Akuphenywe ngokuchitheka kwemali kumiswa iSabelomali – iMKP
INTATHELI YOMBELE
UMKHONTO weSizwe Party (iMKP) ufuna iHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele liphenye ukuthi kuchitheke malini ngokuhoxisa ukwethula iSabelomali ngenyanga edlule.
Kuleli sonto okhulumela iMKP uMnu uNhlamulo Ndhlela uthe babhalele iHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke becela ukuthi kubenophenyo ngokumoseka kwemali ngemva kokuhoxisa iSabelomali.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/19/asethulwanga-isabelomali-ebesibhekwe-ngabomvu/
Hhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele liqinisekise kuleli sonto ukuthi lithole incwadi evela kwiMKP kanti lizosibheka isicelo saleli qembu bese liphendula ngencwadi emva kokulandela imigomo ekhona ngokuphenya izimo ezifana nalesi.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba iHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele lithe kubalulekile ukwazi ukuthi njalo ngonyaka lenza ucwaningo ngokusebenza kwemali ePhalamende nayo yonke iminyango kahulumeni.
Uma kwenzeka ukuthi kukhona okungahambi kahle okubonakalayo kulolo cwaningo, kuyabikwa ezinhlakeni ezithintekayo bese kukhishwa imibiko eya ePhalamende.
UmCwaningimabhuku-Jikelele uthe kubalulekile nokwazi ukuthi ihhovisi elibheka ukusebenza kwezimali lenza umsebenzi walo ngaphandle kokwenzela nangendlela enobulungisa ngaso sonke isikhathi.
Khonamanjalo, umNyango weziMali usukuqinisekisile ukuthi iSabelomali sizobakhona ngoLwesithathu oluzayo, mhlaka-12.