Umuthi omkhulu uwile, kuloba uVusi Mvelase
UBHUT’ Mi angimazanga isikhathi – kubeyiminyaka ethi ayibe wu-37 kuphela. Ngizosho okubili okuthathu – lesi yisikhumbuzo esincane somuntu omkhulu.
Ngahlangana noHlatshwayo eDiakonia. Ngangiyobona u-Anti uPearl Zungu; bobabili babesebenza ndawonye kwiCongress of South African Writers (iCosaw). Wabayisibunge kimina ngokushesha. Wayemdadlana kunami, ngithi ngeminyaka ethi ayibe yishumi, kodwa emusha futhi enamaphupho amakhulu njengathi sonke.
SinoHlatshwayo besinothando olukhulu lwamagama, izindaba nomzabalazo wokukhulula abantu bakithi. Kusukela mhla siqala ngqa ukuhlangana, ngacacelwa ukuthi ngithole umhlobo woqobo – umthandi womlando nezinkondo, umuntu okholelwa emandleni amagama. Ubewumxoxi wezindaba neqhawe, indoda ebinesibindi sebhubesi; yonke indaba ayeyixoxa yayisuka othandweni lwakhe olungashintshi lwe-Afrika.
UHlatshwayo ubewumuntu obuyeka yonke into oyenzayo ukuze umlalele. Amazwi akhe abenesisindo nemfudumalo ewuyizibuthe.
Ubevame ukuxoxa ngamaZulu nabeNguni ngothando olumangalisayo, ethunga izindaba zomlando wethu ngendlela exhumenene nekusasa.
Ngenxa yokuthi wayazi ukuthi ngangike ngahlala eNigeria, wayehlale emagange ukuzwa izindaba ngama-Igbo namaYoruba people, ukwengeza izindaba zalezi zizwe emthonjeni wolwazi lwakhe.
Ukuqonda kwakhe imvelaphi yethu bekujulile, kudephile, kanjalo nolwazi lwakhe lweBhayibheli. Kuyena, belingeyona incwadi nje kodwa beliyisisekelo – ibalazwe lwemvelaphi nebufakazi besiphrofetho sokubekezela kwabantu. Ubebahleka labo abalichithayo, ngoba ubelibona njengencwadi engcwele enyenyeza amaqiniso asendulo nawangomuso.
UHlatshwayo ubenobudlelwano obuxakile nokwesaba. Ubekuzonda kepha ekholelwa emandleni ako. Ehleka kancane, ubevame ukuthi: “Ukusaba, njengokushiywa yigazi, kukwenza uhlale uqaphile – kukunika amandla okuthi unyakaze!” Kodwa ubekunyanya ukusaba lapho bungekho ubulingisa khona, uBandlululo elibona liyinunu enkulu efuna ukusimimilita sonke. Ngakho wanqaba ukuyithambela.
Ukusaba ubebhekana nakho ngamandla, ngokuphokophela nokuphikelela okungapheli kokubona iNingizimu Afrika ikhululekile, wama okweqhawe libhekene naleso silwane.
Ngenkathi sekufike isikhathi sokuthi ngihambe ezweni, ngaya kuye ngiphethe zonke izinto engangizibhale eminyakeni edlule. Angazi ukuthi kungani ngangimthemba ngomsebenzi wempilo yami; ngalezo zinsuku lolo lwazi lwaludinga “ukwaziwa wumuntu ofanele” kuphela.
Kepha ngangazi ukuHlatshwayo uzowaphathisa okwezikhali zamaNtungwa amagama ami. Waqala wangifundisa ngokuvikela umsebenzi wengqondo yakho, phecelezi i-copyright, ecabanga ukuthi sinesikhathi, engazi ukuthi ngizohamba isikhathi esingakanani; noma ngiyoke ngibuye yini. Ngamnika imibhalo yami angangathi vu, ngazi kahle kamhlophe ukuthi uyoyivikela njengephupho lethu lenkululeko.
Kuko konke, wayigcina imibhalo yami. Ngenkathi ngibuya wayeseshicilele ezinye zezinkondlo zami nezindatshana, emile ezithembiswe zakhe nomzabalazo wethu.
Ngenkathi ngiseLusaka, ngangivame ukucabanga uHlatshwayo. Ngabhala iphepha elibuka ikusasa leNingizimu Afrika eholwa ngamaciko nabantu bamasiko bephakama njengamasosha obumbano. Lowo mbono wazalwa yizinkulumo zami naye, ndawonye siphupha iNingizimu Afrika ebumbene, abantu bakhona bengahlukaniswe lutho.
Ngenkathi ngigcina ngibuyiie, uHlatshwayo wabawumuntu wokuqala engambheka. Ngamkhombisa iphepha lami elithi “Institute for Rapid Integration in South Africa” (IRISA), umkhombandlela wami womkhakha wamasiko.
Wawugxumela, engaboni ukungavuthwa kwawo kodwa ebona amandla awo.
Ngosizo lukaMnu uBasil Skhakhane, owathola imali eCaltex, ngabona uHlatshwayo egxuma ehlala. Wafana nohlanya olungenasinqe, ephuma engena, edidiyela umphakathi, engqongqoza koSis’ Gugu Ngcobo, uSolwazi Musa Xulu, uBab’ Thabani Mthiyane, uSolwazi uLangalibalele Mathenjwa, uSolwazi uKhabi Mngoma nabanye abaningi, ukuthi ezamasiko nobuciko zibeseqhulwini.
Ngokukhuthala kwakhe, kwavela iMasisukume Arts and Culture Conference, eyacaba indlela yeKwa-Culture, iKZN Arts and Culture Council.
LALELA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/26/usolwazi-umusa-xulu-ubheka-umnotho-wamagugu-namasiko-mlalele/
Ngale ngosi ngikhumbula uHlatshwayo, ophile impilo ngentshisekelo, isibindi nokuzinikela ekutheni kubenobulungiswa.
Ubenothando olungakhawuki olungelinganiswe nolwamuntu, esaba kuphela izinto ezidinga ukusatshwa.
UHlatshwayo ubewumxoxi wezindaba nesosha. Umsebenzi wakhe uqoshwe kuwo wonke amagama akhe, kuko konke ukwenza kwakhe nazo zonke izimpilo azithintile.
Ubewumuntu obazi ukuthi amagama awasiyo into ebhalwe phansi kuphela kodwa
ayizibuko lezibuko langomuso.
Hamba kahle mhlobo wami. Indaba yakho iyaphila kithina kanti sizohamba nayo. Sizoqhubekela phambili nawe.