Lisabangwa nezibi iPosi, yize abahlengi bekhokhelwe uR86m
WUBONISWA MOHALE
SIFANISWE nesiguli esiphefumula ngamapayipi isimo seSouth African Post Office (iSapo) enezindleko ezidlula imali engenayo.
Izolo iHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele, litshele amalungu ePhalamende ukuthi namanje isimo sezimali seSapo sisesibi.
Inhloko ephethe izindaba zokucwaninga amabhuku eSapo eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele uNks uMakhai Motshekga ithe le nkampani kahulumeni ithole umbiko omubi ngoba akukho okushintshile.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/27/asazovulwa-amaposi-njengoba-isapo-ithole-usizo-oluwur150-million/
“Isimo sezimali eSapo asikashintshi, yize kulethwe ongoti abahlenga izinkampani. Sithole ukuthi izinhlelo ebezibekwe abantu abahlenga izinkampani azenzeki ngenxa yokungabikhona kwemali nangenxa yokuthi iPosi aliphethwe kahle,” kusho yona.
Uthi bakhathazekile ngesimo sale nkampani ngoba inemali encane kunezindleko zayo. “I-Sapo inezindleko eziwuR1.7 billion kodwa esikhwameni sayo inoR1.6bn. Ngesikhathi sicwaninga amabhuku ayo asibutholanga ubufakazi bokuthi imali isebenza kanjani njengoba amanye amarekhodi ebengekho. Wumkhuba esiwukhuzile ngokudlule kodwa uyaqhubeka namanje,” kuchaza uNks uMotshekga.
Uthi imali iyamoswa futhi akekho ojeziswayo njengoba ubuholi bungaqinile. Ubalule ukuthi ocwaningweni lwabo bathole ukuthi kumoswe uR477m futhi iSapo kusafanele ikhokhele abantu ebakweletayo uR16m.
IHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele liphakamise ukuthi kuqiniswe isandla eSapo, kulandelwe imithetho eyengamele ukusebenza kwezimali, kugcinwe amarekhodi okusebenza kwemali, awezimpahla ezikhona futhi kujeziswe nabantu abangawenzi umsebenzi.
Liphakamise nokuthi kuphuculwe ubuchwepheshe eSapo futhi nezinhlelo okufanele zisebenze zenziwe, kungagcini nje ngokuthi kukhulunywe ngazo.
Ilungu le-Action SA ePhalamende uMnu u-Alan Beesley lithe iSapo ibangwa nezibi futhi aliboni ukuthi izohlengeka.
“Siyezwa ukuthi izindleko zeSapo zidlula imali engena esikhwameni sayo. Izohlengwa kanjani le nkampani, namanje ngiyazibuza ukuthi isebenza kanjani ngoba ifana nesiguli esiphefumula ngemapayipi axhunywe emshinini?” kubuza uBeesley.
Ilungu le-EFF uNks uZovuyo Veronica Mente libuze ukuthi kanti yini umsebenzi wabahlengi beSapo uma bekhokhelwa uR86m kodwa iqhubeke nokubangwa nezibi?
Owengamele izinhlelo zokucwaninga iSapo nePostbank ehhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele uMnu u-Andries Sekgetho uthe abantu abahlenga iPosi bebelindele ukuthi izinhlelo zabo ziphumelele ngokunikwa uR6bn kodwa basathole imali engaphezu kancane nje kukaR2bn, basalinde uR3.8bn.
UNks uMente uthe ngeke kulunge ukuthi iSapo iwe ngoba isiza imiphakathi yasemakhaya ngokusondeza izibonelelo zikahulumeni, izinsiza zokuthumela izimpahla nokunye. Konke loku uthe kuzofuneka ukuthi zikwenze ngokugibela ziye emadolobheni uma iSapo iwa.
Usihlalo wekomiti elibheka ukusebenza kwezimali zikahulumeni iStanding Committee on Public Accounts uMnu uSongezo Zibi uthe uma iSapo izimisele ngokuchuma kufanele isebenzise okwamabhange nezinkampani ezidiliva izimpahla.