulu

ITHIMBA elizomela iNingizimu Afrika kwiWorld Economic Forum (iWEF) lithi kuningi okuhle elizokwazi ukukhangisa izwe ngakho kubatshalimali eDavos, eSwitzerland, ngesonto elizayo. Nokho livumile ukuthi ziseningi izinselelo ezidinga ukulungiswa ezweni.

Abadayisi basemakethe bangenisa uR55 billion emnothweni ngonyaka

UMNOTHO waKwaZulu-Natali yiwona owesibili ngobukhulu eNingizimu Afrika ulandela owaseGauteng. Enye yezinto ezinesandla esikhulu kuloku yiqhaza elibanjwa wosomabhizinisi abanamabhizinisi imvamisa angabhalisiwe okuthiwa phecelezi yi-informal economy.

INingizimu Afrika neNigeria banyusa igiya ekuhwebeni

NGEMVA kwengqungquthela ebiseCape Town kuleli sonto, iNingizimu Afrika neNigeria bazibophezele ekuqiniseni ubudlelwano bokusebenzisana kwezomnotho.

Uqinisa isandla ngezimali uhulumeni waseKZN

UHULUMENI waKwaZulu-Natali uzoqinisa isandla endleleni imali esetshenziswa ngayo ngenhloso yokwandisa imali ezoya ezinhlelweni ezinakekela abampofu nezikhulisa umnotho.

Abanye bahlehla nyovane ukucaphuna empeshenini ngenxa yentela – umbiko 

BAWU-28 525 abantu abahoxise izicelo zabo zokucaphuna ezikhwameni zabo zempesheni ngoba bebona ukuthi imali yentela abazoyikhokha yinkulu.

Kunxuswa abathengi bangadidiswa wukwehla kwemalimboleko 

KUSUKELA namhlanje inzalo iBhange loMbuso eliyikhokhisa amabhange isizoba wu-7.75% njengoba seliphinde lehlisa imalimboleko ngo-25 basis points. Loku kusho ukuthi inzalo amabhange asezoyikhokhisa abathengi isizoba wu-11.25%.

Abanikazi bamaspaza bayakuqonda okufunwa wuhulumeni kodwa kuzobanzima

ABANIKAZI bamaspaza basematheni kulezi zinsuku eNingizimu Afrika ngenxa yezigameko zokufa kwezingane osekuvele ukuthi zidle ukudla obunobuthi ezikuthenge ezitodlwana zabo.

I-KZN iyasondela ekungeniseni uR100 billion wabatshalimali

IBEYIMPUMELELO ingqungquthela yokuheha abatshalimali KwaZulu-Natali, nobekungeyokuqala ehlelwe wuHulumeni woBumbano, iKwaZulu-Natal Investment Conference ephothulwe ngoLwesibili kuleli sonto.

I-Africa Maritime Investment Indaba ihlose ukuguqula umnotho wase-Afrika 

I-AFRICA Maritime Investment Indaba ivule iminyango kuthangi eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali.

Umuthi omkhulu uwile, kuloba uVusi Mvelase

UBHUT’ Mi angimazanga isikhathi – kubeyiminyaka ethi ayibe wu-37 kuphela. Ngizosho okubili okuthathu – lesi yisikhumbuzo esincane somuntu omkhulu.

Umnotho ngeke usakhula ngendlela ebilindelwe

UMNOTHO waseNingizimu Afrika sekulindeleke ukuthi ukhule ngo-1.1% kulo nyaka, esikhundleni sika-1.3% owawubikezelwe kwiSabelomali ngoFebhuwari kanti nemali esizongeniswa wuhulumeni kulo nyaka wezimali u-2024/25 sekulindeleke ukuthi inciphe ngoR17.7 billion. Loku sekunyuse nemali uhulumeni ozoshoda ngayo ngoR34.7bn.

Ibhekwa ngabomvu eyesikweletu sezwe kwisabelomali 

ABAHLAZIYI bomnotho abazimele bayavumelana ngokuthi ukungakhuli komnotho waseNingizimu Afrika yiyonanto enqinda ukuthuthuka kwezwe. Nokho ababoni ngaso linye ngodaba lwesikweletu sezwe, ukusiphungula okungenye yezinto eziseqhulwini kuhulumeni.

Kuntwela ezansi ngokuphuma kwezwe kwi-grey list

ININGIZIMU Afrika isikhathule indima enkulu ekulungiseni izinto ezabalulwa yiFinancial Action Task Force (iFATF) ngesikhathi iyifaka ohlwini lamazwe athathwa njengangenayo imithetho eqine ngokwanele ukugwema ukushushumbiswa kwemali nokwenza kubelula ukuxhasa abashokobezi, phecelezi i-grey listing.

Kubukeka bezohleka bodwa abathengi ngoKhisimusi

ZIYAQINA izimpawu zokuthi abantu baseNingizimu Afrika bazoba noKhisimusi ongconywana kulo nyaka, njengoba ephinde anyuka amathemba okuthi iBhange loMbuso lizokwehlisa imalimboleko ngenyanga ezayo, okuzobe kungokwesibili kulo nyaka.

Sebekhokhelwe uR21.4 billion abacaphuna empeshenini yabo – iSars

ABANTU baseNingizimu Afrika abafake izicelo zokucaphuna emalini yabo yempesheni ngenxa yomgomo omusha i-two-pot retirement system sebekhokhelwe uR21.4 billion kusukela uqalile kuze kube manje.

Ezokuvakasha ziphathiswe abantu abanamava

KUQOKWE owayewundunankulu waKwaZulu-Natali uMnu uSbu Ndebele ukuthi abengusihlalo weKZN Tourism and Film Authority esanda kusungulwa.

‘Ziyasiza izigidi eziphakela izingane ezikoleni kodwa…’

YIZE iNingizimu Afrika isikhathule indima enkulu ekunciphiseni indlala ezweni kodwa kusafanele ihlale iqaphile ngoba kunezinkomba zokuthi iyanyuka njengoba izibalo ezisanda kukhishwa yi-General Household Survey zitshengisa ukuthi inyukele ku-15.0% ngo-2023.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page