Yize iseyinde indlela, iNingizimu Afrika isiwuphungulile umthwalo owayifaka kwi-grey list. Isithombe: Sithunyelwe

Kuntwela ezansi ngokuphuma kwezwe kwi-grey list

YINTATHELI YOMBELE 


ININGIZIMU Afrika isikhathule indima enkulu ekulungiseni izinto ezabalulwa yiFinancial Action Task Force (iFATF) ngesikhathi iyifaka ohlwini lamazwe athathwa njengangenayo imithetho eqine ngokwanele ukugwema ukushushumbiswa kwemali nokwenza kubelula ukuxhasa abashokobezi, phecelezi i-grey listing.  

Ngokwesitatimende esishicilelwe wumGcinimafa ngoLwesihlanu, umbiko okhishwe yiFATF emva komhlangano ebinawo ngo-Okthoba, leli zwe selizilungisile izinto eziwu-16 kweziwu-22 obekufanele lizilungise. Nokho-ke yize selisele nezinto eziyisithupha kuphela okusafanele lizilungise, umNyango weziMali ugcizelele ukuthi ukuphuma kwi-grey list kuseyinselelo enkulu.  

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/21/akusebenzeki-uma-bengajezi-abantu-ngokukhwabanisa-nenkohlakalo-kuloba-ubusi-mavuso/

UmNyango weziMali uthe: “Yize iNingizimu Afrika isiyenze umsebenzi omkhulu, umGcinimafa ugcizelela akusho mhlaka-2 ngoJulayi ukuthi ukuphuma kwi-grey list ngomhlangano olandelayo kuseyinselelo njengoba iNingizimu Afrika isasalelwe yizinto eziyisithupha okufanele kushaye uFebhuwari wango-2025 isizilungisile. 

“Uma iNingizimu Afrika ikwazi ukulungisa lezi zinto ezisele uma sekuyisikhathi sokubika futhi emhlanganweni wangoFebhuwari ngo-2025 iFATF izogunyaza iFATF Africa Joint Group ukuthi ize izobheka izinto ukuqinisekisa konke osekwenziwe. Loko kuyokwenzeka ngaboMeyi ngo-2025. 

“Uma kuhambe kahle konke loko, i-ATF Africa Joint Group izophakamisa emhlanganweni weFATF ongoJuni ukuthi iNingizimu Afrika ikhishwe kwi-grey list. Nokho-ke uma iFATF Africa Joint Group ibona ukuthi iNingizimu Afrika ayikwenzile konke okwanele ukulungisa lezi zinto ezisele ngoFebhuwari, iNingizimu Afrika kuzodingeka iqhubeke nokubika njalo emva kwezinyanga ezine kuze kube zonke izinto sezilungisiwe. Loko kuyosho ukuthi ukukhishwa kwi-grey list kuyohlehliselwa u-Okthoba esikhundleni sangoJuni noma esinye isikhathi.”   


INingizimu Afrika yafakwa kwi-grey list ngoFebhuwari ngonyaka odlule.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page