I-KZN iyasondela ekungeniseni uR100 billion wabatshalimali
WUTHOBILE ZWANE
IBEYIMPUMELELO ingqungquthela yokuheha abatshalimali KwaZulu-Natali, nobekungeyokuqala ehlelwe wuHulumeni woBumbano, iKwaZulu-Natal Investment Conference ephothulwe ngoLwesibili kuleli sonto.
Le ngqungquthela ebiseInkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali, iphele kunezinkampani eziwu-16 ezizibophezele ukutshala uR85.5 billion.
Indikimba yalo nyaka ibithi “Unlocking KZN’s Economic Potential: Driving Trade and Investment to Transform the Province’s Future”), okusho ukuthukulula umnotho waseKZN: ukusebenzisa ukuhweba nokutshala imali ukuguqula ikusasa lesifundazwe.
Le ngqungquthela ibigxile ezihlokweni ezihlukene ezifaka ingqalasizinda, ezokuvakasha nezikagesi ngehloso yokusimamisa umnotho nokwakha amathuba omsebenzi eminyakeni emibili ezayo.
Sichaza ukwesasa kwaso isikhulu esiphezulu seTrade & Investment KwaZulu-Natal uMnu uSihle Ngcamu, sithe: “Leli gxathu lisisondeza ephusheni lethu lokufinyelela kuR100bn ngaphambi kokuthi sibengqungquthela yangonyaka ozayo ezoba ngoMashi.”
Lesi simemezelo sihlangatshezwe yihlombe izethameli zosomabhizinisi eziwu-700, izikhulu zikahulumeni nongoti bezimboni abavumelane ngazwi linye ngokufukula umnotho wesifundazwe.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/12/i-tikzn-isinesikhulu-esiphezulu-esisha/
Ngemva kwaloko uNgcamu ujikelezile ebuka imibukiso ehlukene, wahlangana nosomabhizinisi abaqhamuka ezindaweni ezihlukene zaseKZN. Abaningi bala mabhizinisi amancane balande ukuthi bawaqala kanjani amabhizinisi abo nokuthi yiziphi izinselelo abahlangabezana nazo nezindaba zabo ezikhuthazayo zokusebenza kanzima nethemba.
“Ukubona le mikhiqizo kunikeza ithemba lokuthi sikulungele ukusebenzisa amathuba emakethe yase-Afrika,” kusho yena.
Esinye sezimemezelo ezinkulu ngesikangqongqoshe wokuThuthukisa uMnotho eKZN uMfu uMusa Zondi odalule ukuthi inkampani yaseNingizimu Afrika iZero Carbon Charge izotshala uR9.4bn ekwakheni iziteshi zokushaja izimoto zikagesi.
Lolu hlelo luzofaka izindawo zokushaja eziwu-31 emigwaqweni emikhulu yaseKZN esebenza ngogesi ovuselelekayo. Isiteshi sisinye sizoba namaphaneli elanga nezinhlelo zamabhethri athuthukile futhi sizodala izinkulungwane zemisebenzi futhi sinciphise isisi esingcolisa umoya.
“Loku akukona nje ukutshala kwingqalasizinda kodwa wukuzibophezela ukunciphisa isisi esingcolisa umoya nakwikusasa elihlanzekile leKZN,” kusho yena.
Undunankulu waseKZN uMnu uThami Ntuli uthe yize isifundazwe singakuzuzanga esasizibekele kona ngesikhathi sihlanganisa iqhinga lokuhweba nokuheha abatshalimali ngo-2019, okwakuwukungenisa uR76bn nokwakha imisebenzi ewu-68 000 ngo-2024, kodwa inqubekelaphambili iyabonakala.
Ngesikhathi seziphothuliwe izingxoxo, izikhulu eziphezulu zezinkampani eziwu-16 ezithembise ukutshala imali zisayinile ukuqinisekisa ukuzibophezela kwazo.
Osayine ekugcineni uMnu uJoubert Roux, ongomunye wabasunguli beZero Carbon Charge, uthe lesi yisiqalo sohambo oluhle oluqukethe ithemba lekusasa elihle eKZN.