Umnotho ngeke usakhula ngendlela ebilindelwe
WUSLINDILE KHANYILE, ebika esePitoli
UMNOTHO waseNingizimu Afrika sekulindeleke ukuthi ukhule ngo-1.1% kulo nyaka, esikhundleni sika-1.3% owawubikezelwe kwiSabelomali ngoFebhuwari kanti nemali esizongeniswa wuhulumeni kulo nyaka wezimali u-2024/25 sekulindeleke ukuthi inciphe ngoR17.7 billion. Loku sekunyuse nemali uhulumeni ozoshoda ngayo ngoR34.7bn.
Ethula isabelomali saphakathi nonyaka wezimali, i-Medium-Term Budget Policy Statement (iMTBPS) yango-2024 namhlanje ePitoli, uNgqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe loku kungenxa yokuphazamiseka komnotho nokubaphezulu kwamanani ezimpahla ngesigamu sokuqala sonyaka.
Nokho, kule minyaka emithathu ezayo, kulindeleke ukuthi umnotho ukhule ngo-1.8% phakathi kwango-2025 nango-2027.
“Umnotho ususimeme kusukela kumiswe ukucinywa kukagesi ngoMashi, ukunyuka kwethemba kusukela kuhlanganiswe uhulumeni wobumbano ngoJuni, ukubangcono kokwehla kwamandla emali ezinyangeni ezidlule nokuncipha kwezindleko zokuboleka imali. Zonke lezi zinto kulindeleke ukuthi ziqhubeke ukuseka umnotho,” kusho uGodongwana.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/28/ibhekwa-ngabomvu-eyesikweletu-sezwe-kwisabelomali/
Enaba umqondisi-jikelele emNyangweni weziMali uDkt uDuncan Pieterse ngabakubhekile ngokukhula komnotho, uthe esinye isizathu wukuthi bazama ukugwema ukwenza amaphutha endleleni ababa imali ngayo, okunesandla ekutheni bagcine sebeboleka imali.
“Enye yezinselelo esibenazo phambilini wukuba nethemba kakhulu (ngokukhula komnotho) nokuhambisana nemali esilindela ukuthi ingeniswe yintela, okuyiyona enesandla endleleni esihlinzeka ngayo imali. Uma ingasangeni leyo mali elindelwe bese kufanele sibuyekeze izinto,” kusho yena.
Yize eminyakeni emithathu ezayo kulindeleke ukuthi umnotho ukhule ngo-1.8% kodwa kusengaphansi uma uqhathaniswa namanye amazwe asathuthuka nalawo iNingizimu Afrika ewumlingani nawo kwiBrics.
“Sekuphele iminyaka engaphezu kweshumi iNingizimu Afrika isele emuva kwamanye amazwe asathuthuka. Ezinye izizathu eziyimbangela yaloku wukuncipha kwabatshalimali, ukushoda kukagesi, ezokuthutha ezingathembekile, izindleko eziphezulu uma unebhizinisi nokuntenga komnotho,” kusho umnyango.
Yize imali ezongena inciphile kodwa ezosetshenziswa izokhuphuka ngoR10.4bn. Loku kungenxa yokutshala amasosha eDemocratic Republic of Congo, izindleko ebezingahleliwe kodwa ezingagwemeki, ukukhokha isikweletu seSanral semigwaqo ewuthelawayeka eGauteng nokunyusa isibonelelo esaqalwa nge-COVID-19 i-Social Relief of Distress Grant okwamenyezelwa kwiSabelomali ngoFebhuwari ukuthi sesizoba wuR370 esikhundleni sikaR350.
UGodongwana uthe ezinye zezinto ezizolekelela ukukhulisa umnotho yizinhlelo ezenziwayo ezihambisana nezinguquko ezinqala ezenziwayo emikhakheni ehlukene ngaphansi kohlelo i-Operation Vulindlela.
Umnyango uthe uhlelo lokuqala lwe-Operation Vulindlela lulethe abatshalimali abafake uR390bn.
Bese kuphele iminyaka eminingi amanani ezimpahla eloku ephezulu, obekwenza kubelukhuni ukuthi iBhange loMbuso lehlise imalimboleko, okugcine kwenzekile ngoSepthemba ngesikhathi incishiswa ngo-25 basis points njengoba i-repo rate, inzalo iBhange loMbuso eliyikhokhisa amabhange, isimi ku-8% bese kuthi i-prime rate, inzalo amabhange ayikhokhisa abathengi yona iku-11.50%.
NgoSepthemba ukwehla kwamandla emali kube ku-3.8%. UmGcinimafa uthe ulindele ukuthi loku kubephakathi kuka-4.4% no-4.5% eminyakeni emithathu ezayo.
Izindleko ezihambisana nesikweletu sezwe sezikhuphuke ngoR6.7 bn.
UmGcinimafa uthe eminyakeni emithathu ezayo uhulumeni ulindeleke ukuthi ungenise uR2.3 trillion noma u-24.8% womthamo womnotho.