Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzophinde ethule iSabelomali maduze. Isithombe: Sithunyelwe

UGodongwana akumkhathazi ukuthula iSabelomali kaningi

WUBONISWA MOHALE

WUMENGAMELI kuphela ongathatha isinqumo sokumxosha. Usho kanje ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana izolo ngesikhathi ebuzwa ukuthi uzokwehla yini esikhundleni.

Uthe umsebenzi wokwaba imali uyaqhubeka njengoba ezokwethula iSabelomali esisha esingenantela yezimpahla i-value-added tax (i-VAT) enganyusiwe ngomhlaka-21 wangoMeyi . Kuzoba ngokwesithathu uGodongwana ethula iSabelomali emva kokuthi ezinye zichithiwe. 

FUNDA NALAPHA:
https://www.umbele.co.za/2025/04/24/ugodongwana-ugobe-uphondo-ehoxisa-ukunyusa-i-vat/

“Ngiyagcina namhlanje ukukhuluma nabantu bezindaba. Ngizoze ngikhulume nabo ngomhlaka-21 wangoMeyi, sengethula iSabelomali okwesithathu. Ngizobuyekeza le mithetho elandelayo ethinta iSabelomali, i-Fiscal Framework, Appropriation Bill ne-Division of Revenue Bill. Sesimbhalele usomlomo wePhalamende simcela ukuthi ngomhlaka-21 asivumele sethule iSabelomali,” kusho yena.

Uthe lesi simo siphoqa ukuthi kusetshenziswe imali ekhona ukwenza izidingo zezwe ngoba izwe alikwazi ukuboleka enye imali.

Uthe kumanje izwe lisebenzisa ngaphezu kukaR1 billion ukukhokhela isikweletu salo. Ukhale ngokuthi akakwazi ukunyusa ezinye izintela, okubalwa ekhokhwa yizinkampani, ngoba loku kuzophazamisa ukudaleka kwemisebenzi nokukhula komnotho.

UGodongwana uthe uzoqinisa ezinhlelweni zokuqoqa intela, waxwayisa nabantu ababaleka ukukhokha intela ngoba benamabhizinisi enza izinto eziphambene nomthetho ngokuthi bazolandelwa. 

Uthe baxoxa nawo wonke amaqembu akuhulumeni wokubusa ngokubambisana belandela imithetho i-Money Bills and Related Matters Act. Uthembise ukuthi izinhlelo zikahulumeni ngeke zime ngenxa yokuthi iSabelomali asikaphasiswa kodwa zonke izidingo ziyaqhubeka nokuhanjiswa kubantu futhi nezisebenzi ziyaqhubeka nokuhola.

“Kunemali esizoyinciphisa ngasohlangothini lukahulumeni kodwa ngeke nginitshele konke okwamanje ngoba phela kufanele nami ngichome ngokuthile uma sebethula iSabelomali ngomhlaka-21. Engingakusho nje wukuthi intela izohlala ku-15% futhi kuningi esikufundayo ngokusebenza kukahulumeni wobumbano. Akulula kodwa siyabambisana,” kusho yena.

Uthe akakhathazekile ngokuthi abatshalimali bazothini njengoba esezothula iSabelomali okwesithathu onyakeni owodwa, wathi bayazi ukuthi ziyenzeka lezi zinto kwazise nakwamanye amazwe ziyenzeka.

Amazwi akhe ananelwe wumqondisi-jikelele womnyango uDkt uDuncan Pieterse, othe baxhumene nabatshalimali abakhombise ukungakhathazeki ngokuthulwa izikhawu ezimbalwa kweSabelomali.

“Abatshalimali nezinhlangano eziklelisa amazwe ngomnotho abakhathazekile ngokuthula iSabelomali izikhawu ezimbalwa. Into abakhathazeke ngayo wukuthi siyakwazi yini ukusebenzisa imali esinayo ngendlela, asingeni kwezinye izikweletu futhi sifaka imali ezinhlelweni ezizosimamisa umnotho. Lapha sibala ukutshala imali kwingqalasizinda nakwezinye izinhlelo ezifukula umnotho zidale namathuba omsebenzi,” kusho yena. 

U-Pieterse uphikile ukuthi ukuthulwa izikhawu ezintathu kweSabelomali kumosa imali, wathi akufanele loku kuthathwe njengokumosa imali kodwa zikhona izinhlelo zokuyonga. Phakathi kwezinhlelo zokonga imali uma kuthulwa iSabelomali ubale ukungashicilelwa kwemiqingo yamaphepha njengoba ethi amanye amaphepha azotholakala online.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page