Kunxuswa abathengi bangadidiswa wukwehla kwemalimboleko
YINTATHELI YOMBELE
KUSUKELA namhlanje inzalo iBhange loMbuso eliyikhokhisa amabhange isizoba wu-7.75% njengoba seliphinde lehlisa imalimboleko ngo-25 basis points. Loku kusho ukuthi inzalo amabhange asezoyikhokhisa abathengi isizoba wu-11.25%.
Ikomiti leBhange loMbuso elithatha lesi sinqumo iMonetary Policy Committee (iMPC) livumelane ngo-elethu ngalesi sinqumo izolo.
Lesi sinqumo yinto ebilindelekile, kwazise amanani ezimpahla ayaqhubeka nokwehla njengoba ekuqaleni kwaleli sonto kuvele ukuthi anyuke ngo-2.8% ngo-Okthoba kuphela uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.
Umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthe ziningi izimpawu ezinhle eziqhamukayo emnothweni kanti uma bebheka nezingozi ezikhona, isimo asisibi kangako.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/21/ezinye-izindaba-ezimnandi-kubathengi-baseningizimu-afrika/
Yize kunjalo, isikhulu esiphezulu eFNB uMnu uHarry Kellan sithe nakuba leli bhange lisijabulela isinqumo seBhange loMbuso kodwa bayafisa ukukhuthaza abantu ukuthi bangaphuthumi ukunciphisa imali abayikhokhela izikweletu zabo.
“Sinxusa abathengi abanezikweletu, ikakhulu ezemizi, ukuthi bazame ukuqhubeka nokukhokha le mali abavele beyikhokha uma isimo sibavumela kunokuyehlisa ukuze ihambisane nemalimboleko eyehlile. Yinkulu imali abazoyonga ngenzalo abayikhokhayo ngokuqhubeka kwesikhathi,” kusho uKellan.