Izibalo zeStatistics South Africa zitshengisa ukuthi ezolimo zisize umnotho wezwe ngekota yokuqala yango-2025. Isithombe: yiFreepik

Ezolimo zitakule umnotho ngekota yokuqala

YINTATHELI YOMBELE 

BEKUZOVALWA ngehlahla ngekota yokuqala yango-2025 ukube ezolimo azikhulanga kahle okusize umnotho ukhule kancane ngo-0.1%., uma kuqhathaniswa nekota yokugcina ngo-2024. Zine izimboni kweziyishumi ezikhulile kanti ezishaye emakhanda, eyezolimo.

Ngokwezibalo ezishicilelwe yiStatistics South Africa (iStats SA) izolo, bekuzobhimba uhlelo ukube ezolimo azikhulanga ngo-15.8% kule kota, okwengeze u-0.4 percentage point emnothweni.

“Imvula enhle ibenesandla ekuhambeni kahle kwezinto kwezolimo njengoba kuwumkhakha wokutshala ohlomule kakhulu. Imikhiqizo yezilwane nayo kuyihambele kahle. Ngaphandle kokusizwa ezolimo, umnotho ubuzoncipha ngo-0.3%,” kusho iStats SA. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/29/izinqumo-zikatrump-ziyisikhumbuzo-sokuthi-amazwe-kufanele-athembele-emnothweni-wawo-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Imboni yesibili ekhule kahle eyezokuthutha, ukugcina izimpahla nezokuxhumana njengoba eyenze kahle kakhulu kube ngeyezokuthutha emgwaqweni, amabhanoyi nezinye izimboni eziseka ezokuthutha. 

Ezohwebo, ukudla nezindawo zokuhlala nazo zikhulile ngo-0.5%. 

“Izimayini nezokukhiqiza yizona ezenzele umnotho phansi kakhulu ngekota yokuqala, zombili lezi zimboni zehlise umnotho ngo-0.4 percentage point. Izimayini zinciphe ngo-4.1% kanti okube nesandla kakhulu yimikhiqizo ye-platinum. Amalahle, i-chromium, igolide, ikhopha ne-nickel nakho kuphoxile. I-iron ore, i-manganese ore namadayimane kukhulile kodwa bekunganele ukuthi kusize imboni yonke,” kuqhuba umbiko.  

Ezokukhiqiza zilinyazwe kakhulu wukuthi yehlile imikhiqizo kawoyela wezimoto, amakhemikhali, ukudla, iziphuzo, izimoto neminye imishini yezokuthutha. Lapho okuthe ukubangcono khono ngokwemikhiqizo yizindwangu nezimpahla zokugqoka, ukhuni, iphepha nemishini yomsakazo, ithelevishini nezokuxhumana.  

“Emva kokungabibikho izinsuku ezingu-310, kubuyile ukucinywa kukagesi ngekota yokuqala. Kwehlise imboni kagesi, eyegesi namanzi ngo-2.6%, okuyikona kuncipha okukhulu kunako konke kusukela ngekota yesithathu ngo-2022 lapho yehla khona ngo-2.8%.  

Inhloko yophiko lwe-Macroeconomic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ithe bebengakulindele ukuthi umnotho ukhule ngekota yokuqala njengoba bebebheke ukuthi ume ndawonye. 

Uthe baqaphele ukuthi ukutshala imali akuhambanga ngendlela, ikakhulu imali etshalwa abemboni ezimele njengoba kubephansi ngendlela okwagcina ukubonakala ngayo ngo-2021.  

“Kuyakhathaza lokhu uma sikhuluma ngokukhulisa umnotho nokwandisa amathuba omsebenzi emnothweni. Bekukuningi obekungaqondakali ngekota yokuqala ngenxa yendlela izinto ebezenzeka ngayo nasemhlabeni. Silindele ukuthi izinto zibengcono ngokuqhubeka konyaka,” ubeke kanje. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page