Izimoto ngezinye zezimpahla zikaMasipala waseThekwini ebezidayiswa endalini. Izithombe: Zithunyelwe

Indali yezimpahla ingenise uR19.8 million eThekwini

YINTATHELI YOMASIPALA 

INDALI yezimpahla zikaMasipala waseThekwini esanda kubakhona ingenise uR19.8 million emxhakeni wedolobha. 

Kule ndali yezimpahla, okubalwa izimoto, izinsimbi nokunye, bekukhona abantu abawu-529. Kubhalise abawu-259 abathole igunya lokuthenga izimpahla. Ngokujwayelekile kuye kubhalise abantu abawu-90 kuya kwaba-120 abahlose ukuthenga izimpahla. 

Kusho ukuthi eminyakeni emibili edlule ithimba likamasipala elidayisa izimpahla esidlangalaleni selingenise ngaphezu kukaR100m ngezindali zokudayisa izimpahla ebezi-online eziwu-15. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/06/sigunyaziwe-isabelomali-sasethekwini/


Phakathi kwezimpahla ezidayisiwe kuloku kubalwa izimoto eziwu-327, izimpahla ezihlukene eziwu-77 namaqoqo awu-11 ezinsimbi ezihlukene. 

Izinsimbi ezidayiswe wumasipala endalini

Imenenja yomNyango oThenga izimpahla uMnu uMduduzi Tenza ithe imali engenile akade beyilindele. Uthi badayise ngaphezu kwezimoto eziwu-80% ngenani elifanele, yingakho bengenise ngaphezu kukaR19m.

Ithe le ndali bekungeyesibili enkulu, njengoba bake babaneyokudayisa amabhasi eyangenisa uR23m.

“Uma sesiqedile ukubala yonke imali engenile, u-75% uya emnyangweni okhiphe izimpahla ezizodayiswa, kuthi u-25% usala emNyangweni oThenga iziMpahla. Abengamele ukudayisa izimpahla endalin bathola izindleko zabo,” kusho uTenza. 

Ungoti wokudayisa izimpahla endalini online uNks uPhumzile Xaba we-Auction Specialist uthi banobudlelwano obuhle nomasipala ngoba ufuna ukukhulisa umnotho, ulethe noshintsho kubantu. 

Uthe zishintshile izinto kulo mkhakha emva kweCovid-19 njengoba izimpahla eziningi ezidayiswa endalini sezidayisa online

Uthe izinhlelo zokudayisa izimpahla endalini ziyabasiza nabantu ababencishwe amathuba ngokubafundisa ukuthi kufanele benze njani. Uqhube wathi kuyindawo ephephile eyenza abantu bangasabi ngendlela abasaba ngayo uma kudayiswa izimpahla endaweni okufanele baye kuyona.

“Abantu abathenga izimpahla ezidayiswa wumasipala sibone ukuthi bayasizakala njengoba besuke befuna ukukhulisa amabhizinisi abo. Siyalubona uguquko lomnotho olulethwa yilezi zindali,” kusho yena.

Zinhlanu izindali zokudayisa izimpahla esidlangalaleni esezenziwe onyakeni wezimali wango-2024/25 wumasipala. 

Imininingwane ngendali elandelayo izotholakala ezinkundleni zokuxhumana zikamasipala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page