Isikhulu esiphezulu sePostbank uNksz uNiki Mbengashe sithi asazosebenza amakhadi amadala okuhola izibonelelo zikahulumeni. Isithombe: Sithunyelwe

Kumisiwe ukuvuselela amakhadi empesheni

WUBONISWA MOHALE

IBhange loMbuso limise uhlelo lokuvuselela amakhadi lwePostbank emva kokuthola ukuthi kunemithetho yokuphepha elingayilandeli leli bhange lasePosini.

IBhange loMbuso lithi amakhadi amadala anombala osagolide azoqhubeka nokusebenza ngesikhathi iPostbank isalungisa ezokuphepha nezinye izinto ezingahambisi kahle.

Phakathi kwezinto iBhange loMbuso elikhala ngazo wukuthi iPostbank ayiziqinisanga ezokuphepha ngendlela ebekelwe amabhange, ayinayo ingqalasizinda eyanele ukuqhuba uhlelo lokwenza amakhadi amasha kuzo zonke izindawo zaseNingizimu Afrika nokuthi ayizange ixhumane nabantu abahola izibonelelo ngokwanele ibachazele kahle ngalolu hlelo lokushintsha amakhadi. 

Isikhulu esiphezulu sePostbank uNksz uNiki Mbengashe sithe amakhadi amadala azoqhubeka nokusebenza kuze kuphele le nyanga.

Sithe abantu abahola izibonelelo  bazokwazi ukuthenga ngamakhadi, ukukhipha imali nokunye abajwayele ukukwenza ngawo.

UNkk uMbengashe uqinisekise ukuthi ngeke kuphazamiseke ukuhola izibonelelo, imali yabantu izongena ngesikhathi esifanele noma benamakhadi amadala. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/08/siluliwe-isikhathi-sokuvuselela-amakadi-ezibonelelo-zikahulumeni/

Uxwayise abahola izibonelelo ukuthi bawazibe amahemuhemu asezinkundleni zokuxhumana abantu abafuna ukubashintshela amakhadi. Uthe yiPostbank kuphela enegunya lokutshintsha amakhadi.

Yize kusamisiwe ukwenza amakhadi amasha kodwa iPostbank izoqhubeka nokusiza abantu abafuna ukulungisa izinombolo zabo eziyimfihlo zokukhipha imali, abalahlekelwe ngamakhadi nabadinga olunye usizo. 

Okhulumela iDA ngezimpesheni ePhalamende uNkk u-Alexandra Abrahams uthe bayasithakasela isinqumo seBhange loMbuso kodwa bekufanele ithathele iPostbank izinyathelo ezinqala ngokudala isiphithiphithi ohlelweni lokuvuselela amakhadi ezibonelelo.

Ukhale ngokuthi abantu abahola izibonelelo bebethwala kanzima bezama ukuyokwenza amakhadi amasha emagatsheni ayingcosana ePostbank, abanye bagcine bengasizakalanga.

Uphethe ngokugqugquzela abantu ukuthi bavule ama-akhawunti emabhange aziwayo angeke abatatazelise uma amakhadi abo esephelelwe yisikhathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page