Isabambe ngakho ngokwamanani ezimpahla kodwa…

UKWEHLA kwamandla emali i-Consumer Price Inflation kufinyelele ku-3.0% ngoDisemba kanti bese kungokwesibili izinyanga zilandelana njengoba ngoNovemba kwakube ku-2.9%, kusuka ku-2.8% ngo-Okthoba.

‘UMboweni ufukule umnotho waseNingizimu Afrika’ 

UZOKHUNJULWA ngokuba ngomunye wabaholi ababenesandla esikhulu ekusimamiseni umnotho waseNingizimu, izinhlaka zawo nokubambelela ezimisweni zokukhulula abantu abamnyama uMnu uTito Mboweni, ongasekho emhlabeni. Ubeneminyaka ewu-65.

Bazophefumula abathengi baseNingizimu Afrika

SEBEZOQALA baphefumule abathengi baseNingizimu Afrika ngemva kokuthi iBhange loMbuso lehlise imalimboleko ngo-25 basis points namhlanje kanti zikhona nezinkomba zokuthi isazophinde yehliswe.

Inkulu imfihlo yomnotho elele kwimifelandawonye, kusho osesungule ibhange lalolu hlobo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

ININGIZIMU Afrika kufanele ishintshe indlela ebuka ngayo izinhlangano eziyimifelandawonye ukuze ifukule umnotho futhi ikhulise osomabhizinisi abanamabhizinisi angabhalisiwe.

Ibhange loMbuso lethule imali entsha edle ngezimpawu zokuphepha. USLINDILE KHANYILE uyabika

KWETHULWE imali entsha eNingizimu Afrika izolo nezoqala ukutholakala namhlanje. IBhange loMbuso lithe le mali entsha ezokwethulwa kancane kancane iphuculiwe ukuqinisa ukuphepha kwayo ukuze kungabi lula kwabagaya imali ewumgunyathi ukuthi baphumelele.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page