Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi uzoziphendulela ecaleni elithinta ukunyuka kwentela elifakwe yiDA ne-EFF enkantolo. Isithombe: Sithunyelwe

Iyotholana enkantolo neDA ne-EFF nge-VAT- uGodongwana

WUBONISWA MOHALE

UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi awanasisindo amacala athinta ukungalandelwa komthetho uma kuphasiswa imithetho ethinta ukunyusa intela yezimpahla enkantolo. 

NgoLwesine uGodongwana ufake amaphepha okuziphendulela enkantolo lapho ebechaza khona ukuthi bafinyelela kanjani esinqumeni sokunyusa intela yezimpahla i-value added tax (i-VAT) ngo-2 percentage points ngoMashi. 

I-DA ifake icala enkantolo isola uGodongwana, ukhomishana weSouth African Revenue Service, usomlomo wePhalamende, usihlalo wekomiti lomkhandlu wezifundazwe nosihlalo wekomiti lezimali ngokungawulandeli umthetho ngesikhathi kuphasiswa imithetho ezokwandulela ukunyusa intela ngo-2 percentage points

Kuleli cala iDA ihlangane ne-EFF, nayo esola uGodongwana nezinhlaka ezibalwe ngenhla ngokungawulandela umthetho odabeni oluthinta imithetho yokunyusa intela, ebizwa nge-Fiscal Framework.  

UGodongwana uthe ukuphasa kwe-Fiscal Framework yisinqumo esenziwe yiPhalamende kanti yilona elinamandla okuqinisekisa isiphakamiso sakhe ngokunyusa intela noma ishintshe.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/12/intela-yezimpahla-eyamisa-isabelomali-igcine-inyukile/

Uqhube wathi ayikho imithetho ayishintshayo njengoba vele intela iye inyuswe noma yehliswe ngokunquma kwamalungu ePhalamende. 

“Ngiyabona ukuthi iDA ithi isigaba 7 (a) somthetho wentela i-VAT Act asikho semthethweni kodwa angikholwa ukuthi isikulungele ukushintsha imithetho kulesi sigaba esikusona njengamanje ngalolu daba oluthinta izinyathelo ezilandelwe yiPhalamende, okuyizona ezisifaka enkantolo,” kusho uGodongwana. 

Uthe njengoba esefake amaphepha okuziphendulela enkantolo asikho esinye isitatimende azosikhipha noma esizokhishwa wumNyango weziMali ngalolu daba. Isitatimende sikhona kwi-website yomNyango weziMali ethi www.treasury.gov.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page