Dr Kgosientsho Ramakgopa
Ungqongqoshe womNyango kaGesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa uthi ngeke bavume izwe libuyele enkingeni kagesi ocima umlibe. Isithombe: Sithunyelwe

Ngeke liphele isonto kusacinywa ugesi – uRamokgopa

INTATHELI YOMBELE

EMVA kwezinsuku ezingaphezu kweziwu-300 ugesi ungacimi eNingizimu Afrika ngempelasonto abantu bathukile izwe selingena esigabeni sesithupha sokucinywa kukagesi.

Lesi yisigaba lapho i-Eskom inqamula ugesi ezindaweni ezihlukene amahora ayisithupha ngosuku, la mahora ahlukaniswe izigaba ezintathu. Kungenzeka ugesi uhambe ekuseni, emini nasebusuku kodwa kubangamahora ayisithupha.

Ungqongqoshe womNyango kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa uxolisile ngalesi simo, wathembisa ukuthi ngeke liphele isonto ugesi usanqamuka.

“Siyaxolisa kubantu baseNingizimu Afrika ngokucisha ugesi emva kwesikhathi eside ungahambi. Isimo besiphoqa ngoba kuvele kwafa imishini emihlanu esiteshini sikagesi iMajuba, owodwa eMedupi nemine eCamden. Bekufanele siwunqamule ugesi ukuze kubenogesi owanele ezweni ngesikhathi sisalungisa imishini,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/01/18/eyokuhluleka-kukahulumeni-ne-eskom-isidinga-izinyathelo-ezinqala-zosomabhizinisi-kuloba-untokozo-biyela/

Uthembise ukuthi onjiniyela base-Eskom bamatasa nokulungisa imishini njengoba isigaba sokucisha ugesi sisuke kwesesithupha ngeSonto saya kwesesine ngoMsombuluko.

“Ngiyathembisa ukuthi ngeke liphele isonto ugesi usanqamuka. Onjiniyela bayayilungisa imishini, iloku ibuyela esimweni njengoba ngikhuluma,” kusho yena.

Izingqapheli zomkhakha wamandla ezivamise ukuphawula ngalolu daba azithandanga ukuphawula. Zicele ukuthi i-Eskom inikwe ithuba ngoba iyayilungisa inkinga kagesi.

Inhlangano elwa nokudla imali yabakhokhintela i-Organisation Undoing Tax Abuse ithe inkinga yokucima kukagesi ngeke ixazululwe masisha kodwa inethemba lokuthi i-Eskom isayisebenza kahle le ndaba okwamanje. Ithe izosiqapha ngeso lokhozi isimo e-Eskom.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page