Lizovalwa Ithala eseliphelelwe wushwele wesikhashana
WUSLINDILE KHANYILE Ebika eseGoli
AZOVALWA ama-akhawunti acela ku-257 000 abantu abasebenzisa Ithala emva kokuthi uphiko lweBhange loMbuso elingamele ukusebenza kwamabhange iPrudential Authority selufake isicelo eNkantolo ePhakeme eMgungundlovu sokuvala ukusebenza kwaleli bhange elingaphansi kukahulumeni waKwaZulu-Natali.
Nokho-ke umNyango weziMali osebenzisana neBhange loMbuso kulolu daba usubaqinisekisile labo abasebenzisa Ithala ukuthi bangakhathazeki ngokulahlekelwa yimali ngoba uhulumeni uzokhipha isibambiso ukuze imali yabo ingacwili.
“UmNyango weziMali ufisa ukuqinisekisa abantu abafake imali yabo e-Ithala ukuthi imali yabo izovikelwa yisibambiso sikahulumeni kuze kuphele wonke umsebenzi owenziwayo. Lo msebenzi ufaka ukukhipha isibambiso esizonikwa ibhange elilodwa noma amaningi ukuqinisekisa ukuthi ama-akhawunti angathuthwa ngesikhathi futhi imali itholakale ngesikhathi. Sisebenzisana nePrudential Authority ukuqinisekisa ukuvikela abafake imali,” kusho umNyango weziMali.
IBhange loMbuso lithe kusukela ngoDisemba wango-2023 bekune-repayment administrator eyaqokwa ukuthi isebenzisane ne-Ithala kanti iNkantolo ePhakeme ePitoli yakhipha umyalelo wokuthi leli bhange libambisane nowaqokwa.
“Yize libizwa ngebhange kodwa Ithala alikaze linikwe ilayisensi yokubayibhange. Nokho ungqongqoshe womNyango weziMali walivumela ngokomThetho wamaBhange 94 owashaywa ngo-1990 ukuthi abantu bayifake imali kulona ngesikhathi lisalungisa izinto.
“Ngomhlaka-22 wangoJulayi, iPrudential Authority yakhipha umyalelo othi sekungowokugcina ushwele Ithala elinikwa wona, kufanele lilungise izinto futhi yaxwayisa ukuthi uma kungenzeki loko, uzohoxiswa lo shwele. Uphelile ushwele ngomhlaka-15 Disemba ngo-2023 futhi Ithala yehluleka ukufeza imibandela eyayibekelwe yona,” kusho iBhange loMbuso.
IBhange loMbuso liqhube lathi i-repayment administrator ithole ukuthi Ithala liyehluleka ukukhokha izikweletu zalo, okubeka engozini imali yabantu abafake imali kuyo.
“Ngaphezu kwaloko, Ithala lihlulekile wukuhlanganisa imali eyanele noma ukuthola isibambiso kumnikazi walo, uhulumeni waKwaZulu-Natali. Isicelo sokulivala sisho ukuthi ama-akhawunti kuzofanele avalwa ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lwenkantolo. Siyabuqonda ubunzima okuzobenza loku kodwa yisinyathelo okufanele senziwe lesi ukuvikela abafake imali,” kuqhuba iBhange loMbuso.
Liziphendulela Ithala, ligxeke uMnu uJohannes Kruger, i-repayment administrator, lathi asikho isidingo saloku akwenzayo ngoba kusukela aqokwa, liqhuba umsebenzi ngendlela efanele futhi nemali liyiphethe kahle njengoba lithole nombiko omuhle eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele ngonyaka odlule.
Leli bhange lithe lizothatha izinyathelo zomthetho ukuvimba uKruger futhi uhulumeni wesifundazwe uzoxoxisana nongqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ukuzama ukuthola isixazululo esizovumela ukuthi ama-akhawunti athuthelwe kwelinye ibhange kuze kulungiseke ilayisensi yayo.
“Isifundazwe sigcizelela ukuthi ukuthuthwa kwama-akhawunti isikhashana kumqoka futhi kungashintshwa uma Ithala selithole ilayisensi yokwamukela imali. Uma kungekho okwenziwayo ngalokhu okushiwo yiRA, kuzobeka Ithala engcupheni nokungaba nemiphumela engemihle kubantu baKwaZulu-Natali, ikakhulu abafake imali, abahlinzeka ngomsebenzi nezisebenzi zethu.
“Ukuvalwa kwe-Ithala kubeka engcupheni imisebenzi ewu-400 futhi kuzohlupha abathembele kulona, ikakhulu ezindaweni ezisemakhaya, okukhona kuzo nabahola izibonelelo zikahulumeni,” kusho Ithala.