Umnotho ukhule ngo-0.6% emva kokwehla ngonyaka odlule
INTATHELI YOMBELE
KULOKOZA inhlansi yethemba ngomnotho waseNingizimu Afrika njengoba izibalo ezintsha zeStatistics South Africa (iStats SA) zikhomba ukuthi ukhule ngo-0,6% ngekota yesine yonyaka odlule. Lesi yisikhathi esiqala ku-Okthoba, siphele ngoDisemba.
Umnotho wezwe uye wehla ngo-0,1% ngekota yesithathu yango-2024 njengoba uthe ukusimama kancane ngekota yesine.
Izimboni ezenze ukuthi umnotho ukhule ngekota yesine ezolimo, ezikhule ngo-17,2%, okusho ukuthi zikhulise umnotho ngo-0,4%. Kunyuke isivuno sezitshalo nokukhiqiza izimpahla eziphuma emikhiqizweni yemfuyo.
Imboni yezimali nayo ikhulise umnotho. Lapha kubalwa imali, izakhiwo namabhizinisi.
Uhwebo lwezimpahla kuma-wholesale nokudayisa izimoto nako kukhulise umnotho.
Kuthiwa abantu bebethenga ngekota yesine yonyaka, okungenzeka ukuthi bebesebenzisa imali yabo abayitomule ezikhwameni zempesheni.
Izimboni ezingenzanga kahle eyomkhiqizo, eyezokuthutha, eyokugcina izimpahla neyokuxhumana.
Ezomkhiqizo azenzanga kahle ngenxa yokuthi kwehlile ukukhiqiza insimbi, imishini nokunye okuthinta izimoto. Imboni yokuthutha, ukugcina izimpahla nokuxhumana bekuyikota yesine zingakhuli.
Izimayini nazo azenzanga kahle ngenxa yokwehla kokukhiqiza i-manganese ore, i-iron ore, igolide, i-chromium ore, i-nickel ne-copper. Amalahle nokumbiwayo okubizwa ngama-platinum group metal kwenze kahle kodwa loku akuwulethanga umeluko embonini yezimayini iphelele.
Imindeni ibithenga kakhulu izimpahla zokugqoka, izicathulo, ukudla, iziphuzo ezingenatshwala, izikibha, yenza imicimbi, amasiko futhi ithenga nezimpahla zasendlini.
I-group head of South Africa macroeconomic research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman uthe ukukhula komnotho ngo-0.6% kuhambisana nabebekulindele bengabacwaningi kanti kukhombisa ukuthi umnotho usantenga.
Uthe okubakhathaza kakhulu wukuthi imikhakha eminingi ayikafiki esigabeni eyayikusona ngaphambi kwe-COVID-19.
Bakhuthazekile ukubona umehluko emkhakheni wokukhiqiza ugesi, owokuthutha izimpahla nezinguquko okulindeleke ukuthi zilethe ushintsho ezweni.
Yize bekhathazekile ngokwenzeka emnothweni womhlaba kodwa banethemba lokuthi umnotho waseNingizimu Afrika uzokhula kulo nyaka.